Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 2 k. 86-k. 88 isig. 3
  • Amagama Aphinyiselwa Ngokucacile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amagama Aphinyiselwa Ngokucacile
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusebenzisa Inkulumo Enhle Nsuku Zonke
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Khuluma ‘Okwakhayo’
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • ‘Unqambothi Oluvuth’Uphondo’
    I-Phaphama!—1997
  • Ukuthuthukiswa Kwezwi Nokusetshenziswa Komshini Ozwakalisa Izwi
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 2 k. 86-k. 88 isig. 3

ISIFUNDO 2

Amagama Aphinyiselwa Ngokucacile

Yini okudingeka uyenze?

Amagama wabize ngendlela ezoqondwa kalula yizilaleli zakho. Lokhu kuhilela (1) ukuzisebenzisa kahle izitho zokukhuluma kanye (2) nokuqonda indlela akheke ngayo amagama.

Kungani Kubalulekile?

Lapho uphimisela ngokucophelela, abanye bayakuzwa okushoyo. Amagama aphinyiselwa ngokucacile abhekwa njengabalulekile.

UKUZE uzwakale uma ukhuluma, kumelwe ukhulume ngokucacile. Ofuna ukukusho kungase kuthakazelise, mhlawumbe kubaluleke nokubaluleka, kodwa okuningi kuyohamba nomoya uma amagama akho engaqondakali kalula.

Abantu ayibakhuthazi inkulumo abangayiqondi kahle. Ngisho noma umuntu enezwi elikhulu futhi elizwakala kalula, uma egwinya amagama, ngeke abashukumisele abanye esenzweni. Kuyoba sengathi ukhuluma ulimi olungezwakali kolalele. (Jer. 5:15) IBhayibheli liyasikhumbuza: “Uma icilongo likhipha umsindo ongaqondakali, ubani oyolungela ukulwa? Ngendlela efanayo futhi, ngaphandle kokuba ukhulume inkulumo eqondakala kalula ngolimi, kuyokwaziwa kanjani lokho okukhulunywayo? Eqinisweni, niyobe nikhuluma emoyeni.”—1 Kor. 14:8, 9.

Yini Eyenza Inkulumo Ingaqondakali? Kungase kube ukungawuvuli ngokwanele umlomo. Imisipha yomhlathi ebophene nezindebe ezinyakaza kancane kungenza inkulumo ingezwakali.

Ukukhuluma usheshise kakhulu nakho kungenza kube nzima ukulandela okushoyo. Lokhu kufana nokudlala inkulumo eqoshwe emshinini, bese uwugijimisa kakhulu kunalokho oklanyelwe kona. Amagama akhona, kodwa awazuzisi.

Kwezinye izimo, inkulumo engaqondakali ihlobene nokungakheki kahle kwezitho zokukhuluma. Kodwa ngisho nalabo abanenkinga enjalo kuningi abangakwenza ukuze bathuthuke ngokusebenzisa ukusikisela okukulesi sifundo.

Nokho, ezikhathini eziningi ukungaqondakali kwenkulumo kubangelwa ukugwinya amagama—ukuwahlanganisa okwenza kube nzima ukuwaqonda. Le nkinga ingase ihlanganise ukweqa amaqoqo ezinhlamvu noma uhlamvu olubalulekile noma ukugwinya izinhlamvu zokugcina. Lapho umuntu ehlanganisa amagama ngokunganaki, izilaleli zakhe zingase ziwabambe amaphuzu nemishwana ethile bese kudingeka zikuqagele okunye. Ukungaphimisi ngokucacile kungenza umuntu angafundisi ngokuphumelelayo.

Indlela Yokukhuluma Ngokucacile. Esinye sezihluthulelo zokuphimisela amagama ngokucacile ukuqonda ukwakheka kwamagama olimini lwakho. Ezilimini eziningi, amagama akhiwa amaqoqo ezinhlamvu. La maqoqo ezinhlamvu ashiwo ngomthamo owodwa. Ezilimini ezinjalo, lapho ukhuluma, ubiza leli qoqo lezinhlamvu, nakuba lingagcizelelwa ngezinga elifanayo. Uma ufuna kucace okushoyo, ungasheshisi, futhi zama ukuphimisela iqoqo ngalinye lezinhlamvu. Ekuqaleni lokhu kungase kuzwakale kugcizelela ngendlela eyeqisayo, kodwa uma uprakthiza, kancane kancane uyokwazi ukukhuluma ngendlela eshelelayo. Ukuze uqephuze, cishe uyowahlanganisa amagama athile, kodwa kumelwe ukugweme lokhu uma kungenza amagama angaqondakali.

Isixwayiso: Ukuze uphimisele kahle, ungase uprakthize ukukhuluma nokufunda ngendlela egcizelela ngokweqile. Kodwa ungakuvumeli lokho kube indlela yakho evamile yokukhuluma. Ingase izwakale kungeyokuzenzisa futhi ingeyona engokwemvelo.

Uma okushoyo kuzwakala kuphelelwa umfutho, funda ukuphakamisa ikhanda nesilevu. Lapho ufunda iBhayibheli, libambele phezulu ngokwanele ukuze kuthi lapho ubheka izilaleli ubuye ubheke iBhayibheli kungadingeki ukuba uligobise kakhulu ikhanda. Lokhu kuyokwenza ukuba amagama owashoyo aphume ngaphandle kokubambeka.

Ukufunda ukunciphisa uvalo nakho kungakwenza kuzwakale kangcono okushoyo. Kuyaziwa ukuthi uma imisipha yobuso noma leyo elawula ukuphefumula icindezelekile, indlela okhuluma ngayo ingaphazamiseka kakhulu. Lokho kukhathazeka kuthikameza ukubambisana okufanele kube khona phakathi kwengqondo yakho, izitho zokukhuluma, nokuphefumula—inqubo okumelwe ingaphazamiseki futhi ibe ngokwemvelo.

Imisipha yemihlathi kudingeka ikhululeke ukuze isabele ngokushesha emiyalezweni yobuchopho. Nezindebe kumelwe zikhululeke. Kumelwe zilungele ukunwebeka nokuncipha ngokushesha ukuze zikwazi ukukhipha kahle izwi elisuka emlonyeni nasemphinjeni. Uma umhlathi nezindebe kubophekile, umlomo ngeke uvuleke ngendlela efanele, bese izwi liphuma ngamazinyo. Lokhu kuyophumela enkulumweni engalolongekile, ehhumuzelayo nengaqondakali. Nokho, ukukhulula imihlathi nezindebe akusho ukungayinaki imikhuba yethu yokukhuluma. Lokhu kudingeka kuhambisane nokuzijwayeza ukukhipha izwi ngendlela yokuba esikuphimiselayo kucace.

Ekuhlaziyeni isimo sakho, ungase ukuthole kuwusizo ukufunda ngokuzwakalayo. Nakisisa ukuthi uzisebenzisa kanjani izitho ezimangalisayo zokukhuluma. Ingabe umlomo wakho uwuvula ngokwanele ukuze izwi liphume ngaphandle kokuphazamiseka? Kumelwe ukhumbule ukuthi ulimi lwakho alusona ukuphela kwesitho sokukhuluma nakuba kuyilona olusebenza kakhulu. Intamo, umhlathi ongezansi, izindebe, imisipha yobuso neyomphimbo konke kunendima okuyifezayo. Njengoba ukhuluma, ingabe ukhuluma ngaphandle kokunyakazisa ubuso? Uma kunjalo, cishe okushoyo akuqondakali.

Uma unomshini wokuqopha, qopha izwi lakho ukhuluma ngendlela evamile, ngendlela ongakhuluma ngayo nomuntu lapho usenkonzweni yasensimini. Qopha okushoyo imizuzu eminingana. Ukulalela lokho okuqoshiwe kungakusiza ukuba uthole inkinga okungenzeka unayo ekuphimiseni amagama athile ngokucacile. Ngokwesibonelo, qaphela ukugwinya amagama, ukushwashwatha noma ukuwanqamula, bese uzama ukuthola imbangela. Ngokuvamile, lobu buthaka bungase bulungiswe ngokusebenzisa amaphuzu okuxoxwe ngawo ngenhla.

Ingabe unenkinga yokukhuluma? Prakthiza ukuvula umlomo wakho kakhudlwana kunangendlela obewenza ngayo ngaphambili, bese uzama ukuphimisela ngokunaka. Gcwalisa amaphaphu akho ngomoya futhi ukhulume ngokunensa. Ukwenza lokhu kuye kwasiza abaningi abanenkinga yokukhuluma ukuba bazwakale kangcono uma bekhuluma. Uma uthefula, qhelisa ulimi lwakho emazinyweni angaphambili lapho uphimisa o-s no-z emagameni. Nakuba inkinga yakho ingase ingaxazululeki ngokuphelele, ungalilahli ithemba. Khumbula ukuthi uJehova wakhetha uMose, indoda okungenzeka yayingakwazi ukukhuluma kahle, ukuba idlulisele izigijimi ezibalulekile kubantu bakwa-Israyeli nakuFaro waseGibithe. (Eks. 4:10-12) Uma uzimisele, uyokusebenzisa nawe, futhi uyoyibusisa ngempumelelo inkonzo yakho.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Yisho futhi ufunde igama ngalinye ngokucacile—uliphimisele ngokucacile, ngezwi elisesilinganisweni nangejubane elifanele. “Qaphela ukuba ungazigwinyi ezinye izinhlamvu zamagama.”

  • Ungawagwinyi amagama noma uhlanganise amagama ngendlela yokuthi labo abalalele bangaqiniseki ukuthi uthini.

  • Phakamisa ikhanda, futhi uvule umlomo wakho ngokwanele lapho ukhuluma.

  • Prakthiza ukukhulula intamo, umhlathi, izindebe, imisipha yobuso neyomphimbo.

ISIVIVINYO: Khuluma ngendlela yakho evamile. Uwuvula kangakanani umlomo? Ingabe kudingeka uwuvule kakhudlwana futhi unyakazise imisipha yobuso kakhudlwana? Prakthiza ukwenza lokho njengoba ufunda uMathewu 8:23-27 ngokuzwakalayo. Qiniseka ukuthi uyaliphakamisa ikhanda, futhi uzame ukukhulula imisipha yomhlathi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela