Uyamukelwa ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini
EMAZWENI angaphezu kuka-200, emhlabeni wonke, izigidi zabafundi ziyazuza masonto onke emfundweni yeSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Abanye basanda kuhlanganyela. Abanye sebeneminyaka eminingi bekulesi sikole. Lesi sikole siqhutshwa ezindaweni eziningi kakhulu. Kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi emhlabeni, nawe ungasithola isimiso esifanayo semfundo. Abantu babo bonke ubudala, izinhlanga namazinga emfundo, bathola le mfundo yaphezulu mahhala.
Lapho lesi sikole simiswa emabandleni oFakazi BakaJehova ngo-1943, injongo yaso yabekwa ngala mazwi: “Ukuze kulungiselelwe bonke ‘abantu abathembekile’ abaye bezwa iZwi likaNkulunkulu futhi babonakalisa ukholo lwabo kulo ukuba ‘bakwazi ukufundisa abanye’ . . . ngenjongo yokwenza ngamunye . . . akuhlomele kangcono ukukhuluma obala ngethemba elikuye.” (Course in Theocratic Ministry [Imfundo Yenkonzo Engokwasezulwini], k. 4) Injongo yalesi sikole isalokhu injalo kuze kube namuhla.
Ngempela, iyiphi into engcono kakhulu noma ubani kithi angayenza ngesipho sethu esikhulu sokukhuluma esivela kuNkulunkulu? IBhayibheli liyaphendula: “Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.” (IHu. 150:6) Uma senza lokho, sijabulisa inhliziyo kaBaba wethu osezulwini. Simnikeza ubufakazi bokuthi izinhliziyo zethu zisabela ngokwazisa ebuhleni nasothandweni lwakhe. Akumangazi ukuthi kungani amaKristu ekhuthazwa ukuba njalo ‘anikele kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, isithelo sezindebe ezivuma obala igama lakhe’! (Heb. 13:15) Siyakwamukela njengomfundi eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ngombono wokukusiza ukuba uthuthukise ikhono lakho lokusebenzisa isipho osiphiwe uNkulunkulu ukuze udumise uJehova.
Nakuba ukufunda obala nekhono lokukhuluma nelokufundisa linakisiswa esikoleni, izinzuzo zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini azigcini lapho. Njengoba uhlanganyela kuso, uzosizwa ukuba uhlakulele amakhono anjengokuzifundela uwedwa, ukulalela nokukhumbula, ukutadisha, ukucwaninga, ukuhlaziya nokuhlela, ukuxoxa, ukuphendula imibuzo nokubhala phansi amaphuzu. IBhayibheli ngokwalo kanye nezincwadi ezisekelwe kulo ziyoba isisekelo sokutadisha nesokunikeza izimpendulo kanye nezinkulumo esikoleni. Njengoba ugcwalisa ingqondo yakho ngamaqiniso ayigugu atholakala eZwini likaNkulunkulu, uzofunda ukucabanga imicabango kaNkulunkulu. Yeka ukuthi lokho kungazuzisa kanjani kuzo zonke izici zokuphila! Ekhuluma ngokubaluleka kweZwi likaNkulunkulu, uthisha waseyunivesithi wekhulu lama-20 uWilliam Lyon Phelps wabhala: “Wonke umuntu onolwazi oluhle lweBhayibheli angabizwa kufanele ngokuthi ufundile. . . . Ngikholelwa ukuthi ulwazi lweBhayibheli ungenayo imfundo yasekolishi lubaluleke kakhulu kunemfundo yasekolishi ungenalo ulwazi lweBhayibheli.”
Indlela Yokuzuza Ngokugcwele
Yebo, ukuze uzuze ngokugcwele emfundweni enikezwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, wena njengomfundi, kumelwe wenze umzamo. Umphostoli uPawulu wanxusa umngane wakhe ongumKristu uThimothewu: “Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.” (1 Thim. 4:15) Yiziphi izindlela eziwusizo ongazisebenzisa?
Uma kungenzeka, yiba khona masonto onke eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Yisebenzise ngokuhlakanipha le ncwadi ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Bhala igama lakho ezikhaleni ezilungiselelwe lokho ekhasini elinesihloko sencwadi. Yiphathe njalo lapho uya esikoleni. Ungabhala namaphuzu kule ncwadi. Lapho uyifunda bese uthola amaphuzu abalulekile onomuzwa wokuthi ayokusiza, wadwebele. Sebenzisa izikhala ezinkulu ezisemaceleni ukuze ubhale phansi amaphuzu awusizo owafunda phakathi nezinkulumo esikoleni.
Ikhophi yesimiso esiyolandelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ilungiselelwa yodwa eceleni. Isimiso siyohlanganisa nemininingwane yendlela yokuqhuba isikole. Ungase ukuthole kuwusizo ukugcina leso simiso kule ncwadi ukuze usithole eduze.
Lapho ulungiselela isikole samasonto onke, khumbula ukuthi iBhayibheli liyiyona ncwadi eyinhloko. Kubheke njengokubalulekile ukufunda noma iyiphi ingxenye yeBhayibheli ehlelelwe lelo sonto. Uma ukwazi futhi ukufunda ukwaziswa kwezinkulumo ezihlukahlukene ezisesimisweni kusengaphambili, nalokho kuyokuzuzisa kakhulu.
Phakathi nesikole, kungase kube namathuba okuba izilaleli zihlanganyele. Wasebenzise ngokugcwele. Ukuhlanganyela ezingxoxweni ezinjalo kuyisici esibalulekile ekukhumbuleni lokho okuzwayo futhi ukwazi ukukusebenzisa ekuphileni kwakho.
Yiqiniso, bonke abafundi bayoba nethuba lokunikeza izinkulumo nokwenza imiboniso phambi kwebandla. Wasebenzise kahle wonke lawo mathuba. Zimisele ngempela ukuthuthukisa noma isiphi isici sokukhuluma osebenzela kuso. Uyolulekwa ngombono wokuba uqhubeke uthuthuka. Lwamukele lolo sizo. Encwadini yakho, bhala ukusikisela okuqondile kwalokho okufanele ukwenze ukuze uthuthuke. Njengoba kunzima ngomuntu ukuzibona ngendlela abanye abambona ngayo, ukusikisela kothando neseluleko esinikezwayo esisekelwe eBhayibhelini kungamsiza kakhulu ukuba athuthuke. Lokho kuyiqiniso ngisho noma usuneminyaka wabhalisa esikoleni.—IzAga 1:5.
Ungathanda ukuthuthuka ngokushesha? Uma uzimisela, kungenzeka. Yitadishe kusengaphambili indaba eyokhulunyelwa enkulumweni yomfundi ngamunye. Uma kudingeka ivolontiya, uyoba sesimweni sokuvolontiya, futhi lokho kuyokunika okuhlangenwe nakho okwengeziwe. Lapho abanye benikeza izinkulumo, lalelisisa ukuthi bayihlanganisa kanjani indaba. Sifunda komunye nomunye.
Futhi, uma izimo zakho zikuvumela, ungayisheshisa intuthuko yakho ngokuzitadishela le ncwadi kusengaphambili. Uma usukufunde kahle okusezifundweni ezilandelayo ezingu-15, qhubekela phambili ufunde “Isimiso Sokuthuthukisa Ikhono Njengesikhulumi Nanjengomfundisi,” uqale ekhasini 78. Qala ngokufunda isifundo ngasinye, wenze nezivivinyo ezihambisana naso. Kusebenzise enkonzweni yakho lokho okufundayo. Lokhu kungayandisa kakhulu intuthuko yakho njengesikhulumi nanjengomfundisi weZwi likaNkulunkulu.
Imfundo oyithola eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini iyosiza ekukulungiseleleni lokho okubaluleke kakhulu ekuphileni. Njengoba siphila ngenxa yentando kaNkulunkulu, ukumdumisa kusho ukuqaphela ukuthi kungani sikhona. UJehova uNkulunkulu ufanelwe udumo lwezinga eliphakeme kakhulu. (IsAm. 4:11) Imfundo esiyithola esikoleni iyindlela yokufeza lokhu ukuze sikwazi ukucabanga ngokucacile, senze ngobuhlakani futhi siwadlulisele ngokuphumelelayo amaqiniso avela eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe.