Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ip-2 isahl. 13 kk. 180-193
  • ‘Khamulukani Ngenjabulo Kanye Kanye’!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Khamulukani Ngenjabulo Kanye Kanye’!
  • Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Gqoka Amandla Akho, Ziyoni!”
  • “Abantu Bami Bayolazi Igama Lami”
  • “Oletha Izindaba Ezinhle”
  • Abalindi Bakho Baphakamise Izwi Labo”
  • Imfuneko Edingeka Ngokushesha
  • “Igama Elisha”
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
  • Ukubona Uhlobo Olufanele Lwesithunywa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ukukhonza Njengezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-23—UIsaya
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
ip-2 isahl. 13 kk. 180-193

Isahluko Seshumi Nantathu

‘Khamulukani Ngenjabulo Kanye Kanye’!

Isaya 52:1-12

1. Kungani amazwi ayisiprofetho esahluko 52 sika-Isaya ewumthombo wentokozo, futhi anakuphi ukugcwaliseka okubili?

UKUKHULULWA! Ikhona yini enye into engajabulisa abantu abathunjiwe ukwedlula lena? Njengoba isihloko esikhulu sencwadi ka-Isaya siwukukhululwa nokubuyiselwa, akumangalisi ukuthi ngaphandle kwamaHubo, le ncwadi yeBhayibheli ikhuluma kakhulu ngentokozo kunezinye. U-Isaya isahluko 52 ikakhulukazi unikeza abantu bakaNkulunkulu isizathu sokuthokoza. Amazwi akhe ayisiprofetho agcwaliseka eJerusalema ngo-537 B.C.E. Futhi anokugcwaliseka okwengeziwe okuhilela “iJerusalema eliphezulu,” inhlangano kaJehova yasezulwini yezidalwa zomoya, ngezinye izikhathi ebizwa ngokuthi umama nangokuthi umfazi.—Galathiya 4:26; IsAmbulo 12:1.

“Gqoka Amandla Akho, Ziyoni!”

2. Livuka nini iZiyoni, futhi kwenzeka kanjani lokhu?

2 Ngo-Isaya, uJehova ukhuluma nomuzi waKhe awuthandayo, iZiyoni: “Vuka, vuka, gqoka amandla akho, Ziyoni! Gqoka izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele! Ngoba ngeke kuphinde kusangena kuwe ongasokile nongahlanzekile. Zithintithe uthuli, vuka, hlala esihlalweni, Jerusalema. Zithukulule imichilo esentanyeni yakho, ndodakazi eyisithunjwa yaseZiyoni.” (Isaya 52:1, 2) Ngenxa yokuthi izakhamuzi zalo zimthukuthelisile uJehova, sekuyiminyaka engu-70 iJerusalema liyincithakalo. (2 AmaKhosi 24:4; 2 IziKronike 36:15-21; Jeremiya 25:8-11; Daniyeli 9:2) Manje yisikhathi sokuba livuke enkathini ende yokungasebenzi, ligqoke izingubo ezinhle zenkululeko. UJehova ushukumise inhliziyo kaKoresi ukuze akhulule “indodakazi eyisithunjwa yaseZiyoni” ngenjongo yokuba izakhamuzi zangaphambili zaseJerusalema nenzalo yazo zilishiye iBabiloni, ziphindele eJerusalema, futhi zibuyisele ukukhulekela kweqiniso. Akukho muntu ongasokile nongahlanzekile okumelwe abe seJerusalema.—Ezra 1:1-4.

3. Kungani ibandla lamaKristu agcotshiwe lingase libizwe ngokuthi “indodakazi yaseZiyoni,” futhi likhululwe kukuphi?

3 La mazwi ka-Isaya ayagcwaliseka nasebandleni lobuKristu. Ibandla lamaKristu agcotshiwe lingachazwa ngokuthi ‘liyindodakazi yaseZiyoni’ yanamuhla ngoba “iJerusalema eliphezulu” lingumama walo.a Njengoba bekhululiwe ezimfundisweni zamaqaba nezezihlubuki, abagcotshiwe kumelwe bahlale benokuma okuhle phambi kukaJehova, cha, hhayi ngokuba basokwe enyameni, kodwa ngokusokwa ezinhliziyweni zabo. (Jeremiya 31:33; Roma 2:25-29) Lokhu kuhlanganisa ukulondoloza ukuhlanzeka okungokomoya, okungokwengqondo nokokuziphatha phambi kukaJehova.—1 Korinte 7:19; Efesu 2:3.

4. Nakuba “iJerusalema eliphezulu” lingakaze lingamlaleli uJehova, kwenzekani kubameleli balo emhlabeni okufuze okwenzeka ezakhamuzini zaseJerusalema lasendulo?

4 Yiqiniso, “iJerusalema eliphezulu” alikaze lingamlaleli uJehova. Nokho, phakathi nempi yezwe yokuqala, abameleli balo emhlabeni—amaKristu agcotshiwe—baphula umthetho kaJehova kungengamabomu ngenxa yokuthi babengakuqondi kahle ukungathathi-hlangothi kobuKristu beqiniso. Lapho belahlekelwa umusa waphezulu, “iBabiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga, labathumba ngokomoya. (IsAmbulo 17:5) Isimo sabo sokugqilazwa safinyelela umvuthwandaba ngo-June 1918 ngesikhathi izisebenzi ezingu-8 ze-Watch Tower Society ziboshelwa amacala amanga, kuhlanganise nelokubopha uzungu. Ngaleso sikhathi umsebenzi ohleliwe wokushumayela izindaba ezinhle wacishe wama. Kodwa ngo-1919 kwakhishwa isimemezelo esicacile sokuba kuvukwe ngokomoya. AmaKristu agcotshiwe aqala ukuzehlukanisa ngokuphelele nokungcola kokuziphatha nokungokomoya kweBabiloni Elikhulu. Avuka othulini lokuthunjwa, futhi “iJerusalema eliphezulu” laba nobuhle ‘bomuzi ongcwele’ lapho kungamukelwa neze khona ukungcola okungokomoya.

5. Kungani uJehova enegunya eliphelele lokuthenga abantu bakhe kabusha kodwa angabanikezi sinxephezelo abathumbi?

5 Ngo-537 B.C.E. nango-1919 C.E., uJehova wayenegunya eliphelele lokukhulula abantu bakhe. U-Isaya uyachaza: “Yilokhu uJehova akushilo: ‘Nathengiswa mahhala, futhi niyothengwa kabusha ngaphandle kwemali.’” (Isaya 52:3) IBabiloni lasendulo neBabiloni Elikhulu alikhokhanga lutho ngesikhathi lithatha abantu bakaNkulunkulu besivumelwano libenza izigqila. Njengoba kungathengiselwananga, uJehova wayesenguMnikazi wabantu bakhe ongokomthetho. Ingabe kwakufanele azizwe kukhona amkweletayo? Cha. Kuzo zombili lezi zimo, uJehova angabathenga kabusha abakhulekeli bakhe ngaphandle kokunikeza abathumbi babo isinxephezelo.—Isaya 45:13.

6. Yiziphi izifundo ezenzeke emlandweni izitha zikaJehova ezihluleka ukuzinaka?

6 Izitha zikaJehova zazingafundanga sifundo emlandweni. Siyafunda: “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo: ‘Abantu bami behlela eGibithe okokuqala ukuba bayogogobala khona; i-Asiriya lona labacindezela ngaphandle kwesizathu.’” (Isaya 52:4) UFaro waseGibithe wagqilaza ama-Israyeli, lawo ayebiziwe ukuba azohlala ezweni lakhe njengezivakashi. Kodwa uJehova wamminzisa uFaro nebutho lakhe oLwandle Olubomvu. (Eksodusi 1:11-14; 14:27, 28) Lapho inkosi yase-Asiriya uSaneheribi isongela iJerusalema, ingelosi kaJehova yabulala amasosha ale nkosi angu-185 000. (Isaya 37:33-37) Ngokufanayo, iBabiloni lasendulo kanye neBabiloni Elikhulu ngeke liphunyule emiphumeleni yokucindezela abantu bakaNkulunkulu.

“Abantu Bami Bayolazi Igama Lami”

7. Ukuthunjwa kwabantu bakaJehova kuye kwalithinta kanjani igama lakhe?

7 Ukuthunjwa kwabantu bakaJehova kuyalithinta igama lakhe, njengoba isiprofetho sibonisa: “‘Manje, yini enginayo lapha?’ kusho uJehova. ‘Ngoba abantu bami bathathwa mahhala. Bona kanye abababusayo babelokhu behewula,’ kusho uJehova, ‘futhi njalo, usuku lonke, igama lami laliphathwa ngendelelo. Ngaleso sizathu abantu bami bayolazi igama lami, yebo ngaleso sizathu ngalolo suku, ngoba Yimi okhulumayo. Bheka! Yimi.’” (Isaya 52:5, 6) UJehova unandabani nalesi simo? Unandabani nokuthi u-Israyeli ugqilaziwe eBabiloni? UJehova kumelwe athathe isinyathelo ngoba iBabiloni lithumbe abantu bakhe futhi kuyalijabulisa lokho. Ukuqhosha okunjalo kuye kwabangela ukuba iBabiloni liphathe igama likaJehova ngendelelo. (Hezekeli 36:20, 21) Aliboni ukuthi ukwenziwa kweJerusalema incithakalo kubangelwa ukungathokozi kukaJehova ngabantu bakhe. Kunalokho, iBabiloni libheka ukugqilazwa kwamaJuda njengobufakazi bokuba buthaka kukaNkulunkulu wawo. Umbusi waseBabiloni uBelishasari uze adelele uJehova ngokusebenzisa izitsha zethempeli laKhe ngesikhathi sedili lokuhlonipha onkulunkulu baseBabiloni.—Daniyeli 5:1-4.

8. Igama likaJehova liye laphathwa kanjani kusukela kwafa abaphostoli?

8 Kusebenza kanjani ‘eJerusalema eliphezulu’ konke lokhu? Selokhu ukuhlubuka kwavela phakathi kwabathi bangamaKristu, kungashiwo ukuthi “igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa ngenxa [yalabo bantu] phakathi kwezizwe.” (Roma 2:24; IzEnzo 20:29, 30) Ngenxa yenkolelo-ze, amaJuda abe eseqala ukugwema ukusebenzisa igama laphezulu. Ngokushesha nje ngemva kokufa kwabaphostoli, amaKristu ayizihlubuki enza okufanayo, ayeka ukusebenzisa igama likaNkulunkulu. Lokhu kuhlubuka kwaholela ekwakhekeni kweLobukholwa, ingxenye eyinhloko yeBabiloni Elikhulu. (2 Thesalonika 2:3, 7; IsAmbulo 17:5) Ukuziphatha okubi kweLobukholwa okungenamingcele necala legazi elikhulu kwalimelela kabi igama likaJehova.—2 Petru 2:1, 2.

9, 10. Yikuphi ukuqondwa okujulile kwezindinganiso zikaJehova negama lakhe abantu bakaNkulunkulu besivumelwano abakutholile namuhla?

9 Ngesikhathi uKoresi Omkhulu, uJesu Kristu, ekhulula abantu bakaNkulunkulu besivumelwano ekugqilazweni yiBabiloni Elikhulu ngo-1919, baziqonda kangcono izimfuneko zikaJehova. Base bezihlanzile kakade ezimfundisweni eziningi zeLobukholwa ezisuka emaqabeni angaphambi kobuKristu, njengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo nokuhlushwa phakade esihogweni somlilo. Manje base beqala ukuthintitha yonke iminonjana yethonya leBabiloni. Baqala nokuqaphela ukubaluleka kokulondoloza ukungathathi-hlangothi okuqinile ngokuphathelene nezindaba zamaqembu alwela izwe. Babefuna nokuzihlanza kunoma iliphi icala legazi okungenzeka abanye babenalo.

10 Izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla nazo zakuqonda ngokujulile ukubaluleka kwegama likaJehova. Ngo-1931 zathatha igama elithi oFakazi BakaJehova, ngaleyo ndlela zimemezela obala ukuthi zisekela uJehova negama lakhe. Ngaphezu kwalokho, besebenzisa i-New World Translation kusukela ngo-1950, oFakazi BakaJehova baye babuyisela igama laphezulu endaweni yalo efanele eBhayibhelini. Yebo, bayalazisa igama likaJehova futhi balenza laziwe nasemaphethelweni omhlaba.

“Oletha Izindaba Ezinhle”

11. Kungani efaneleka amazwi athi “UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!” ngokuqondene nezenzakalo zango-537 B.C.E.?

11 Manje sesiphendukela eZiyoni ngesikhathi liseyincithakalo. Kufika isithunywa siphethe izindaba ezinhle: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula, oletha izindaba ezinhle zokuthile okungcono, omemezela insindiso, lowo othi kulo iZiyoni: ‘UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!’” (Isaya 52:7) Ngo-537 B.C.E., kungashiwo kanjani ukuthi uNkulunkulu weZiyoni useyiNkosi? UJehova ubengeve yini elokhu eyiNkosi? Yebo, ‘uyiNkosi yaphakade’! (IsAmbulo 15:3) Kodwa isibabazo esithi “UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!” siyafaneleka ngoba ukuwa kweBabiloni nesimemezelo esivela ebukhosini sokuba kwakhiwe kabusha ithempeli laseJerusalema, futhi kubuyiselwe ukukhulekela okuhlanzekile khona kuwukubonakaliswa okusha kobukhosi bukaJehova.—IHubo 97:1.

12. Ubani owahola ‘ekuletheni izindaba ezinhle,’ futhi kanjani?

12 Ngosuku luka-Isaya, akukho muntu noma iqembu labantu elabizwa ngokuthi ‘liletha izindaba ezinhle.’ Kodwa namuhla uyaziwa umphathi wezindaba ezinhle. UJesu Kristu uyisithunywa sikaJehova sokuthula esikhulu kunazo zonke. Ngesikhathi esemhlabeni, washumayela izindaba ezinhle zokuthi abantu bayokhululwa kuyo yonke imiphumela yesono esatholakala ku-Adamu, kuhlanganise nokugula nokufa. (Mathewu 9:35) UJesu wabeka isibonelo sokukushisekela ukumemezela lezi zindaba ezinhle zokuthile okungcono, ebamba wonke amathuba ayengafundisa ngawo abantu ngoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 5:1, 2; Marku 6:34; Luka 19:1-10; Johane 4:5-26) Futhi abalandeli bakhe basilandela isibonelo sakhe.

13. (a) Umphostoli uPawulu ubonisa kanjani ukuthi isebenza nakwabanye inkulumo ethi “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle”? (b) Kungani kungathiwa izinyawo zezithunywa “zinhle”?

13 Encwadini yakhe kwabaseRoma, umphostoli uPawulu ucaphuna u-Isaya 52:7 ngenjongo yokugcizelela ukubaluleka komsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle. Uphakamisa uchungechunge lwemibuzo eshukumisa ingqondo, ehlanganisa nothi ‘Abantu bayokuzwa kanjani kungekho oshumayelayo?’ Ube esethi: “Njengoba nje kulotshiwe: ‘Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!’” (Roma 10:14, 15) Ngaleyo ndlela uPawulu ubonisa ukuthi u-Isaya 52:7 usebenza nakwabanye, esebenzisa isichasiso esisebuningini esithi “zalabo,” esikhundleni sesisebunyeni esithi “zalowo,” okuyisona esisembhalweni wokuqala ka-Isaya. Elingisa uJesu Kristu, wonke amaKristu ayizithunywa zezindaba ezinhle zokuthula. “Zibukeka kahle” ngamuphi umqondo izinyawo zawo? U-Isaya ukhuluma sengathi lesi sithunywa siza eJerusalema siqhamuka ezintabeni zakwaJuda eziseduzane. Uma ukude awukwazi ukubona izinyawo zesithunywa. Kodwa lapha kubhekiselwa kuso ngokwaso isithunywa, izinyawo zimelela sona uqobo. Njengoba nje uJesu nabafundi bakhe babewumbukwane omuhle kwabathobekileyo ekhulwini lokuqala, oFakazi banamuhla nabo bawumbukwane ojabulisayo kwabathobekileyo abalalela isigijimi sezindaba ezinhle esisindisa ukuphila.

14. UJehova ube kanjani iNkosi ezikhathini zanamuhla, futhi kwamenyezelwa kusukela nini lokhu kubantu?

14 Ezikhathini zanamuhla, sizwakale kusukela nini isimemezelo esithi “UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!”? Kusukela ngo-1919. Emhlanganweni owawuse-Cedar Point, Ohio, ngalowo nyaka, uJ. F. Rutherford, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngaleso sikhathi, washukumisa izilaleli zakhe ngenkulumo ethi “Inkulumo Yezisebenzi.” Le nkulumo, eyayisekelwe ku-Isaya 52:7 nesAmbulo 15:2, yakhuthaza bonke ababekhona ukuba bangenele umsebenzi wokushumayela. Zaqala kanjalo ukuqhamuka ‘ezintabeni izinyawo ezibukeka kahle.’ Kwaqale kwaphuma amaKristu agcotshiwe, kwabe sekulandela abangane bawo ‘bezinye izimvu’ bashumayela ngentshiseko izindaba ezinhle zokuthi uJehova useyiNkosi. (Johane 10:16) UJehova wayebe kanjani iNkosi? Wabubonakalisa kabusha ubukhosi bakhe ngo-1914 lapho ebeka iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuba ibe iNkosi eMbusweni wasezulwini owawusanda kumiswa. Futhi uJehova waphinde wabubonakalisa ngenye indlela ubukhosi bakhe ngo-1919 lapho ekhulula “u-Israyeli kaNkulunkulu” eBabiloni Elikhulu.—Galathiya 6:16; IHubo 47:8; IsAmbulo 11:15, 17; 19:6.

Abalindi Bakho Baphakamise Izwi Labo”

15. Bangobani “abalindi” abaphakamisa amazwi abo ngo-537 B.C.E.?

15 Ingabe siyamukelwa isimemezelo esithi “UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!”? Yebo. U-Isaya uyabhala: “Lalela! Abalindi bakho baphakamise izwi labo. Baqhubeka bekhamuluka ngenjabulo kanye kanye; ngoba bayobona ngaso linye lapho uJehova ebutha iZiyoni elibuyisa.” (Isaya 52:8) Akukho balindi abamiswa ezindaweni zabo ukuze bamukele izithunjwa zokuqala ezibuyayo eJerusalema ngo-537 B.C.E. Sekuyiminyaka engu-70 lo muzi uyincithakalo. (Jeremiya 25:11, 12) Ngakho “abalindi” abaphakamisa amazwi abo kumelwe kube yilawo ma-Israyeli azizwa kuqala izindaba zokubuyiselwa kweZiyoni, abese ezidlulisela kubo bonke abantwana beZiyoni. Lapho bebona uJehova enikela ngeBabiloni kuKoresi ngo-539 B.C.E., abalindi abangabazi ukuthi uJehova ukhulula abantu bakhe. Kanye nalabo abasamukelayo isimemezelo sabo, abalindi balokhu bememeza ngentokozo nangobunye, betshela abanye lezi zindaba ezinhle.

16. Abalindi babona bani “ngaso linye,” futhi ngamuphi umqondo?

16 Laba balindi abaqaphile bakha ubuhlobo obuseduze nobomuntu siqu noJehova, njengokungathi babonana naye “ngaso linye,” noma ubuso nobuso. (Numeri 14:14) Ukusondelana kwabo noJehova, kanye nomunye nomunye kuqokomisa ubunye abanabo nesigijimi sabo esijabulisayo.—1 Korinte 1:10.

17, 18. (a)  Isigaba somlindi sanamuhla siliphakamise kanjani izwi laso? (b) Kungamuphi umqondo isigaba somlindi simemeze ngobunye?

17 Ekugcwalisekeni kosuku lwanamuhla, isigaba somlindi, “isigqila esikholekile nesiqondayo,” siphakamisa izwi laso, singaliphakamiseli nje labo kakade asebesenhlanganweni kaNkulunkulu ebonakalayo, kodwa nalabo abangaphandle. (Mathewu 24:45-47) Kwaphuma isimemezelo sokubutha abaseleyo babagcotshiwe ngo-1919, kwathi ngo-1922 lesi simemezelo safakwa umfutho emhlanganweni owawuseCedar Point, Ohio, lapho kunxuswa ukuba ‘kumenyezelwe, kumenyezelwe, kumenyezelwe, iNkosi noMbuso wayo.’ Kusukela ngo-1935, kuye kwagxilwa ekubutheni isixuku esikhulu sabanjengezimvu. (IsAmbulo 7:9, 10) Eminyakeni yamuva isimemezelo sobukhosi bukaJehova siye saba nomfutho. Kanjani? Ngonyaka ka-2000, abantu abangaba izigidi eziyisithupha babehlanganyela ekumemezeleni ubukhosi bukaJehova emazweni angaphezu kuka-230. Ngaphezu kwalokho, INqabayokulinda, ithuluzi eliyinhloko lesigaba somlindi, imemezela lesi sigijimi esijabulisayo ngezilimi ezingaphezu kuka-130.

18 Ukuhlanganyela kulo msebenzi owenza abantu babe nobunye kudinga ukuthobeka nothando lobuzalwane. Ukuze lesi simemezelo sisebenze, bonke abasimemezelayo kumelwe bashumayele isigijimi esisodwa, esikhuluma ngegama likaJehova, ilungiselelo lakhe lesihlengo, ukuhlakanipha kwakhe, uthando lwakhe noMbuso wakhe. Njengoba amaKristu esebenzisana emhlabeni wonke, siya siqina isibopho somuntu siqu anaso noJehova sokumemezela ngobunye izindaba ezijabulisayo.

19. (a) ‘Izindawo ezibhuqiwe zaseJerusalema’ zenama kanjani? (b) UJehova ‘uyembule’ ngamuphi umqondo “ingalo yakhe engcwele”?

19 Njengoba abantu bakaNkulunkulu bememeza ngentokozo, ngisho nendawo abahlala kuyo ibukeka yeneme. Lesi siprofetho siyaqhubeka: “Yenamani, khamulukani ngenjabulo kanye kanye, nina zindawo ezibhuqiwe zaseJerusalema, ngoba uJehova ubaduduzile abantu bakhe; ulithengé kabusha iJerusalema. UJehova uyembulile ingalo yakhe engcwele phambi kwamehlo azo zonke izizwe; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.” (Isaya 52:9, 10) Lapho kufika izithunjwa ezivela eBabiloni, izindawo ezibangela usizi zaseJerusalema eliyincithakalo kuba sengathi zenamile ngoba ukukhulekela kukaJehova okumsulwa sekungabuyiselwa manje. (Isaya 35:1, 2) Kusobala ukuthi nguJehova obangela lokhu. ‘Wembule ingalo yakhe engcwele,’ njengokungathi ufingqa imikhono ukuze enze umsebenzi wokusindisa abantu bakhe.—Ezra 1:2, 3.

20. Ube yini umphumela, futhi usazoba yini umphumela wokwembula kukaJehova ingalo yakhe engcwele ezikhathini zanamuhla?

20 Kulezi “zinsuku zokugcina,” uJehova wembule ingalo yakhe engcwele ukuze avuselele insali egcotshiwe, “ofakazi ababili” okukhulunywa ngabo encwadini yesAmbulo. (2 Thimothewu 3:1; IsAmbulo 11:3, 7-13) Kusukela ngo-1919, baye balethwa epharadesi elingokomoya, isimo esingokomoya manje abasihlanganyela nezigidi zabangane babo, ezinye izimvu. Ekugcineni, uJehova uyokwambula ingalo yakhe ngenjongo yokulethela abantu bakhe insindiso ‘eHar–Magedoni.’ (IsAmbulo 16:14, 16) Ngaleso sikhathi, “yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu.”

Imfuneko Edingeka Ngokushesha

21. (a) Yini edingekayo kulabo ‘abathwala izitsha zikaJehova?’ (b) Kungani singekho isizathu sokuba amaJuda asuka eBabiloni abe netwetwe?

21 Labo abaphuma eBabiloni babuyele eJerusalema kudingeka bahlangabezane nemfuneko ethile. U-Isaya uyabhala: “Sukani, sukani, phumani lapho, ningathinti lutho olungcolile; phumani phakathi kwalo, zigcineni nihlanzekile, nina enithwala izitsha zikaJehova. Ngoba aniyikuphuma ninetwetwe, futhi aniyikuhamba ngokubaleka. Ngoba uJehova uyobe ehamba phambi kwenu, futhi uNkulunkulu ka-Israyeli uyobe eyibutho lenu labaqaphi elingemuva.” (Isaya 52:11, 12) Ama-Israyeli asuka eBabiloni kumelwe ashiye noma yini engcoliswe ukukhulekela kwamanga kwaseBabiloni. Njengoba ethwele izitsha zikaJehova ezazivele ethempelini eJerusalema, kumelwe ahlanzeke, hhayi nje ukuhlanzeka kwangaphandle okunemicikilisho, kodwa ngokuyinhloko ukuhlanzeka ezinhliziyweni zawo. (2 AmaKhosi 24:11-13; Ezra 1:7) Ngaphezu kwalokho, uJehova uhamba phambi kwawo ngakho awanasizathu sokuba netwetwe, kungadingeki nokuba aphaphatheke ebaleka, njengokungathi axoshwa abantu abomele igazi asebesezithendeni zawo. UNkulunkulu ka-Israyeli uyibutho labo labaqaphi elingemuva.—Ezra 8:21-23.

22. UPawulu usigcizelela kanjani isidingo sokuhlanzeka kumaKristu agcotshiwe?

22 Amazwi ka-Isaya okulondoloza ukuhlanzeka agcwaliseka kakhulu enzalweni ‘yeJerusalema eliphezulu.’ Lapho uPawulu eluleka amaKristu aseKorinte ukuba angaboshelwa ejokeni nabangewona amakholwa, wacaphuna amazwi ka-Isaya 52:11: “‘Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta into engahlanzekile.’” (2 Korinte 6:14-17) Njengama-Israyeli abuyela ekhaya esuka eBabiloni, amaKristu kumelwe angasondeli nokusondela ekukhulekeleni kwamanga kweBabiloni.

23. Izinceku zikaJehova namuhla zizama ukuzigcina zihlanzekile ngaziphi izindlela?

23 Kwakunjalo ngokukhethekile kubalandeli bakaJesu Kristu abagcotshiwe ababaleka eBabiloni Elikhulu ngo-1919. Kancane, kancane bazihlanza kuyo yonke iminonjana yokukhulekela kwamanga. (Isaya 8:19, 20; Roma 15:4) Baya bekuqaphela ngokwengeziwe nokubaluleka kokuziphatha okuhlanzekile. Nakuba oFakazi BakaJehova bebelokhu benezindinganiso eziphakeme zokuziphatha, INqabayokulinda ka-1952 yayinezihloko ezazigcizelela isidingo sokujezisa abaziphethe kabi ukuze kugcinwe ibandla lihlanzekile. Leso sijeziso sisiza nomenzi wokubi abone isidingo sokuphenduka ngobuqotho.—1 Korinte 5:6, 7, 9-13; 2 Korinte 7:8-10; 2 Johane 10, 11.

24. (a) Ezikhathini zanamuhla, ziyini “izitsha zikaJehova”? (b) Kungani amaKristu namuhla eqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka ehamba phambi kwawo futhi abe ibutho lawo labaqaphi elingemuva?

24 AmaKristu agcotshiwe kanye nesixuku esikhulu sezinye izimvu bazimisele ukungathinti lutho olungcolile ngokomoya. Isimo sabo sokuba msulwa nesokuhlanzeka sibenza bakufanelekele ukuthwala “izitsha zikaJehova”—amalungiselelo ayigugu uNkulunkulu awenzela inkonzo engcwele yendlu ngendlu, yokuqhuba izifundo zeBhayibheli nezinye izinhlobo zemisebenzi yobuKristu. Uma bezigcina behlanzekile, abantu bakaNkulunkulu namuhla bangaqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka ehamba phambi kwabo futhi abe ibutho labo labaqaphi elingemuva. Njengoba bengabantu bakaNkulunkulu abahlanzekile, banezizathu eziningi ‘zokukhamuluka ngenjabulo kanye kanye’!

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka iSahluko 15 sale ncwadi ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe yobuhlobo phakathi ‘kweJerusalema eliphezulu’ nabantwana balo abagcotshiwe basemhlabeni.

[Isithombe ekhasini 183]

IZiyoni liyokhululwa ebugqilini

[Isithombe ekhasinii 186]

Kusukela ngo-1919, ‘izinyawo ezibukeka kahle’ ziphinde zaqhamuka “ezintabeni”

[Isithombe ekhasini 189]

OFakazi BakaJehova bakhuluma ngokuvumelana

[Isithombe ekhasini 192]

Labo ‘abathwele izitsha zikaJehova’ kumelwe bahlanzeke ngokuziphatha nangokomoya

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela