Ukusekelwa Ngokwezimali Ngeminikelo Yokuzithandela
Wonke umsebenzi ochazwe ngaphambili usekelwa izisebenzi zokuzithandela, kanjalo kugcinwe izindleko ziphansi. Inkonzo yendlu ngendlu kanye nokusakazwa kwezincwadi kwenziwa ngokuzithandela oFakazi BakaJehova. Bayazikhokhela izindleko zabo siqu. Abadala abaqondisa amabandla, besizwa izinceku ezikhonzayo, abakhokhelwa ngenkonzo yabo. Bahlangabezana nazo zonke izindleko zabo siqu.
Ngisho namalungu eNdikimba Ebusayo kanye nabo bonke abanye abasebenza isikhathi esigcwele ekulungiseleleni nasekukhiqizeni amaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli bathola kuphela indawo yokulala nokudla kanye nemadlana encane yokuhlangabezana nezindleko. Kungokufanayo nangababonisi abajikelezayo besikhathi esigcwele.
Izincwadi zethu zinyatheliselwa ukusiza abantu ababonisa isithakazelo esiqotho eBhayibhelini. Izindleko zezinto zokusebenza, ezokukhiqiza nezokuthumela zihlanganiswa ngeminikelo yabantu abathakazelayo futhi ilekelelwa iminikelo, amafa, nokunye okunjalo okwenziwa oFakazi BakaJehova ngokwabo.
Kuyo yonke imihlangano yoFakazi BakaJehova, kungakhathaliseki ukuthi eyebandla noma imihlangano emikhulu, kuba khona amabhokisi eminikelo ukuze asetshenziswe yilabo abanesifiso sokunikela. Akuthathwa nkongozelo. Akunazintela noma okweshumi okumelwe kukhokhwe. Njengoba kulotshiwe emiBhalweni, umuntu ngamunye anganikela njengokwalokho akunqumile enhliziyweni yakhe.—2 Korinte 8:12; 9:7.
• Umsebenzi woFakazi BakaJehova usekelwa kanjani wonke ngokwezimali?