Isifundo 19
Ukusebenzisa Isikole Ukuthuthukisa Inkonzo Yasensimini
1. Lapho silungiselela izinkulumo zethu zabafundi, iyiphi injongo yesikole esifanele siyikhumbule na?
1 Enye yezinjongo ezinkulu Zesikole Senkonzo esingokwaseZulwini wukusisiza sibe-ngabaphumelelayo ngaphezulu enkonzweni yasensimini. Khumbula lokho lapho ulungiselela izabelo zakho. Thakazelela hayi nje ekutholeni ulwazi njengesiphetho, kepha nendlela ongasebenzisa ngayo lololwazi ekushumayeleni kwakho nokufundisa enkonzweni yasensimini.
2. Ukuzijwayeza izinkulumo zabafundi bekungahle kwenziwe kanjani ukuze kunikezwe ubufakazi na?
2 Abanye benza okuhle ukusetshenziswa okuqondile kwezabelo zabo ngokuzijwayeza zona kukhona abahlobo, abakhelwane, othisha besikole, amalunga omkhaya angakholwayo nabanye abayolalela. Lokhu kufeza izinto eziningana. Umfundi angakubona ukusabela kwabanye futhi angenza izinguquko zokuyithuthukisa inkulumo. Futhi, lokhu kungavusela isithakazelo somunye umuntu eBhayibhelini lapho ebona indaba enosizo inikelwa. Kungabayindlela yokusondela yokummema ukuba-khona esikolweni senkonzo. Abantu abaningi bangeniswe ngalendlela eHolweni loMbuso. Omunye uFakazi eJapan walungiselela ingxenye yakhe yesimiso sesikole senkonzo ngaphambi kwelunga lesonto ayelivakashele ngokukhethekile. Isihloko sakhe sasithi “Abantu bakaNkulunkulu bayalwa ukuphuma e‘Babiloni.’” Inkosikazi yabonisa isithakazelo yavumela isifundo seBhayibheli.
3. Yini eyoqhubezela ukusebenzisa kwethu enkonzweni yasensimini lokho esikuzwa esikolweni na?
3 Cabanga ngenkonzo yasensimini. Esikolweni senkonzo uzwa amazwi amaningi okwaziswa okuhle-hle, namaningi awo angasetshenziswa ngokuqondile enkonzweni yasensimini. Esimisweni sixoxa izindaba ezinjengezizathu zokukholwa yiBhayibheli, izimpendulo zemibuzo yezimfundiso, ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli, izincazelo zemibhalo eqondene-ngqo, nendlela izimiso zeBhayibheli ezingasetshenziswa ngayo ekuphileni kwansuku zonke. Zama ukwenza amathuba okusebenzisa lendaba enkonzweni yasensimini. Awudingi ukulindela omunye abuze umbuzo ngayo. Uma kufanele, phakamisa indaba wena uqobo. Lokhu kuyoyingenisa indaba engqondweni yakho futhi kuyokwenza ube-nekhono elingaphezulu lokwenza izinto ezahlukahlukene kahle enkonzweni yasensimini.
4. Isikole singasisiza kanjani ukuthuthukisa ukusebenzisa kwethu iBhayibheli na?
4 Ukusetshenziswa okuqondile kweBhayibheli yingxenye eqhamile yomsebenzi wethu. Kepha abanye abamemezeli banobunzima ekuvuleni masinyane imibhalo efanele. Kunjalo ngawe na? Uma kunjalo, isikole singakusiza ukuthuthuka ngokuqinile. Kanjani? Landela zonke izikhulumi esikolweni senkonzo ngeBhayibheli lakho. Lapho isikhulumi sifunda umbhalo, wuhlole ngaso sonke isikhathi eBhayibhelini lakho. Njengoba uhlola amatekisi kaningi, uyowazi kahle futhi uyofunda lapho nje uyowafumana khona. Okudingekayo yinjwayelo, futhi ungayithola leyonjwayelo, hayi kuphela lapho uphumele enkonzweni yasensimini, kepha maviki onke lapho ubakhona esikolweni. Futhi, ungazuza esifundweni esenziwa yizo zonke izikhulumi. Zikhetha amatekisi ashaya kakhulu emhloleni ngezihloko ezabelwe zona. Njengoba ulandela izikhulumi kungani ungadwebeli ngaphansi izingxenye eziyisihluthulelo zalawomatekisi okholwa ukuthi ungahle uthande ukuwasebenzisa enkonzweni yakho na? Ubungahle uthande nokuwaloba, kanye nesihloko, ngaphakathi kwesembozo seBhayibheli lakho. Ngalendlela uyokufumana kulula enkonzweni yasensimini ukusebenzisa lokho okufunda esikolweni.
5, 6. Kuyosisiza kanjani ukusetshenziswa kokuhlelwa koqobo kwezinkulumo zethu na?
5 Lapho ulungiselela inkulumo yakho, nokukhetha ngokunakekela ukuhlelwa kuyokusiza ukubona izinzuzo zesikole enkonzweni yakho yasensimini. Lapho kunokwenzeka khona, sebenzisa izimo okuhlanganwa nazo ngempela enkonzweni yasensimini. Ngezinye izikhathi ungahle ufumane ukuthi inkulumo yakho ifanelana nokunikela kwendlu ngendlu noma ukufakaza kokwethukela. Ngezinye izikhathi ingahle ibe-ngenosizo ngaphezulu njengengxoxo yempindelo. Noma mhlawumbe ingaba-yingxoxo eyakhelwe ephuzwini ebeliyovela esifundweni seBhayibheli sasekhaya. Zama ngaso sonke isikhathi ukwenza isimo sibe-ngesoqobo. Ungengeza ekubhekweni okwenzekayo kwenkulumo yakho ngezinye izikhathi ngokuceba ukuthi umninindlu akuphikise lokho okushoyo. Bese ubonisa indlela yokubhekana nalesosimo. Izinkulumo ezifanelana nezimo zenkonzo yasensimini azidingi ukuthi ngaso sonke isikhathi ziholele empumelelweni esheshayo; kunosizo nokubonisa indlela yokubhekana nokungabikho kwesithakazelo.
6 Lapho wabelwe ingxenye yomninindlu, ungazuza nangokuhlangene nenkonzo yasensimini. Sebenzisa lelithuba ukuzama ukuqonda indlela abaninizindlu abacabanga ngayo, nesizathu sokuphakamisa kwabo amazwi okuphikisa abawaphakamisayo. Okoqobo ukufanekisa kwakho umninindlu onjalo, nokubona indlela isikhulumi esingumfundi esibhekana ngayo nesimo, kuyokusiza ukukufundisa ukuphumelela enkonzweni.
7. Ukuze sithuthuke njalo, yiliphi iphuzu ebesingahle sizame ukulithuthukisa enkonzweni yethu phakathi nelinye nelinye iviki na?
7 Lapho inkulumo isekelwe kuNcwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini, hlaziya umyalo ngesimo sokubheka sokuthuthukisa inkonzo yakho, noma endlini ngendlu noma kwenye indawo. Kungani ungakwenzi lokho kube yiphuzu elikhulu ongenza kulo ibe-ngcono inkonzo yakho kuleloviki na? Ngokwesibonelo, lapho inkulumo idinga isihloko, zibuze noma ukunikela kwakho enkonzweni yasensimini kunesihloko ngempela. Ingabe usenza siqhame ngokukhanyayo kangangoba abaninizindlu bayakugxilisa ezingqondweni zabo ngemuva kokuba uxoxe nabo na? Uma kungenjalo, kusebenzele kuleloviki. Ngakho-ke, futhi, uyokuzwa indaba ephethe ukufundwa nokusebenzisa imibhalo. Njengoba ulalela lenkulumo, hlaziya okwakho ukusebenzisa imibhalo. Ingabe uyifundela umninindlu ngaphandle kokuyichaza na? Uwahlanganisa kanjani amavesi nesihloko sakhona? Uwasebenzisa kanjani kumninindlu na? Ukuhlaziya okunjalo kungasiza ekuthuthukiseni ukufunda kwakho nokusebenzisa imibhalo. Ingabe inkulumo ngeyokusebenzisa imifanekiso na? Ungakuthuthukisa kanjani ukusebenzisa kwakho imifanekiso na? Noma mhlawumbe inkulumo ingaba-ngeyokufundisa esifundweni seBhayibheli sasekhaya. Hlola izindlela zakho ukubona indlela ongasebenzisa ngayo indaba ekufundiseni esifundweni sakho seBhayibheli sasekhaya, futhi kwenze ngaleloviki. Ngalendlela, uyobe usebenzisa okufunda eSikoleni Senkonzo esingokwaseZulwini ukuze uthuthukise inkonzo yakho yasensimini noma wokufundisa kwelinye nelinye iviki.
8. Lapho siphumile sisenkonzweni yasensimini, besingahle sizeluleke kanjani ngokunenzuzo na?
8 Hlaziya okwakho ukunikela. Esikolweni uzwa njalo iseluleko sinikezwa futhi ubone izinzuzo zaso. Umbonisi wesikole angahle angabi-kanye nawe emnyango enkonzweni yasensimini, kepha kungani ungazijwayezi ukuzeluleka wena uqobo na? Lapho uqeda ukuxoxa nomninindlu futhi uya ekhaya elilandelayo, zibuze: Yini engabe ngiyenzile ukuphumelela ngaphezulu na? Ngazi lokho engikwaziyo manje, uma bengingaphindela lapho, yini ebengingayenza ngokwahlukile na? Ukuhlaziya okunjalo kungahle kukusize ngalo lolosuku, ngokuba ungahle uhlangane nesimo esifanayo kwelinye ikhaya. Uma uzijwayeza ukuhlaziya ukunikela kwakho njengoba usebenza, ukuthuthuka kuyovama. Phela, lapho usebenza nomunye ummemezeli, ungacela ukusikisela nakohamba naye.
9, 10. Yini ebingahle yenziwe ngezikhathi zokuhlangana zokuzijwayeza zasekhaya ukusisiza ukusebenzisa ensimini lokho esikufundayo lapha na?
9 Indlela enhle kakhulu yokuthuthukisa ukuphumelela kokunikela kwakho wukuzijwayeza khona nabanye, bese nikuhlaziya ndawonye. Ungakwenza lokhu namalunga omkhaya wakho noma nabanye ebandleni. Benze bathathe ingxenye yabaninizindlu, bephakamisa amazwi okuphikisa avamile. Lapho amazwi okuphikisa ephakanyiswa, waphathe uma uyazi indlela yokuwaphatha. Uma ungakwazi, yima uthole ukusikisela okuvela kulabo abakhona. Bese uqhubeka, usebenzisa eminye imiqondo enikelwayo. Lapho uqeda, hlaziyani ndawonye ukuphumelela kwalokho okwenziwe. Ezinjalo izikhathi zokuhlangana ekhaya zokuzijwayeza zingasiza ekuthuthukiseni ukunikela kwakho, futhi zikunikela nethuba lokulungisa amaphutha ngaphambi kokuba uphumele ensimini. Zingakusiza ukwelulela izimiso ezifundwe esikolweni enkonzweni yakho yasensimini. Khumbula, umphostoli uPawulu wathi abantu abavuthiwe yilabo “abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.” (Heb. 5:14) Enye indlela yokulola amandla okuqonda wukuwasebenzisa ngezikhathi zokuhlangana zokuzijwayeza.
10 Isikole Senkonzo esingokwaseZulwini singelinye lamalungiselelo amaningi kaJehova omusa okusifundisa. Njengoba sizifunda ngokukhuthele futhi sizisebenzisa izifundo zaso siyokwazi ukuthi kanye nomprofethi: “INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.”—Isaya 50:4.