Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 2 kk. 4-5
  • Izinzuzo Zokufunda Ukuzibamba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinzuzo Zokufunda Ukuzibamba
  • I-Phaphama!—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUYINI UKUZIBAMBA?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • INDLELA YOKUFUNDISA INGANE UKUZIBAMBA
  • Ukufundisa Izingane Ukuzithiba
    I-Phaphama!—2015
  • Ukuhlakulela Isithelo Sokuzithiba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Hlakulela-Ukuzithiba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ukuze Uzuze Umklomelo, Zithibe!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 2 kk. 4-5
Umama uyanqaba njengoba umfana wakhe efuna ukuthatha uswidi esitolo

ISIFUNDO 1

Izinzuzo Zokufunda Ukuzibamba

KUYINI UKUZIBAMBA?

Ukuzibamba kuhlanganisa ukukwazi

  • ukulinda

  • ukungenzi izinto ungacabanganga

  • ukwenza izinto okufanele uzenze ngisho noma ungazithandi kangako

  • ukucabangela abanye kuqala

KUNGANI KUBALULEKILE?

Izingane ezikwazi ukuzibamba ziyakwazi ukunqaba ukwenza into embi, ngisho noma leyo nto ibukeka ijabulisa. Izingane ezihlulekayo ukuzibamba, zisemathubeni engeziwe

  • okuba nolaka

  • okuba nenkinga yokucindezeleka

  • okubhema, okusebenzisa izidakamizwa noma okuphuza kakhulu

  • okudla izinto ezingenayo impilo

Olunye ucwaningo luthole ukuthi abantu abafunda ukuzibamba beseyizingane, ngokuvamile lapho sebebadala ababi nazo izinkinga ezinkulu zempilo, zezimali noma zokugcina umthetho. Ngemva kwalolu cwaningo uprofesa wase-University of Pennsylvania, u-Angela Duckworth, waphetha ngokuthi: “Kuhlale kuzuzisa ukufunda ukuzibamba.”

INDLELA YOKUFUNDISA INGANE UKUZIBAMBA

Funda ukwenqaba futhi unamathele kokushilo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Izwi lenu ‘elinguYebo’ malisho uyebo, ‘uCha’ wenu, asho ucha.”—Mathewu 5:37.

Ingane ingase ikhalele into eyifunayo phambi kwabantu, ukuze ibone ukuthi umzali uzokwenzenjani. Uma umzali eyinika leyo nto, ingane ifunda ukuthi ukukhala kungayisiza ithole noma yini eyifunayo.

Uma umzali enqaba futhi enamathela kulokho akushilo, ingane ifunda iqiniso elibalulekile eliwukuthi ekuphileni asitholi yonke into esiyifunayo ngaso sonke isikhathi. Udokotela uDavid Walsh, uthi: “Empeleni abantu abasheshe bakufunde lokho, yibona abajabula kakhulu ekuphileni. Sisuke singazithandi izingane zethu uma sizifundisa ukuthi ekuphileni ziyohlale zithola noma yini eziyifunayo.”a

Ukwenqaba enganeni yakho ngezinye izikhathi, kuzoyifundisa ukuba nayo ikwazi ukunqaba ukusebenzisa izidakamizwa, ukuya ocansini ingakashadi nokwenza ezinye izinto eziyingozi.

Siza izingane zakho zifunde ukuthi zonke izinto ezizenzayo zinemiphumela.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”—Galathiya 6:7.

Ingane yakho kumelwe yazi ukuthi konke ekwenzayo kuzoba nemiphumela, nokuhluleka ukuzibamba kunemiphumela emibi. Ngokwesibonelo, uma indodana yakho ithukuthela kakhulu bese yenza izinto ezingathandeki, abanye bangase bangafuni ukuhlala nayo. Kodwa uma ifunda ukulinda lapho abantu besaxoxa, noma ukuzibamba lapho izizwa icasuka, abantu bazokujabulela ukuhlala nayo. Siza ingane yakho iqonde ukuthi maningi amathuba okuba izinto ziyihambele kahle uma ifunda ukuzibamba.

Siza ingane yakho ifunde ukuthi yiziphi izinto ezibalulekile.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: ‘Qiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu.’—Filipi 1:10.

Ukuzibamba akugcini ngokusisiza sigweme ukwenza izinto ezimbi, kusisiza nokuba senze izinto okufanele sizenze ngisho noma singazithandi. Kubalulekile ukuba ingane yakho ifunde ukuthi yiziphi izinto ezibalulekile, futhi yenze zona kuqala. Ngokwesibonelo, kufanele iqale ngokwenza imisebenzi yesikole ngaphambi kokudlala.

Yiba yisibonelo esihle.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo.”—Johane 13:15.

Ingane iyabona ukuthi wena wenzenjani uma ubhekene nesimo ongasithandi noma esikucasulayo. Bonisa ngezenzo zakho ukuthi ukuzibamba kuba nemiphumela emihle. Ngokwesibonelo, wenzenjani uma ingane yakho yenza into ongayithandi? Ingabe uyahluthuka noma uyazibamba?

a Kuthathwe encwadini ethi, No: Why Kids—of All Ages—Need to Hear It and Ways Parents Can Say It.

Umama uyanqaba njengoba umfana wakhe efuna ukuthatha uswidi esitolo

QEQESHA KUSEMANJE

Ukwenqaba enganeni yakho ngezinye izikhathi, kuzoyifundisa ukuba nayo ikwazi ukunqaba ukusebenzisa izidakamizwa nokwenza ezinye izinto eziyingozi

Yiba Yisibonelo

  • Ingane yami iyabona yini ukuthi angenzi ngokucasuka ngisho ngibhekene nesimo esinzima?

  • Ngiyayichazela yini ingane yami ukuthi kungani ngingahluthuki lapho ngibhekene nesimo esicindezelayo?

  • Ingangichaza kanjani ingane yami, njengomuntu owenza izinto engacabanganga, osheshayo ukuthukuthela noma njengomuntu okwazi ukuzibamba?

Esakwenza . . . 

“Sasingenankinga uma indodakazi yethu ithukuthela, kodwa sasingayivumeli ukuba imizwa yayo icasule abanye. Uma yayihluleka ukuzibamba, yayingavunyelwe ukuhlala nabanye abantu ize yehlise umoya.”—UTheresa.

“Mina nomkami sasizitshela izingane zethu uma zenze kahle. Sasizincoma uma zikwazile ukuzibamba lapho zibhekene nesimo esinzima.”—UWayne.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela