Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 1 kk. 12-15
  • Lapho Sekubusa UMbuso KaNkulunkulu, ‘Kuyochichima Ukuthula’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Sekubusa UMbuso KaNkulunkulu, ‘Kuyochichima Ukuthula’
  • I-Phaphama!—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UZOFIKA NINI UMBUSO KANKULUNKULU?
  • UZOBUSA KANJANI UMBUSO KANKULUNKULU KUSANEMINYE IMIBUSO?
  • YINI ONGAYENZA UKUZE UBE KHONA LAPHO SEKUBUSA LO MBUSO?
  • Iqiniso NgoMbuso KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Lokho UJesu Akufundisa NgoMbuso KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • UMbuso “Ongasoze Wachithwa”
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 1 kk. 12-15
Abantu baphila kamnandi ePharadesi

INDLELA LE NKINGA EZOXAZULULWA NGAYO

Lapho Sekubusa UMbuso KaNkulunkulu, ‘Ukuthula Kuyochichima’

Maduze uMbuso kaNkulunkulu, owuhulumeni ozobusa umhlaba wonke nobekwe nguNkulunkulu, uzoletha ukuthula nobunye emhlabeni. Njengoba iHubo 72:7 lithembisa, ‘ukuthula kuyochichima.’ Kodwa lo Mbuso uzoqala nini ukubusa emhlabeni? Uzokwenza kanjani lokho? Yini wena ongayenza ukuze ube khona lapho sekubusa lo Mbuso?

UZOFIKA NINI UMBUSO KANKULUNKULU?

IBhayibheli labikezela izenzakalo ezaziyobonisa lapho uMbuso kaNkulunkulu ususondele. Lezo zenzakalo ‘ziyisibonakaliso’ esihlanganisa izimpi, indlala, izifo, ukuzamazama komhlaba nokwanda kokwephulwa komthetho.—Mathewu 24:3, 7, 12; Luka 21:11; IsAmbulo 6:2-8.

Esinye isiprofetho sithi: “Kodwa yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abangalaleli abazali, abangabongi, abangathembekile, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, . . . abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuba bathande uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1-4) Bebelokhu bekhona abantu abanjalo. Kodwa manje sebebaningi kakhulu.

Lezi ziprofetho zaqala ukugcwaliseka ngo-1914. Izazi-mlando, abaholi nababhali bezincwadi, baye baphawula ukuthi umhlaba washintsha kakhulu ngemva kwalowo nyaka. Ngokwesibonelo, isazi-mlando saseDenmark uPeter Munch sabhala: “Impi yango-1914 yaletha ushintsho olukhulu emlandweni wabantu. Ngaphambi kwalowo nyaka abantu babezitshela ukuthi izimo zaziba ngcono emhlabeni, kodwa ngemva kwawo kwaqala izinhlekelele, inzondo nokuncipha kwezokuphepha kuyo yonke indawo.”

Okuhle ukuthi lezi zinto zibonisa ukuthi izimo sezizoba ngcono. Ziwuphawu lokuthi sekuseduze ukuba uMbuso kaNkulunkulu ubuse umhlaba. Empeleni uJesu washo nokuthile okuhle okwakuyoba ingxenye yesibonakaliso sokuthi ukuphela sekuzofika, wathi: “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke, ngemva kwalokho ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

Lezo zindaba ezinhle ziwumyalezo oFakazi BakaJehova abawushumayelayo. Umagazini wabo okhiqizwa kakhulu, INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova. Uvame ukuxoxa ngezinto ezinhle uMbuso kaNkulunkulu ozozenzela abantu emhlabeni wonke.

UZOBUSA KANJANI UMBUSO KANKULUNKULU KUSANEMINYE IMIBUSO?

Impendulo yalo mbuzo itholakala kula maqiniso amane abalulekile:

  1. Lo Mbuso ngeke usebenzelane noma uqondiswe abaholi bezepolitiki banamuhla.

  2. Abaholi bezepolitiki ngeke bakuthande ukulahlekelwa amandla okubusa, ngakho bayozama ukulwa noMbuso kaNkulunkulu.—IHubo 2:2-9.

  3. Kuzodingeka ukuba uMbuso kaNkulunkulu ubhubhise imibuso yezepolitiki efuna ukuqhubeka ibusa abantu. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 19:17-21) Lokho kuyokwenzeka empini ebizwa ngokuthi i-Armagedoni.—IsAmbulo 16:14, 16.

  4. Bonke abavumayo ukubuswa uMbuso kaNkulunkulu bayosinda empini i-Armagedoni futhi bahlale emhlabeni onokuthula. Bayokwakha iqembu iBhayibheli elilibiza ngokuthi “isixuku esikhulu,” esingaba izigidi zabantu.—IsAmbulo 7:9, 10, 13, 14.

    YINI EZOKWENZIWA UMBUSO KANKULUNKULU?

    Lapho uJesu esemhlabeni, wasibonisa kancane izinto azozenza lapho eseyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Welapha abagulayo nabakhubazekile. (Mathewu 4:23) Wasuthisa izinkulungwane zabantu. (Marku 6:35-44) Walawula nemvelo.—Marku 4:37-41.

    UJesu ufundisa izilaleli ezimzungezile

    Ngaphezu kwalokho, uJesu wafundisa abantu indlela yokuba nokuthula nobunye. Bonke abazithobayo futhi balalele lokho akufundisa, baba nobuntu obuhle obuzobasiza bakwazi ukujabulela ukuphila phakade lapho sekubusa uMbuso wakhe. Ayikho enye imfundo enikeza izinzuzo ezinjengalezi. Izibonelo zalokho uJesu akufundisa zitholakala eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, etholakala kuMathewu izahluko-5 kuya ku-7. Kunganjani uzinike isikhathi sokuzifunda lezi zahluko? Zibhalwe ngamagama alula, kodwa umyalezo okuzo ubaluleke kakhulu futhi uthinta inhliziyo.

YINI ONGAYENZA UKUZE UBE KHONA LAPHO SEKUBUSA LO MBUSO?

Isinyathelo sokuqala ukuba ufunde. Lapho uJesu ethandaza kuNkulunkulu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukuba bakwazi, wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nalowo omthumile, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Lapho abantu sebemazi kahle uNkulunkulu, bathola izinzuzo eziningi. Nazi ezinye zazo: Eyokuqala, ukuthi baba nokholo kuye. Lolo kholo olusekelwe ebufakazini obuyiqiniso lubaqinisekisa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu ungokoqobo, futhi sekuseduze ukuba ubuse. (Hebheru 11:1) Enye inzuzo iwukuthi luyakhula uthando lwabo ngoNkulunkulu nangomakhelwane babo. Ukuthanda uNkulunkulu kubenza bamlalele ngokusuka enhliziyweni. Ukuthanda umakhelwane kubenza balalele umyalo owashiwo uJesu ovame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide. Lowo myalo uthi: “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.”—Luka 6:31.

Njengobaba onothando, uMdali wethu usifunela okungcono kakhulu. Ufuna sithole lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukuphila kwangempela.” (1 Thimothewu 6:19) Ukuphila esikuphila manje, akukona “ukuphila kwangempela.” Ukuphila kwezigidi zabantu kunzima kakhulu futhi bayahluleka ukubhekana nakho. Ukuze ubone ukuthi kunjani “ukuphila kwangempela,” cabanga ngezinto ezimbalwa uMbuso kaNkulunkulu ozozenzela abantu.

KUYOBA NJANI UKUPHILA KWANGEMPELA?

  • “Ezinsukwini zayo [lapho uKristu ebusa njengeNkosi] olungile uyoqhakaza, nokuthula kuyochichima . . . Iyoba nezikhonzi . . . kuze kube semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 72:7, 8, 13, 14.

  • “[UNkulunkulu] uqeda izimpi emhlabeni wonke. Uphula umnsalo anqamule umkhonto ube yizicucu.”—IHubo 46:9.

  • “Kuyoba nenala yokudla okusanhlamvu emhlabeni; kuyochichima phezu kwezintaba.”—IHubo 72:16.

  • “Bayokwakha izindlu bahlale kuzo, bayotshala amasimu amagilebhisi badle izithelo zawo. Ngeke bakhe bese kuhlala omunye, ngeke batshale bese kudla abanye . . . abakhethiwe bami bayowujabulela ngokugcwele umsebenzi wezandla zabo.”—Isaya 65:21, 22.

  • “Itende likaNkulunkulu limi phakathi kwabantu . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zakudala se zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Abantu baphila kamnandi ePharadesi

Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu abantu bazoba nokudla okuningi futhi bazophepha

IPHUZU ELIBALULEKILE

IZIMFUNDISO ZIKAJESU ZISIFUNDISA INDLELA ENHLE YOKUZIPHATHA NEYAMUKELWA UNKULUNKULU. BONKE ABAKWENZAYO LOKHO UJESU AKUFUNDISA BANGAKWAZI UKUPHILA LAPHO SEKUBUSA UMBUSO KANKULUNKULU

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela