Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 1 kk. 10-11
  • Ukuthethelela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthethelela
  • I-Phaphama!—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IZIQONDISO EZISEBHAYIBHELINI ZIYASEBENZA!
  • Kuyini Ukuthethelela?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • ‘Qhubekani Nithethelelana Ngokukhululekile’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Kungani Kumelwe Uthethelele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Thethelela Ngokukhululekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 1 kk. 10-11
Owesifazane uxolela umngane wakhe

INDLELA YOKUTHOLA INJABULO

Ukuthethelela

“NGAKHULA NGIJWAYELE UKUTHETHISWA NOKUTHUKWA,” kusho owesifazane okuthiwa uPatricia. Uyenezela, “Angizange ngikufunde ukuthethelela. Ngisho sengimdala, ngangingakwazi ukudlulisa izinto. Ngangiqwasha, ngilokhu ngicabanga ngento engiphathe kabi.” Intukuthelo yenza umuntu angajabuli futhi ingamgulisa nokumgulisa. Ucwaningo lubonisa ukuthi umuntu ongathetheleli angase . . .

  • Avumele intukuthelo ilimaze ubudlelwane anabo nabanye, okungaholela ekubeni unkom’ idla yodwa

  • Abe nenhliziyo encane, akhathazeke ngokweqile, mhlawumbe aze acindezeleke

  • Agxile ngokweqile entweni embi eyenziwe, aze angakujabuleli ukuphila

  • Acabange ukuthi akasamukeleki kuNkulunkulu

  • Azizwe ecindezeleke ngaphezu kokuvamile futhi abe buthaka ngokwempilo, mhlawumbe aphathwe i-BP, isifo senhliziyo, isifo samathambo nekhandaa

KUYINI UKUTHETHELELA? Ukuthethelela kuwukuxolela umuntu okonile, nokungafukameli intukuthelo nesifiso sokuziphindiselela. Akusho ukuthi uyavumelana nento embi eyenziwe noma ukuthi uyayishalazelela. Ukuthethelela kuyisinqumo umuntu asithathayo ngemva kokucabangisisa ngendaba, futhi leso sinqumo sisekelwe othandweni nasekuzimiseleni ukulondoloza ukuthula nobungane nomuntu okonile.

Ukuthethelela kubonisa ukuthi uyaqonda ukuthi sonke siyawenza amaphutha, kungaba ngezinto esizishoyo noma esizenzayo. (Roma 3: 23) IBhayibheli lithi, “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.”—Kolose 3:13.

Ngakho-ke, singaphetha ngokuthi ukuthethelela kuyindlela ebalulekile yokubonisa uthando, ‘oluyisibopho esiphelele sobunye.’ (Kolose 3: 14) Ngokocwaningo olutholakala kuyiwebusayithi ye-Mayo Clinic, ukuthethelela kwenza umuntu . . .

  • Abe nobudlelwane obuhle nabanye, okuhlanganisa ukuzwelana nabo nokuqonda izimo zabo

  • Akwazi ukucabanga kahle futhi abe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu

  • Anciphise ukukhathazeka, ukucindezeleka nolaka

  • Abe nokuthula

ZITHETHELELE. Incwadi i-Disability & Rehabilitation ithi, ukuzithethelela amaphutha ethu kuyinto “okungelula ukuyenza,” nokho “kuyadingeka ukuze sibe nempilo enhle” kokubili ngokwengqondo nasemzimbeni. Yini engakusiza ukwazi ukuzithethelela?

  • Lindela ukuthi nawe, njengawo wonke umuntu, uzowenza amaphutha.—UmShumayeli 7:20

  • Funda emaphutheni akho ukuze ungawaphindi

  • Yiba nesineke, kuthatha isikhathi ukushintsha ubuntu bakho nezinto obusujwayele ukuzenza.—Efesu 4:23, 24

  • Chitha isikhathi nabangane abakukhuthazayo nabangagxili ezintweni ezimbi, kodwa abazokutshela uma ungenzi kahle.—IzAga 13:20

  • Xolisa ngokushesha uma uzwise omunye ubuhlungu. Uma wenza ukuthula nabanye, nawe uyoba nokuthula.—Mathewu 5:23, 24

IZIQONDISO EZISEBHAYIBHELINI ZIYASEBENZA!

UPatricia okukhulunywe ngaye ngaphambili, wafunda ukuthethelela ngemva kokutadisha iBhayibheli. Wabhala lokhu, “Ngizizwa ngikhululekile, angisenayo intukuthelo eyayingincisha injabulo. Angizizwa ngihlukumezekile futhi nami angibahlukumezi abanye. Izimfundiso eziseBhayibhelini ziwubufakazi bokuthi uNkulunkulu uyasithanda futhi ufuna sijabule.”

Indoda okuthiwa uRon yasho lokhu: “Angikwazi ukulawula ukuthi abanye bacabangani futhi benzani. Nokho, ngingazilawula mina. Kwakufanele ngiyeke ukuthukuthela uma ngifuna ukuba nokuthula. Nganquma ukubheka ukuthula nentukuthelo njengempumalanga nentshonalanga, izinto ezimbili ezihlukene. Ngangingeke ngikwazi ukuba nokuthula ngibe nginentukuthelo. Unembeza wami usukhululekile.”

a Imithombo: Amawebusayithi e-Mayo Clinic ne-Johns Hopkins Medicine kanye nencwadi ethi, Social Psychiatry and Psychiatric Epidemiology.

AMAPHUZU AYINHLOKO

“Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.”​—Kolose 3:13.

Ukuthethelela kwenza umuntu . . .

  • Abe nokuthula nobudlelwane obuhle nabanye

  • Anciphise ukukhathazeka, ulaka nokucindezeleka

  • Abe ophilile emzimbeni nasengqondweni, futhi abe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela