Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/15 k. 14
  • Ukuhlolisisa IYurophu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlolisisa IYurophu
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinzuzo Zezwi Likamama
  • Ukukhuthaza Ukuzazisa?
  • Abevile Ekhulwini Leminyaka Abanethemba Lokuhle
  • Ingabe Imfihlo Yokuphila Isikhathi Eside Ise-Okinawa?
    I-Phaphama!—2008
  • Ukukhulisa Izingane Ezicabangelayo Ezweni Elinobugovu
    I-Phaphama!—2013
  • Bazali—Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu Kusukela Ebuntwaneni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Lokho Izinsana Ezikudingayo Nezikufunayo
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 12/15 k. 14
Umama ukhuluma nomntanakhe

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa Iyurophu

Nakuba yake yahileleka kakhulu enkolweni, iYurophu ayisazihlanganisile nayo kangako. Noma kunjalo, izindaba zakamuva zaseYurophu zihlobana neBhayibheli ngezindlela ezingakumangaza.

Izinzuzo Zezwi Likamama

Abacwaningi baseMilan, e-Italy, baphetha ngokuthi izinsana ezizalwe kungakabi isikhathi zizuza kakhulu ngokwempilo ngokujwayelaniswa nezwi likanina ngomshini ofakwa esihlakaleni sosana lusesesibhedlela. Leli su lizama ukulingisa indlela ingane ezwa ngayo izwi likanina ngesikhathi isesibelethweni. Ucwaningo lwaphetha ngokuthi, “Ukulalela izwi likanina zisencane, kuyazizuzisa izingane ezizalwa ngaphambi kwesikhathi.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngiwududuzile futhi ngawuthulisa umphefumulo wami. Njengengane elunyuliwe kunina.”​—IHubo 131:2.

Ukukhuthaza Ukuzazisa?

Ngokocwaningo olwenziwa ezinganeni ezingu-565 eNetherlands, izingane ezinabazali abazichaza “njengezikhetheke kakhulu kunezinye” nanjengezingane okufanele “ziphathwe kangcono” zavelela kakhulu kunezinye, ekuhlolweni okuphathelene nokuzazisa futhi zazwakalisa imizwa yokuziphakamisa nokuthanda igunya. Umlobi walolu cwaningo uthi, “Izingane ziyabakholwa abazali bazo lapho bezitshela ukuthi zingcono kunezinye. Lokho kungase kube ingozi kuzo noma emphakathini.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile.”​—Roma 12:3.

Abevile Ekhulwini Leminyaka Abanethemba Lokuhle

Naphezu kokugula nobuthaka emzimbeni, abantu abevile ekhulwini leminyaka, banesifiso esijulile sokuphila, kubika abacwaningi baseNyuvesi iHeidelberg, eJalimane. Kwabane okwaxoxwa nabo, abathathu babekuthanda ukuphila futhi benza konke abangakwenza ukuze bakujabulele ngokugcwele. Bafeza imigomo yabo, babenethemba lokuhle, babenomuzwa wokuthi ukuphila kwakunenjongo, futhi balondoloza izinkolelo zabo nezimiso zokuziphatha.

ONGACABANGA NGAKHO: Njengoba kuboniswe kumShumayeli 3:​11, yini engase iboniswe isifiso esizalwe naso sokuqhubeka siphila?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela