Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/15 kk. 14-15
  • UMBONO WEBHAYIBHELI

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMBONO WEBHAYIBHELI
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu ububheka kanjani ubudlova?
  • Ingabe abantu abanobudlova bangashintsha?
  • Ingabe ubudlova buyoke buphele?
  • Unkulunkulu Uzizwa Kanjani Ngobudlova?
    I-Phaphama!—2002
  • Ungaba Khona Yini Umhlaba Ongenabo Ubudlova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Ukuphatha Abanye Ngendlela Efunwa UNkulunkulu
    Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
  • Izikhathi Zethu Ezinzima—Kungani Zinobudlova Obungaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 5/15 kk. 14-15

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ubudlova

Umlando wabantu ugcwele ubudlova. Ingabe lo mlando odabukisayo uzoqhubeka kuze kube phakade?

UNkulunkulu ububheka kanjani ubudlova?

OKUSHIWO ABANTU

Abantu abaningi, kuhlanganise nabantu abasontayo banomuzwa wokuthi kuyinto efanelekayo ukuziphindiselela ngobudlova uma ucasulwa othile. Kanti futhi izigidi zabantu zibheka imidlalo enobudlova yethelevishini neminye imithombo, njengendlela eyamukelekayo yokuzijabulisa.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Eduze kwedolobha laseMosul elisenyakatho ye-Iraq, kunamanxiwa omuzi omkhulu—iNineve inhloko-dolobha yoMbuso wase-Asiriya yasendulo. Ngesikhathi lo muzi useyidolobha elichumayo, iBhayibheli labikezela ukuthi uNkulunkulu ‘wayeyokwenza iNineve libe ugwadule oluyincithakalo.’ (Zefaniya 2:13) UNkulunkulu wathi, “Ngiyokumisa ube ngumbukwane.” Kungani? Ngoba iNineve ‘laliwumuzi wokuchithwa kwegazi.’ (Nahume 1:1; 3:1, 6) IHubo 5:6 lithi: “UJehova uyanengwa ngumuntu ochitha igazi.” Njengoba kufakazelwa amanxiwa aseNineve, uNkulunkulu waligcina izwi lakhe.

Ubudlova baqalwa isitha esikhulu sikaNkulunkulu nabantu—uSathane uDeveli, lowo uJesu Kristu ambiza ngokuthi “umbulali.” (Johane 8:44) Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi “lonke izwe lisemandleni omubi,” imikhuba yakhe ibonakala endleleni abantu ababubheka ngayo ubudlova, nasendleleni izwe elihlanyiswa ngayo ubudlova obutholakala kuyithelevishini nakweminye imithombo. (1 Johane 5:19) Ukuze sijabulise uNkulunkulu kufanele sihlakulele inzondo ngobudlova nothando ngalokho akuthandayo.a Ingabe lokho kungenzeka?

“UJehova . . . uyamzonda umuntu othanda ubudlova.”—IHubo 11:5.

Ingabe abantu abanobudlova bangashintsha?

OKUSHIWO ABANTU

Ubudlova bumane buyindlela yabantu yokuphila, engeke ishintshe.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

‘Lahlani ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo, nenkulumo eyichilo.’ Liphinde lithi, “Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo, nigqoke ubuntu obusha.” (Kolose 3:8-10) Ingabe uNkulunkulu ufuna senze okungaphezu kwamandla ethu? Cha. Abantu bangashintsha.b Kanjani?

Isinyathelo sokuqala, ukuthola ulwazi olunembile ngoNkulunkulu. (Kolose 3:10) Lapho umuntu onenhliziyo evumayo efunda ngezimfanelo nangezindinganiso zoMdali wethu ezinhle, usondela kuNkulunkulu ngothando futhi afune ukumjabulisa.—1 Johane 5:3.

Isinyathelo sesibili, sihlobene nabangane esibakhethayo. “Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni; futhi ungangeni nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo, ukuze ungajwayelani nezindlela zakhe futhi ngokuqinisekile uthathele umphefumulo wakho ugibe.”—IzAga 22:24, 25.

Isinyathelo sesithathu, sihilela ukuqonda. Bheka ukuthambekela ebudloveni ngokwalokho okuyikho ngempela—ubuthakathaka obukhulu obubonisa ukuthi untula ukuzithiba. Uma kuqhathaniswa, umuntu othanda ukuthula unamandla angaphakathi. IzAga 16:32 zithi: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla.”

“Phishekelani ukuthula nabantu bonke.”—Hebheru 12:14.

Ingabe ubudlova buyoke buphele?

OKUSHIWO ABANTU

Selokhu kwathi nhlo, ubudlova bebulokhu bukhona, futhi buzoqhubeka bukhona.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:10, 11) Yebo, ukuze avikele abamnene nabathanda ukuthula, uNkulunkulu uyokwenza lokho akwenza kubathandi bobudlova baseNineve yasendulo. Ngemva kwalokho, ubudlova ngeke buphinde bonakalise umhlaba!—IHubo 72:7.

[Isithombe ekhasini 15]

“Abanomoya omnene . . . bayokudla ifa lomhlaba.”—Mathewu 5:5

Ngakho, manje isikhathi sokufuna umusa kaNkulunkulu ngokuhlakulela umoya wokuthula. Eyesi-2 Petru 3:9 ithi: “UJehova . . . uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.”

“Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe ngocelemba.”—Isaya 2:4.

a UNkulunkulu wamvumela u-Israyeli wasendulo ukuba alwe izimpi ukuze avikele izwe lakhe. (2 IziKronike 20:15, 17) Kodwa, lokho kwashintsha lapho uNkulunkulu eqeda isivumelwano ayesenze no-Israyeli, futhi emisa ibandla lobuKristu elingenayo imingcele.

b Izibonelo zabantu abáshintsha inkambo yabo yokuphila zingatholakala ochungechungeni lwezihloko oluthi, “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila,” olutholakala kuyi-Nqabayokulinda.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela