Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/15 kk. 3-5
  • ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Buthaka Kwegunya Labazali
  • Ukushintsha Kwemibono
  • Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | SESASHONAPHI ISIYALO?
    I-Phaphama!—2015
  • Ukukhulisa Izingane Ezicabangelayo Ezweni Elinobugovu
    I-Phaphama!—2013
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 4/15 kk. 3-5

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Sesashonaphi Isiyalo?

Emashumini amuva eminyaka, ukuphila kwemindeni emazweni aseNtshonalanga kuye kwashintsha kakhulu. Kwake kwaba nesikhathi lapho kwakukhala khona isicathulo sabazali, nabantwana belalela. Manje kweminye imizi kwenzeka okuphambene nalokho. Ngokwesibonelo, cabanga ngezimo ezilandelayo, zonke ezisekelwe ezimweni ezivame ukwenzeka.

  • Lapho esesitolo nonina, umfana oneminyaka emine welula isandla ezama ukuthatha ithoyizi. Unina uzama ukumnqanda: “Usunamathoyizi amaningi, angithi?” Ubona sekwephuzile ukuthi bekufanele amtshele, angambuzi. “Kodwa ngiyalifuna nje!” kusho umfana ngokutetema. Esaba ukuthi uzovukwa iconsi lakhe njengenjwayelo—unina uyamthengela.

  • Intombazanyana eneminyaka emihlanu, iphazamisa uyise esakhuluma nomuntu omdala. Ithi, “Ngikhathele. Ngifuna ukuya ekhaya!” Uyise uyayeka ukukhuluma, agobe athi endodakazini yakhe ngezwi eliphansi: “Yima kancane muntuza, sesizohamba.”

  • UJames oneminyaka engu-12, usephinde wamangalelwa ngokuqagulisana nothisha wakhe. Uyise ucasukile, kodwa akacasukele indodana yakhe, ucasukele uthisha. Uthi kuJames, “Yini engathi lo thisha wakho uyakuhlupha nje? Ngizombika ekomitini lesikole!”

Lezi zimo ezingenhla azenzekanga ngokoqobo, kodwa azilona ihaba. Zibonisa inkinga ekhona emakhaya amaningi, lapho abazali bebekezelela ukuba luhlaza kwezingane, bazinike konke ezikufunayo, baphinde “bazitakule” uma sekufanele zibhekane nemiphumela yokuziphatha kwazo. Incwadi i-Narcissism Epidemic ithi: “Kuyinto evame kakhulu ukubona abazali bevumela izingane zibagibele emakhanda. Zolo lokhu, izingane bezazi ukuthi kukhala esikabani isicathulo—futhi bekungesona esazo.”

Yiqiniso, abazali abaningi bayakulwela ukufundisa izingane zabo izindinganiso ezifanele, hhayi nje ngokuzibekela isibonelo esihle kuphela, kodwa nangokuzinika iseluleko esiqinile nesinothando lapho sidingeka. Noma kunjalo, abazali ababona ukubaluleka kokwenza kanjalo, kubonakala sengathi “benza okuphambene nalokho okwamukelekayo kwabaningi,” njengoba incwadi ecashunwe ngaphambili ikubeka.

Konakalaphi, kuze kube nje? Sesashonaphi isiyalo?

Ukuba Buthaka Kwegunya Labazali

Abanye bathi lokhu kuba buthaka kwegunya labazali kwaqala ngawo-1960, lapho labo ababizwa ngezazi babekhuthaza abazali ukuba bathambise isandla ezinganeni zabo. Báthi: ‘Yiba umngane enganeni, ungabi ingqongqo.’ ‘Ukuncoma kungcono kunokuyala.’ ‘Gxila kulokho ekwenza kahle, kunokulungisa okubi.’ Kunokuba nombono olinganiselayo phakathi kokuncoma nokweluleka, kubonakala sengathi lezi zazi zazithi ukukhuza kwakuzolimaza imizwelo ebuthaka yezingane futhi kuzenze zibazonde abazali bazo ngokuhamba kwesikhathi.

Kungakabiphi, izazi zase ziqokomisa nezinzuzo zokuzethemba. Kwakungathi sekutholakalé imfihlo yokuba umzali omuhle: Ukwenza ingane yakho izethembe. Yiqiniso, kubalulekile ukufundisa ingane yakho ukuba izethembe. Kodwa, lo mbono okhuthaza ukuzethemba awugcinanga lapho. Izazi zathi kubazali: ‘Gwemani ukusebenzisa amagama angemahle afana nelithi cha nelithi kubi.’ ‘Qhubekani nitshela izingane zenu ukuthi zibalulekile, nokuthi zingaba yinoma yini ezifuna ukuba yiyo.’ Kwakusengathi ukuzizwa ulungile kwakubaluleke kakhulu kunokuba olungile.

[Isithombe ekhasini 5]

Umbono okhuthaza ukuzethemba umane wenza izingane zazizwa zinegunya

Kamuva, abanye báthi umphumela walo mbono okhuthaza ukuzethemba, ube ukuthi izingane zizizwe zinegunya, njengokungathi yizona okufanele zishaye umthetho. Incwadi ethi Generation Me ithi, lo mbono uye washiya intsha eningi “ingakulungele ukugxekwa nokuhluleka, okuyizinto ezivamile ekuphileni.” Omunye ubaba ocashunwe kuleyo ncwadi ukubeka ngale ndlela: “Uma ususebenza, emsebenzini ngeke baqhubeke nokukhuthaza ukuzethemba. . . . Uma ubhala umbiko ongemuhle uwulethe kumqashi wakho, ngeke athi, ‘Kodwa ngiyawuthanda umbala wephepha olisebenzisile.’ Ukukhulisa izingane ngale ndlela kuzilimaza kakhulu.”

Ukushintsha Kwemibono

Kula mashumi eminyaka adlule, izindlela zokukhulisa izingane bezilokhu zibonakalisa imibono yabantu eshintshayo. URonald G. Morrish onguthisha uyabhala: “Indlela yokuyala ihlale ishintsha. Ibonisa ushintsho emphakathini wethu.”a Njengoba iBhayibheli lisho, akuve kulula ngabazali ukuba ‘bajikijeleke ngapha nangapha sengathi bajikijelwa amagagasi futhi bayiswe lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso.’—Efesu 4:14.

Kuyacaca ukuthi le ndlela entsha yokuthambisa isandla esiyalweni ibe nemiphumela engemihle. Ayigcinanga nje ngokwenza buthaka igunya labazali, kodwa ishiye nezingane zingenaso isiqondiso ezisidingayo ukuze zenze izinqumo ezinhle futhi ziphile zinokuzethemba kwangempela.

Ingabe ikhona indlela engcono?

a Omalukeke sizenzele; kucashunwe encwadini ethi, Secrets of Discipline: 12 Keys for Raising Responsible Children.

Ingabe Ubafundisa Okuphambene?

Zicabange ukulezi zimo ezilandelayo.

  • Ake sithi ngemva kwesikole nangezimpelasonto, uhambisa indodana nendodakazi yakho ezindaweni ezehlukahlukene lapho beqeqeshelwa khona imidlalo enjengokubhukuda, umculo, ibhola, nanoma yini enye engabagcina bephile kahle emzimbeni. Uthi ngaphakathi kuwe: ‘Ngikhathele ngiyimvithi, kodwa abantabami bayazi ukuthi bayikho konke kimi futhi ngingabenzela noma yini. Akukhona yini lokho okudingekayo ukuze ngibe umama ongcono?’

    Cabanga ngalokhu: Izingane zakho zifunda ziphi izifundo ngempela ngokuba nomama oncamela ukukhathala ukuze nje ajabulise zona? Ngokuhamba kwesikhathi, ngeke yini zikholelwe ukuthi abantu abadala—ikakhulukazi abazali—baphilela ukufeza izidingo zazo?

    Indlela engcono: Yenza izingane zakho zibone ukuthi nawe unazo izidingo. Lokhu kuyozifundisa ukuba zicabangele abanye—kuhlanganise nawe.

  • Wakhuliswa ubaba onokhahlo futhi ogxekayo, ngakho uye wanquma ukwenza okuhlukile ezinganeni zakho. Usebenzisa wonke amathuba ukuze uncome abafana bakho ababili—ngisho noma kungekho lutho abalwenzile olufanele ukunconywa. Uzitshela ukuthi, ‘kubalulekile ukubenza bazethembe. Uma bezizwa bebalulekile, bazoba nokuzethemba okuyobasiza baphumelele ekuphileni.’

    Cabanga ngalokhu: Yiziphi izifundo amadodana akho azifundayo ngempela ngokunconywa ‘engenzanga lutho’—enconyelwa nje ukuba azethembe? Ukuqhakambisa ngokweqile ukuzethemba, kungawalimaza kanjani manje nasesikhathini esizayo?

    Indlela engcono: Yiba olinganiselayo. Ungazigxeki ngokweqile izingane zakho; ngesikhathi esifanayo, zincome ngoba kukhona ezikwenzile.

  • Ungumama wamantombazane amabili, eneminyaka eyisithupha nenemihlanu. Endala iyadelela. Zolo lokhu, ivukwe iconsi, yashaya udadewabo oyelamayo ngesibhakela engalweni. Ucabanga ngendlela osingathe ngayo isimo. Uyakhumbula, ‘Ngikhethe ukubonisana nayo esikhundleni sokuyikhuza. Ngeke yini kuyilimaze indodakazi yami uma ngiyitshela ukuthi yenze into embi?’

    Cabanga ngalokhu: Ingabe ukubonisana nengane eneminyaka eyisithupha kukodwa kwanele? Ingabe kulimaza ngempela ukusebenzisa inkulumo ethi “wenze kabi” ukuze uchaze isenzo sokushaya udadewabo?

    Indlela engcono: Zitshele ngemiphumela eziyobhekana nayo uma ziziphatha ngokungafanele. Lapho isiyalo sikhishwa ngothando, siyozisiza izingane zakho ukuba zifunde ukuziphatha ngendlela efanele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela