Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/15 k. 8
  • UKUBUKA OKWEZWE

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UKUBUKA OKWEZWE
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amazwe Omhlaba
  • EBrithani
  • ENorway
  • E-United States
  • Indlela Ongalonda Ngayo Impilo Yakho
    I-Phaphama!—1999
  • Impilo Enhle—Yini Ongayenza Ngayo?
    I-Phaphama!—1989
  • Ingabe Uyakudinga Ngempela Ukuvivinya Umzimba?
    I-Phaphama!—2005
  • Ugwayi—Ingabe Uyawenqaba?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 2/15 k. 8

UKUBUKA OKWEZWE

Impilo Ukuhlolisisa Ezempilo

Naphezu kwentuthuko yezokwelapha, ukugula kusaqhubeka kuhlupha isintu. Kodwa njengoba ubufakazi bubonisa, izinkinga eziningi zempilo zingagwemeka.

Amazwe Omhlaba

I-World Health Organization ibikezela ukuthi inani labantu abatholakala benomdlavuza njalo ngonyaka, liyobe seliyizigidi ezingu-24 ngo-2035. Lokhu kuwukwanda ngamaphesenti angaba ngu-70 ngaphezu kwesibalo esinaso manje okucatshangwa ukuthi siyizigidi ezingaphezu kwezingu-14. Kulinganiselwa ukuthi abantu abakha ingxenye yalelo nani bayobe bethole umdlavuza ngenxa yendlela abaphila ngayo njengokuphuza ngokweqile, ukungazivocavoci, ukukhuluphala ngokweqile, ukuzichaya emisebeni eyingozi nokubhema.

EBrithani

Ngemva kokunikezwa kobufakazi, uhulumeni waseBrithani waqala uphenyo ngokuthi kungenzeka yini uhlobo lwesifo sokuhlanya kwezinkomo, oluphatha abantu kuthelelwane ngalo ngokumpontshelwa igazi. U-Andrew Miller, oyilungu lePhalamende, wathi: “Sakhathazeka kakhulu ngokuzwa ubufakazi bokuthi lesi sifo esingelapheki sisewusongo olukhulu ekuphileni kwabantu.” Wanezela, “Satshelwa ukuthi [lesi sifo singasakazeka] ngobuthi baso obusegazini noma ngesitho somzimba okunikelwe ngaso.”

ENorway

Inhlolo-vo eyathatha iminyaka engu-11, eyenziwa kubantu abacishe babe ngu-63 000 baseNorway isikisela ukuthi isifo sokucindezeleka singandisa amathuba okumelwa yinhliziyo ngamaphesenti angafinyelela kwangu-40. I-European Society of Cardiology yacaphuna omunye wababhali balolu cwaningo lapho ethi, ukucindezeleka akuvusi nje kuphela ama-hormone abangela ukucindezeleka okungaholela ekuphathweni isifo senhliziyo, kodwa futhi kwenza kube nzima ngomuntu ukulandela iseluleko esingathuthukisa impilo yakhe.

E-United States

Ososayensi benza ucwaningo ngalokho okungase kube ingozi empilweni okubizwa ngokuthi ingozi yokuhogela iphunga likagwayi, elibangelwa yizinsalela zentuthu ezisezindaweni ezisobala nasothulini olusezindongeni zamafulethi, emagumbini asemahhotela nasezimotweni. Ukunqwabelana kwalezi zinsalela kungaya ngokuya kuba yingozi kakhulu.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI:

  • “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle, kodwa umoya omunyu womisa amathambo.”​—IzAga 17:22.

  • “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama.” ​—2 Korinte 7:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela