Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/14 k. 7
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • E-United States
  • ENdiya
  • ESwitzerland
  • Ophondweni Lwe-Afrika
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2012
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2012
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2012
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 10/14 k. 7

UKUBUKA OKWEZWE

E-United States

Umshini we-GPS wokuthungatha umkhondo onamekwe emotweni

Amanye amaphoyisa asebenzisa ubuchwepheshe ukuze anciphise izingozi ezingadalwa ukujaha izimoto. Okunye okuye kwazanywa, ukufakwa kwezimoto zamaphoyisa okuthile okudubula njengesibhamu, kukhiphe imishini ye-GPS enikeza umkhondo enamathela ezimotweni azijahayo. Khona-ke angakwazi ukulandela labo abasolwayo ngejubane elikahle.

ENdiya

Owesifazane waseNdiya

Kulinganiselwa ukuthi owesifazane oyedwa uyabulawa ihora ngalinye ngenxa yengxabano edalwa ilobolo elikhishwa owesifazane lapho egana. Nakuba leli siko lingasekho emthethweni, ngo-2012 bangaphezu kuka-8 200 abesifazane ababulawa ngenxa yokuthi umkhwenyana noma abakubo babekholelwa ukuthi ilobolo elikhishwe umakoti alanele.

ESwitzerland

Ihlolamvula i-alpine

Amahlolamvula amathathu ohlobo lwe-alpine, abanjwa ezidlekeni zawo, afakwa imishini emincane ethungatha indlela eyembula ukuthi lezi zinyoni zindiza izinsuku ezingaphezu kuka-200 zingami ndawo lapho zifudukela e-Afrika. Esikhathini esingaphambili, bekwaziwa ukuthi izilwane zasolwandle kuphela ezinamandla okuhamba ibanga elide kangako zingami ndawo.

Ophondweni Lwe-Afrika

Ishadi elibonisa izinombolo zemikhumbi ethunjwayo nenhlawulo

Abaphangi bemikhumbi, báthumba imikhumbi engu-179 ogwini olusoPhondweni Lwe-Afrika phakathi kuka-April 2005 no-December 2012. Ucwaningo lweBhange Lomhlaba lulinganisela ukuthi umphumela walezo zenzo zobugebengu, wafinyelela ekukhokhweni kwemali eyizigidi eziyizinkulungwane ezine zamaRandi ukuze kukhululwe leyo mikhumbi kubaphangi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela