Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/14 kk. 14-15
  • Inkolo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkolo
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani kunezinkolo eziningi kangaka?
  • Ingabe kubalulekile ukuba ilungu lenkolo?
  • Ingabe inkolo yeqiniso ingabonakala?
  • Ngingayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 7/14 kk. 14-15
Umdwebo wendoda imi phambi kwezakhiwo zezinkolo ezihlukahlukene

UMBONO WEBHAYIBHELI

Inkolo

Kungani kunezinkolo eziningi kangaka?

“Nibambelela ngokuqinile esikweni labantu, nibe niyeka umyalo kaNkulunkulu.”—Marku 7:8.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Abantu bazalwa ‘benesidingo esingokomoya,’ abangasanelisa ngokukhulekela uNkulunkulu. (Mathewu 5:3) Ukuze bazame ukwanelisa lesi sidingo, abantu baye basungula izinkolo eziningi ezisekelwe emibonweni yabo kunasemibonweni kaNkulunkulu.

Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisho lokhu ngamalungu elinye iqembu lenkolo lekhulu lokuqala: “Banentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile; ngoba ngenxa yokungakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, kodwa befuna ukumisa okwabo siqu, abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu.” (Roma 10:2, 3) Ngokufanayo nanamuhla, kunezinkolo eziningi ‘ezifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’—Marku 7:7.

Ingabe kubalulekile ukuba ilungu lenkolo?

“Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye.”—Hebheru 10:24, 25.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

AmaHebheru 10:25 asebenzisa inkulumo ethi “singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye.” Lawo mazwi abonisa ukuthi uNkulunkulu ufuna abantu bamkhulekele njengeqembu elihlelekile. Kodwa ingabe umkhulekeli ngamunye angaba nombono wakhe ngokuthi uNkulunkulu ungubani nokuthi yini ayifunayo? Cha. IBhayibheli lithi labo abakhulekela uNkulunkulu ngendlela ayivumelayo kufanele ‘bakhulume ngokuvumelana futhi bahlangane ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga.’ (1 Korinte 1:10) Kufanele bahlelwe njengamabandla futhi ‘bathande bonke abazalwane’ emhlabeni wonke. (1 Petru 2:17; 1 Korinte 11:16) Ukukhulekela okunobunye nokuhleleke kanjalo kuyadingeka ukuze uNkulunkulu ajabule.

Ingabe inkolo yeqiniso ingabonakala?

“Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:35.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Libonisa ukuthi labo abasenkolweni yeqiniso babeyobonakala kanjani, iBhayibheli lithi: “Niyobazi ngezithelo zabo. Abantu abawakhi neze amagilebhisi emeveni noma amakhiwane emakhakhasini, akunjalo?” (Mathewu 7:16) Asikho isidingo sokuba yisazi sesayensi yezitshalo ukuze uhlukanise phakathi kwesihlahla samakhiwane namakhakhasi; ngokufanayo, akudingeki ukuba ube yingcweti kwezenkolo ukuze uhlukanise phakathi kweqiniso namanga. Ziyini ezinye zalezo zithelo noma izimpawu zenkolo yeqiniso?

  • Inkolo yeqiniso ifundisa iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (Johane 4:24; 17:17) Ayisekelwe kumafilosofi abantu.

  • Inkolo yeqiniso isiza abantu ukuba bazi uNkulunkulu, kuhlanganise nokwazi igama lakhe elithi Jehova.—Johane 17:3, 6.

  • Inkolo yeqiniso iqokomisa uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu, hhayi ohulumeni babantu.—Mathewu 10:7; 24:14.

  • Inkolo yeqiniso ikhuthaza uthando olungenabugovu. (Johane 13:35) Ifundisa abantu ukuba bahloniphe zonke izinhlanga, ukuba basebenzise isikhathi nezinto abanazo ekusizeni abanye, nokuba bagweme ukuhlanganyela ezimpini zamazwe ngamazwe.—Mika 4:1-4.

  • Inkolo yeqiniso iyindlela yokuphila, hhayi nje isiko noma umkhuba. Amalungu ayo enza lokho akushumayelayo.—Roma 2:21; 1 Johane 3:18.

OFakazi BakaJehova, abangabanyathelisi balo magazini, balwela ukudumisa uNkulunkulu ngendlela abakhuluma ngayo nabaziphatha ngayo. Kungani ungayi emhlanganweni eHholo LoMbuso ukuze uzibonele ngawakho?

Ukuze uthole izikhathi zemihlangano kanye neHholo LoMbuso eliseduze, ngena engosini yethu ethi www.jw.org/zu. Bheka ngaphansi kwesihloko esithi MAYELANA NATHI > IMIHLANGANO.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela