Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/14 kk. 10-11
  • Ukuvakashela E-⁠Ireland

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela E-⁠Ireland
  • I-Phaphama!—2014
I-Phaphama!—2014
g 7/14 kk. 10-11
Ugu lwase-Ireland

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela E-Ireland

Ibalazwe lase-Republic of Ireland naseNyakatho Ireland

I-IRELAND iyisiqhingi esingamazwe amabili: elikhulu kuwo yizwe elizimele i-Republic of Ireland, kanti elincane yiNingizimu Ireland, eyingxenye ye-United Kingdom.

Giant’s Causeway

Giant’s Causeway

I-Ireland ibizwa ngokuthi yi-Emerald Isle ngenxa yokuthi izimvula zakhona ezina njalo zenza izindawo ezisemaphandleni zibe luhlaza cwe. Amachibi akhona amahle kanye nemifula kuhlanganise nezintaba ezigudle ugu namagquma kuyenezela ebuhleni bemvelo bale ndawo.

Indlu efulelwe ngotshani

Indlu efulelwe ngotshani

Abantu base-Ireland baye bakhuthazelela ubunzima obukhulu. Ngokwesibonelo, abanye balinganisela ukuthi cishe phakathi no-1845 kuya ku-1851, kwafa abantu abangaba yisigidi ngenxa yendlala nezifo okwabangelwa ukonakala kwesivuno samazambane esoniwa isifo sezitshalo. Ukuze babalekele indlala eyayinzima, abaningi bathuthela emazweni anjenge-Australia, iBrithani, iCanada kanye ne-United States. Namuhla, izakhamuzi zaseMelika eziyizigidi ezingu-35 ziyizizukulwane zabantu abadabuka e-Ireland.

Abantu base-Ireland baziwa ngokuba nobungane nokungenisa izihambi. Imidlalo abayithandayo ihlanganisa ukugibela amahhashi nemidlalo yeqembu, njengowekhilikithi, ibhola lombhoxo, unobhutshuzwayo kanye nebhola lezinyawo okuthiwa yi-Gaelic (liyefana nonobhutshuzwayo). Abesifazane bathanda kakhulu umdlalo okuthiwa yi-camogie, othi awufane ne-hockey.

Abantu base-Ireland bayakuthanda nokuxoxa, kanti futhi bayawuthanda umculo. Umdanso wakhona okuthiwa yi-Irish step dance udume umhlaba wonke. Abadansayo bamisa ingxenye engenhla yomzimba wabo iqonde kuyilapho benza umdanso osheshayo nowubunyoninco ngezinyawo zabo.

Iqembu lomculo lase-Ireland

Iqembu lomculo lase-Ireland

Sekuyiminyaka engaphezu kwekhulu kunoFakazi BakaJehova e-Ireland. Sikhuluma nje, kunoFakazi abangu-6 000 abahlala khona futhi bamatasa ekufundiseni ngeBhayibheli.

1. Ihabhu; 2. i-Irish bagpipes (umtshingo); 3. ivayolini; 4. inkositini; 5. umtshingo; 6. isigubhu

Umculo womdabu wase-Ireland usebenzisa izinsimbi zomculo ezinjengalezi eziboniswe ngezansi, kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: ihabhu, i-Irish bagpipes (umtshingo), uhlobo oluthile lwevayolini, uhlobo lwenkositini, umtshingo nesigubhu

INGABE BEWAZI?

I-Giant’s Causeway, esogwini olusenyakatho yeNyakatho Ireland, iyindawo ephakeme enezinkulungwane zamatshe amnyama abushelelezi amise okwezinsika akheka ngesikhathi udaka olushisayo lwentaba-mlilo luphola lapho luhlangana namanzi olwandle.

AMAZWIBELA

  • Inani labantu: Bayizigidi ezingaba ngu-4,5 eRepublic of Ireland; babe yizigidi ezingaba ngu-1,8 eNyakatho Ireland

  • Inhloko-dolobha: IDublin eRepublic of Ireland; kube yiBelfast eNyakatho Ireland

  • Izilimi: Isi-Irish nesiNgisi

  • Isimo sezulu: Lipholile kanti lina njalo

  • Izinkolo ezinkulu: Abaningi bangamaKatolika eRepublic; kanti eNyakatho Ireland kunamaProthestani namaKatolika

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela