Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/13 k. 3
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • EJalimane
  • Amazwe Omhlaba
  • EJapane
  • EBolivia
  • E-Italy
  • ISonto—Izinguquko Nokudideka
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Izithombe Zingakusondeza KuNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ingabe AmaLuthela AseJalimane Ayihlelo Elisengozini?
    I-Phaphama!—1987
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 11/13 k. 3

Ukubuka Okwezwe

EJalimane

Ngo-2012, enye yezinkantolo eziphakeme zaseJalimane yakhipha isinqumo sokuthi abantu abanakulishiya ngokusemthethweni isonto elinelungelo sokuqoqa intela kodwa baqhubeke bengamalungu alo. AmaKatolika ayesesulile esontweni, ngaleyo ndlela engasayikhokhi intela, kodwa aqhubeka eya esontweni angase angavunyelwa ukuba adle uMthendeleko, ukuvuma izono, nokuba sezikhundleni, mhlawumbe ngisho nokungcwatshwa yisonto.

Amazwe Omhlaba

Ucwaningo olwenziwa ezinkolweni zomhlaba wonke lwembula ukuthi abantu abathi “abasonti,” nakuba bengakuphiki ngempela ukuthi uNkulunkulu ukhona, manje sebengaphezu kwezigidi eziyinkulungwane. Uma kuqhathaniswa inani labo, basendaweni yesithathu ngemva kwalabo abathi bangamaKristu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezimbili bese kuba amaSulumane wona angaphezudlwana kwezigidi eziyinkulungwane nengxenye. Inkolo yobuHindu yayingeyesine ngenani elicishe libe izigidi eziyinkulungwane.

EJapane

Ososayensi baseJapane baveze ukuthi “ukunconywa kukhuthaza izingxenye zobuchopho ezihlobene nokuthola umvuzo” okubangela “umuzwa wenjabulo.” Lokhu abakutholile, kubonakala kufakazela umbono wokuthi ukuncoma kuyindlela enhle yokukhuthaza abantu ukuba bathuthuke.

EBolivia

Ngasekupheleni kuka-2012, iBolivia yaba nomkhankaso kazwelonke wokubala inani labantu. Ukuze kutholwe inani eliqondile, abantu baseBolivia kwakufanele bahlale emakhaya ngalolo suku olumisiwe. Ngaphezu kwalokho, abantu babengavunyelwe ukuba bazihambele nje, imingcele yezwe yayivaliwe kanti nokuphuza utshwala kwakwenqatshelwe.

E-Italy

Kwenye inhlolo-vo, amaNtaliyane athi, ayechitha imizuzu elinganiselwa kwengu-15 ngosuku edlala nezingane zawo. I-Repubblica ithi: “Ngumzali oyedwa kuphela kwabahlanu ocabanga ukuthi ukudlala kuyafundisa.” Ngokudlala nezingane zabo, abazali bayazisiza ukuba zithuthukise ikhono lazo lokucabanga kanye “nokuqaphela imithetho,” kusho u-Andrea Angiolino, ongumklami wemidlalo yemilabalaba.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela