Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/13 kk. 12-13
  • Ukuvakashela EPanama

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela EPanama
  • I-Phaphama!—2013
I-Phaphama!—2013
g 6/13 kk. 12-13

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela EPanama

[Amabalazwe ekhasini 12]

CISHE iPanama idume ngomsele wayo—umzila wamanzi oxhumanisa ulwandle i-Atlantic nePacific. Kodwa ngenxa yokuthi ilapho kuhlangana khona iNyakatho neNingizimu Melika, iPanama iphinde ihlanganise nabantu bamazwe ahlukahlukene. Igcwele izinhlobonhlobo zezinhlanga namasiko. Inani elikhulu labantu bakhona liyinzalo eyingxube yabomdabu behlangene nabaseYurophu.

INGABE BEWAZI? Ixoxo lasePanama elinombala osagolide (i-Atelopus zeteki) “livayizisa” imilenze yangaphambili ukuze likhange elobulili obuhlukile futhi lixwayise nezitha

Ngo-1501, lapho abahloli bamazwe baseSpain befika ePanama, bathola imiphakathi eminingi yabomdabu, eminye yayo esekhona namanje. Omunye wayo owamaGuna (ngaphambili ayebizwa ngokuthi amaKuna). AmaGuna amaningi ahlala endaweni yabomdabu eSan Blas Archipelago naseduze kogu lweCaribbean ngasemngceleni ohlukanisa iPanama neColombia. Kule ndawo ayazingela, adobe ngezikebhe zokhuni ezigwedlwayo aphinde alime.

Emphakathini wamaGuna, lapho indoda ishada, iyahamba iyohlala nabasekhweni futhi ibasebenzele. Uma ngokuhamba kwesikhathi umkayo ezala indodakazi, indoda nomkhaya wayo bayokwazi ukuhamba ekhweni bayozakhela umuzi wabo.

Kunamabandla oFakazi BakaJehova angaba ngu-300 ePanama. Ngaphandle kweSpanishi, imihlangano iqhutshwa nangesiShayina, isiNgisi, isiGujarati, isiGuna, isiCreole saseHaiti, isiNgabere noLimi Lwezandla LwasePanama.

AMAZWIBELA

  • Inani labantu: 3 629 000

  • Inhloko-dolobha: IPanama City

  • Ulimi olukhulunywayo: ISpanishi

  • Uhulumeni: Owentando yeningi

  • Isimo sezulu: Kuyashisa

  • Izwe: Linamahlathi apholile asezintabeni, amathafa namahlathi emvula aswakeme. Kuneziqhingi ezingaphezu kuka-1 600 ezisakazeke ogwini olungakulolu hlangothi nolungakolunye.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela