Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/13 kk. 10-11
  • Ukulawula Indlela Othenga Ngayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulawula Indlela Othenga Ngayo
  • I-Phaphama!—2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingayilawula Kanjani Indlela Engisebenzisa Ngayo Imali?
    I-Phaphama!—2006
  • Amakhadi Okuthenga Ngesikweleti—Ingabe Ayokusiza Noma Ayokwenza Isigqila?
    I-Phaphama!—1996
  • Ngingayisebenzisa Kanjani Imali Yami?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ingabe Kufanele Ngibe Nekhadi Lokuthenga Ngesikweletu?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 6/13 kk. 10-11

Ukulawula Indlela Othenga Ngayo

Ngaphezu kwengcindezi esibhekene nayo evela kubadayisi, imizwa nemikhuba yethu ingaba nomthelela ekuthengeni ngokweqile. Nakhu ukusikisela okuyisithupha kokukusiza ulawule indlela othenga ngayo.

  1. Ungathengi ngokuxhamazela. Ingabe uyakujabulela ukuthenga nokuthola izinto sezinamanani aphansi? Uma kunjalo, ungase uthambekele ekuthengeni ngokuxhamazela. Ukuze ugweme lokho, yima kancane bese ucabangisisa ngemiphumela yesikhathi eside yokuthenga, eyokuba naleyo nto ohlela ukuyithenga neyokuyinakekela. Yima bese ucabanga ngesikhathi esidlule lapho wathenga khona ngokuxhamazela wabe usuzisola kamuva. Ake “wehlise umoya” uqale ucabange ngaphambi kokwenza isinqumo sokugcina.

  2. Gwema ukuthenga ukuze nje uzizwe kangcono. Ukuthenga kungakwenza uzizwe kangcono okwesikhashana uma ukade uphatheke kabi. Kodwa lapho imizwa ebuhlungu ibuya, ungase ucindezeleke nakakhulu uze ufune ukuyiqeda ngokuthenga. Kunokuthenga ukuze nje uzizwe kangcono, thola abangane abazokusekela noma wenze okuthile okuvivinya umzimba, njengokuhambahamba.

  3. Ungathengi ngenjongo yokuzilibazisa nje. Inxanxathela yezitolo ezibizayo iye yashintsha ukuthenga kwaba into yokuzijabulisa. Nakuba ungase uye enxanxatheleni yezitolo noma ubheka-bheke kuyi-Internet ukuze nje uzijabulise, okuningi kwalokho okubonayo kulungiselelwe ukuba kuvuse isifiso sokuthenga kuwe. Thenga kuphela lapho kunokuthile okufunayo, futhi ugcine ngakho.

  4. Khetha abangane bakho ngokucophelela. Indlela yokuphila nezingxoxo zabangane bakho kunethonya elikhulu ezifisweni zakho. Uma kuwukuthi uthenga ngokweqile ukuze ufane nabangane bakho, khetha abangane abangayithandi kakhulu imali nezinto ezibonakalayo.

  5. Wasebenzise ngokuhlakanipha amakhadi okuthenga ngesikweletu. Amakhadi okuthenga ngesikweletu enza kube lula ukuthenga ngaphandle kokucabanga ngemiphumela. Zama ukuyikhokha yonke imali yenyanga ngayinye yamakhadi okuthenga ngesikweletu. Yazi inzalo nezindleko zekhadi lakho lokuthenga ngesikweletu, futhi uqhathanise izinzuzo zamakhadi ahlukahlukene ukuze uthole elingabizi kakhulu. Xwaya amakhadi ezimali ezinkulu ahambisana nezindleko ezinkulu zokuboleka futhi anezinzuzo ongazidingi. Kunokuthenga ngesikweletu, qongelela imali lapho ufuna ukuthenga into enkulu bese uyithenga ngokheshe.

  6. Sazi isimo sakho sezimali. Kulula ukuthenga ngokweqile uma ungazi ukuthi umi kanjani ngasezimalini. Hlale unemininingwane yamuva yezimali zakho, futhi uyazi ingqikithi yemali onayo. Yenza uhlelo lokuthenga lwanyanga zonke kuye ngemali oyitholayo nezindleko zesikhathi esidlule. Bhekisisa indlela othenga ngayo futhi uyiqhathanise nohlelo lwakho. Cela umngane omethembayo ukuba akusize uqonde izinto eziphathelene nezimali wena ongazijwayele.

Ukuvikela Izingane Ekuthengeni Ngokweqile

Izingane yizo eziyizisulu ngokukhethekile zabakhangisi futhi lokho kuyaqondakala. Intsha ithenga kakhulu kunanini ngaphambili. E-United States, intsha ichitha izigidigidi zamarandi ngonyaka ithenga.

Nokho, umcwaningi uJuliet Schor uthi izingane ezithenga ngokweqile zisengozini yokucindezeleka nokukhathazeka futhi azinabo ubuhlobo obuhle nabazali bazo. Ungazivikela kanjani izingane zakho? Cabangela izindlela ezingokoqobo abanye abazali abaye bazivikela ngazo izingane zabo.

ZIFUNDISE: “Awunakuzivikela ngokuphelele izingane zakho ezikhangisweni ngoba zigcwele yonke indawo. Ngakho, siyawachazela amadodakazi ethu ukuthi abakhangisi bangamagovu nokuthi izinkampani ezibaqashayo zimane nje zifuna imali. Azinamsebenzi nathi.”—UJames noJessica.

UNGAVUMI ZIKULAWULE: “Izingane ziyakucindezela ukuba uzithengele izinto futhi zizama konke ukuze ugcine uvumile. Kodwa kubalulekile ukuba wenqabe. Ngokuhamba kwesikhathi ziyafunda ukuthi ngeke zithole yonke into. Njengoba sasikhulisa indodakazi yethu, sasihlale sixoxa njengabazali ngendlela yokulinganisela nemingcele okumelwe siyibeke.”—UScott noKelli.

ZIVIKELE EZIKHANGISWENI: “Umkhaya wethu awuyibuki kangako ithelevishini. Ayiyona nje into yethu. Isikhathi ebesingasisebenzisela ukubuka ithelevishini sisisebenzisela ukwenza ezinye izinto. Siyapheka futhi sidle ndawonye, kanti abafana bethu bayazifela ngokufunda.”—UJohn noJenniffer.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela