Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/13 k. 3
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amazwe Omhlaba
  • EBrithani nase-United States
  • E-Argentina
  • ENingizimu Korea
  • EChina
  • Isikhathi Sokuchuma Kobani?
    I-Phaphama!—2007
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2003
  • Ukuncipha Komcebo Womhlaba
    I-Phaphama!—2005
  • Ukuphila Ngenkathi Yezinguquko Ezinkulu EKorea
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 3/13 k. 3

UKUBUKA OKWEZWE

Amazwe Omhlaba

[Isithombe ekhasini 3]

Ukuqeda indlala akuyona nje indaba yokuthi kukhiqizwa ukudla okungakanani. Kulinganiselwa ukuthi manje abalimi bakhiqiza ukudla okwanele ukuba kondle abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-12—inani elilidlula ngezigidi eziyizinkulungwane ezinhlanu inani labantu elisemhlabeni njengamanje. Izinkinga ngokuyinhloko zihlobene nezezimali, ukudayiswa kokudla nokusaphaza.

EBrithani nase-United States

Abantu abangamaphesenti angu-24 okwakhulunywa nabo kulabo abasebenza ngezimali, bakholelwa ukuthi “ukuze baphumelele kungase kudingeke ukuba bangathembeki noma baphule umthetho.” Abangamaphesenti angu-16 bavuma ukuthi bangabenza ubugebengu “uma kuwukuthi ngeke babanjwe.”

E-Argentina

E-Argentina othisha abathathu kwabahlanu bacela ukungezi emsebenzini ngenxa yokucindezeleka noma ubudlova basemsebenzini.

ENingizimu Korea

Sekuseduze ukuba iningi labantu baseNingizimu Korea libe ngabantu abazihlalela bodwa.

EChina

Kucatshangwa ukuthi amadolobha amabili kwamathathu eChina, ngeke akwazi ukuhlangabezana nemithetho emisha kahulumeni elawula ukuhlanzeka komoya ezoqala ukusebenza ngo-2016. Ngaphezu kwalokho, izinga lokuhlanzeka kwamanzi atholakala emithonjeni eminingi engaphansi komhlaba libhekwa “njengelibi noma elibi ngokwedlulele.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela