UKUBUKA OKWEZWE
Kwa-Israel
Izingane “ezizalwe zinokukhubazeka okwakungabonakala lapho zihlolwa zisesesiswini sikanina” azisenakukwazi ukumangalela iziphathimandla “ngokukhubazeka kwazo,” kubika i-Haaretz.com. Nokho, abazali bangalifaka icala “ngokuzala ingane ekhubazekile” ukuze bathole isinxephezelo ngenxa “yezindleko ezinkulu zokukhulisa umntwana okhubazekile nokuhlangabezana nezidingo [zakhe] ukuphila kwakhe konke.”
E-Australia
E-Australia, imibhangqwana engu-8 kweyishumi iyakipita ngaphambi kokuba ishade.
EGreece
Izibalo ezikhishwe uMnyango Wezempilo waseGreece zibonisa ukuthi lande ngamaphesenti angu-40 inani labantu abazibulala phakathi nezinyanga ezinhlanu zokuqala ngo-2011, uma kuqhathaniswa nenani lesikhathi esifanayo ngo-2010. Lokhu kwanda kwaqondana nokuqala kwezinkinga zokuwa komnotho kwamuva.
E-United States
Ngokombiko we-Natural Resources Defense Council, ukudla okungaba amaphesenti angu-40 ezweni lonke kuyasaphazwa. Ngokwesibonelo, kulinganiselwa ukuthi ukudla okusanhlamvu okungamaphesenti angu-7 kugcina kungavunwanga, kuthi ukudla okungamaphesenti angu-17 kwasezitolo zokudlela kugcine kungadliwanga kanti imikhaya ilahla ukudla okungamaphesenti angu-25 kulokho esuke ikuthengile.
EMadagascar
Muva nje eMadagascar, kutholakale unwabu okuyilona oluncane kakhulu emhlabeni. Njengoba lezi zilwanyana ezinsundu zikhula zibe amamilimitha angu-29, ezinye zazo zingahlala naphezu kozipho. Ngenxa yokusongelwa kwendawo ezihlala kuyo, kungenzeka lezi zilwanyana zisengozini yokuqothulwa.