Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/12 kk. 19-21
  • ICaucasus—“Intaba Yezilimi”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ICaucasus—“Intaba Yezilimi”
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinhlobo Eziningi Ngokumangalisayo
  • Abantu ‘Abavela Kuzo Zonke Izilimi’ Bezwa Izindaba Ezinhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izilimi—Ziwumzila Nomgoqo Wokuxhumana
    I-Phaphama!—2000
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufakaza Kumuntu Okhuluma Olunye Ulimi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Ukuqoqa Abantu Bazo Zonke Izilimi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 12/12 kk. 19-21

ICaucasus—“Intaba Yezilimi”

AKE uzicabange usendaweni egcwele izintaba elingana neSpain ngobukhulu. Umangazwa ukuthola inqwaba yezizwe ezihlukahlukene, ngasinye sinolimi lwaso. Phela, kwezinye izindawo abantu abahlala ezigodini ezakhelene abezwani lapho bekhuluma! Kumelwe ukuba izazi zendawo zenkathi ephakathi zamangala ngendlela efanayo, ngoba esinye sazo sachaza indawo enjalo—iCaucasus—ngokuthi “intaba yezilimi.”

Njengoba izungezwe iziNtaba zaseCaucasus futhi iphakathi kolwandle Olumnyama nolwandle iCaspian, le ndawo ilapho kuhlangana khona amazwekazi nempucuko yawo, okuye kwayenza yaba nomlando omude namasiko amaningi. Abantu bakhona badume ngokuhlonipha abantu abadala, ukuthanda ukudansa nomoya wokungenisa izihambi. Kodwa okujatshulelwa izivakashi eziningi ngeCaucasus, ubuningi bamaqembu ezilimi nezinhlanga ezihlukahlukene—empeleni, inezilimi eziningi kunanoma iyiphi enye indawo yaseYurophu elingana nayo.

Izinhlobo Eziningi Ngokumangalisayo

Ngekhulu lesihlanu B.C.E., isazimlando esingumGreki sabika: “ECaucasus kuhlala izizwe eziningi zazo zonke izinhlobo.” Ngasekuqaleni kwekhulu lokuqala C.E., esinye isazimlando esingumGreki, uStrabo, sabhala ngezizwana ezingu-70 ezikule ndawo. Isizwana ngasinye sasinolimi lwaso futhi sasize ngokuzohweba eDioscurias, indawo osekwakhiwe kuyo idolobha laseSukhumi, oLwandle Olumnyama. Emashumini eminyaka kamuva, uPliny Omdala, isazi esingumRoma, wabhala ukuthi amaRoma ayedinga abahumushi abangu-130 ukuze akwazi ukuhweba eDioscurias.

Namuhla, iCaucasus iseyikhaya labantu bezinhlanga ezingaphezu kuka-50. Ngalunye lwazo lunosiko-mpilo lwalo futhi ngokuvamile lunendlela yalo yokugqoka ehlukile, ezobuciko nendlela yokwakha. Kukhulunywa cishe izilimi zomdabu ezingu-37 kule ndawo—ezinye zikhulunywa izigidi zabantu kuyilapho ezinye zikhulunywa ezigodini ezithile nje kuphela. Ingxenye enezilimi eziningi kakhulu kule ndawo, iRussia’s Dagestan Republic, inezinhlanga ezingaba ngu-30. Kuze kube manje, akukaqondakali ukuthi zonke lezi zilimi zihlobana kanjani zizodwa nokuthi zihlobana kanjani namanye amaqembu ezilimi.

Ungathanda yini ukubona ukuthi zinjani izilimi zaseCaucasus? Ingosi ye-Internet yoFakazi BakaJehova ethi www.jw.org, ikhipha izincwadi ngezilimi ezingaphezu kuka-400. Phakathi kwazo kunezinye ezikhulunywa eCaucasus, indawo ehlaba umxhwele ebizwa ngokufanele ngokuthi “intaba yezilimi.”

IZINHLAMVU ZOKUBHALA EZINHLOBONHLOBO NEMISINDO

Izilimi zaseCaucasus zisebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokubhala. Isi-Armenia nesiGeorgia zinezinhlamvu zazo ezihlukile. Ezinye izilimi zisebenzisa indlela yokubhala yezinhlamvu zesiCyrillic noma zesiLatini ezithe ukushintshwa.

Izilimi zaseCaucasus eseNyakatho-ntshonalanga zinongwaqa abaningi kunazo zonke izilimi emhlabeni kodwa zinonkamisa abambalwa. Ngokusho kwenye i-encyclopedia, lezo zilimi zisebenzisa ongwaqa “abakheka cishe kunoma iyiphi indawo emlonyeni nasemphinjeni.” Ulimi lwaseCaucasus, isi-Ubykh, kuthiwa lwalunongwaqa abahlukahlukene okungenani abangu-80 mhlawumbe nonkamisa ababili nje kuphela, kanti umuntu wokugcina womdabu owayelukhuluma wafa ngo-1992.

Enye inganekwane ilandisa ngombusi waseTurkey oyiSulumane owathumela isazi esithile eCaucasus ukuba siyofunda isi-Ubykh. Lapho sibuya, ukuze sichaze ukuthi kungani sehlulekile ukufunda lolu limi, lesi sazi sathatha isikhwama esincane esinamatshe amancane sawathululela phansi endaweni egandaywe ngemabula phambi kombusi. Sabe sesithi: “Lalela lo msindo. Inkulumo yesi-Ubykh ayehlukile kulo msindo kumuntu oyisihambi.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela