Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/12 k. 7
  • 3 Hlela Izinto Eziza Kuqala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 3 Hlela Izinto Eziza Kuqala
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokwenza Okuningi Ngesikhathi Esincane
    I-Phaphama!—1990
  • Ngingayisebenzisa Kanjani Imali Yami?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingayilawula Kanjani Indlela Engisebenzisa Ngayo Imali?
    I-Phaphama!—2006
  • Ukwakha Umkhaya Oqinile Ngokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 11/12 k. 7

3 Hlela Izinto Eziza Kuqala

Yidlani ndawonye okungenani kanye usuku ngalunye

“Ngangihlale ngikhathele—ngicabanga ngokuthi ngingalinganisela kanjani phakathi komsebenzi, ukukhulisa abantwana, isimiso somkhaya esingokomoya, imisebenzi yasekhaya nokuphumula.”—UYOKO WASEJAPANE.

Inselele.

UMiranda, ongumama wabafana ababili, uthi, “Inselele enkulu kunazo zonke engibhekene nayo ukuba umama osebenzayo onomthwalo wokunakekela umkhaya ngayo yonke into—ngokwenyama, ngokwengqondo, ngokomzwelo nangokomoya—ngaphandle kosizo lomngane womshado.”

Ukusikisela.

Nquma ukuthi yiziphi izinto ezibaluleke ngempela kuwe nasezinganeni zakho bese uzibeka endaweni yokuqala.

Namathela kulokho okubeke endaweni yokuqala futhi ufunde ukusebenzisa isikhathi nemali yakho ngokuvumelana nendlela ohlele ngayo izinto eziza kuqala. Ake sifanekise: Impilo yezingane zakho ibalulekile, ngakho sebenzisa imali oyisebenzele kanzima ekuthengeni ukudla okunomsoco. Lokho kungcono kunokuyisebenzisa ukhokhela izindleko zokwelapha. Ngaphambi kokuba uyothenga, bhala uhlu lwezinto ozozithenga. Lokhu kuyokuvikela ekusaphazeni imali ngokuthenga ungacabanganga. “Ngiyakuthanda ukupheka,” kusho uRoberto ohlala e-United States nezingane zakhe ezine. Uyanezela: “Ngafunda ukugxila ezintweni eziyisidingo—hhayi esizifunayo—futhi hhayi izidingo ezivamile nje, kodwa lokho esikudinga ngempela usuku ngalunye.”

Sebenzisa imali oyisebenzele kanzima ekuthengeni ukudla okunomsoco. Lokho kungcono kunokuyisebenzisa ukhokhela izindleko zokwelapha

Hlukanani nezinto eningazisebenzisi—izincwadi, izingubo nezinto zobuchwepheshe. Kunjengoba omunye umama ongayedwa abhala: “Inqwaba yezinto ezibonakalayo ibangela ukucindezeleka. Uma unezinto eziningi, kuba kuningi okumelwe kuhlanzwe, kukhandwe futhi kugcinwe kusesimweni esifanele. Indlela eyinhloko ongenza ngayo ukuphila kwakho kube lula iwukuba unciphise izinto onazo.”

Qeqesha izingane ukuba ziqoqe endlini njalo kusihlwa. Ungavumi ukuba kube mahliphihliphi endlini. Ukuqeqesha okunjalo kuyofundisa izingane zakho ukuba zazi ukuthi kuwumthwalo wazo ukunakekela ikamelo lazo ngisho nekhaya lazo. Yiqiniso, isibonelo sakho esihle siyokwenza lokho okushoyo kube nesisindo.

Nakuba kungenzeka umatasa kakhulu, kumelwe uchithe isikhathi nezingane zakho—hhayi nje izikhashana ezibizwa ngokuthi isikhathi esiyigugu, kodwa isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka. Izingane zakho ziyasidinga isikhathi sakho nokuba uzinake.—Duteronomi 6:7.

Yidlani ndawonye okungenani kanye usuku ngalunye futhi nenze isikhathi sokudla sibe isikhathi esimnandi. UColette, umama wezingane ezintathu, uthi: “Sanquma ukuthi isidlo sakusihlwa, lapho wonke umuntu esesekhaya, sasiyoba isikhathi sokuxoxa ngezinto ezingokomzwelo nezingokomoya. Leso sikhathi besilokhu siyisenzakalo esikhethekile ekuphileni komkhaya wethu futhi siseyiso namanje.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela