Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/12 k. 7
  • Yiba Nomgomo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiba Nomgomo
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungakwazi Ukufinyelela Imigomo Ezokusondeza KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Ingabe Kufanele Ngisiyeke Isikole?
    I-Phaphama!—2010
  • Ngingakulungiselela Kanjani Ukuyosebenza?
    I-Phaphama!—1991
  • Yini Okufanele Ngiyenze Ngokuphila Kwami?
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 10/12 k. 7

Yiba Nomgomo

Ukuya esikoleni kuba nenjongo futhi kube mnandi kakhulu uma wazi ukuthi ufundelani.

UKUFUNDA ungenamgomo kufana nokugijima emjahweni ongenaso isiphetho. IBhayibheli lithi: “Yazi ukuthi uyaphi.” (IzAga 4:26, Contemporary English Version) Uma unomgomo uyohlale wazi ukuthi ufunani futhi kuyoba lula lapho usuyoqala ukusebenza. Ungazibekela kanjani umgomo?

Zibuze, ‘Ngihlela ukuziphilisa kanjani?’ Ungawuzibi lo mbuzo. Kunalokho, hlela kusenesikhathi. Kungani? Ake ukubheke ngale ndlela: Uma ufuna ukuthatha uhambo, okokuqala kuyodingeka unqume ukuthi ufuna ukuyaphi. Ngemva kwalokho ubheka ibalazwe futhi unqume ukuthi iyiphi indlela engcono yokufika lapho. Kuyafana nangesikole. Cabanga ukuthi imuphi umsebenzi ongawufundela, bese ukhetha izifundo eziyokusiza uthole lowo msebenzi.

Isixwayiso: Izingane eziningi zifuna ukwenza kuphela umsebenzi eziwuzwa egazini—njengokuba umculi—zize zingafuni nakuzwa ngolunye uhlobo lomsebenzi. Iyiphi indlela engcono yokubheka le ndaba?

  1. Cabanga ngamakhono akho. Ngokwesibonelo, uyayijabulela yini imisebenzi ehlobene nokusiza abanye? Ingabe unekhono lokukhanda izinto? lokubala? lokusingatha izimali? nelokulungisa izinto?

  2. Cabanga ngemisebenzi ongakhetha kuyo. Imiphi imisebenzi efanelana kahle namakhono akho? Xoxa nabanye abantu ngemisebenzi ehlukahlukene kunokuba ubambelele kulowo obulokhu uphupha ngawo. Yiba nombono ovulekile. Ngokwesibonelo, ingabe umkhakha ofuna ukuwufundela uyotholakala kwezinye izindawo uma kungenzeka uthuthe? Ukuqeqeshelwa lowo msebenzi ngeke yini kukufake ezikweletini ezingadingekile?

  3. Cabanga ngamathuba onawo. Uma sewazi ukuthi imuphi umsebenzi ongathanda ukuwufundela, bheka ukuthi akhona yini amathuba alowo msebenzi endaweni yakini. Bakhona abantu abangakuqasha? Uma kunjalo, bayamnikeza yini umuntu ithuba lokuqeqeshwa? Zikhona yini izinhlelo zokuba umuntu aqeqeshelwe amakhono athile?

Icebiso: Khuluma nabazali bakho, othisha nabangane abakhulile. Yiya emtatsheni wezincwadi wangakini uhlole ne-Internet.

Iphuzu eliyinhloko: Uma unomgomo, uyokwazi ukuthi ufundelani.

Kungani ungaqali manje? Cabanga kusemanje ngala maphuzu amathathu angenhla, njengoba usesesikoleni. Yibhale phansi imigomo yakho, uxoxe ngayo nabazali bakho.

Kungenzeka uphawulile ukuthi lezi zihloko njalo zibhekisela eBhayibhelini lapho zikhuluma ngezihluthulelo zokuphumelela esikoleni. Abanyathelisi balo magazini, oFakazi BakaJehova, bakholelwa ukuthi iBhayibheli “lineziqondiso zokuphila ngendlela efanele.” (2 Thimothewu 3:16, Good News Translation) Liwusizo ekuphileni kwansuku zonke—hhayi esikoleni kuphela kodwa nasemsebenzini, ekhaya nakwezinye izindawo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela