Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/06 k. 23-k. 25 isig. 3
  • Yini Okufanele Ngiyenze Ngokuphila Kwami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Okufanele Ngiyenze Ngokuphila Kwami?
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Yazi Ukuthi Uphokophele Kuphi”
  • “Khumbula UMdali Wakho”
  • Cela Iziqondiso
  • Ngizokwenzani Ngokuphila Kwami?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Khumbulani Abasenkonzweni Yesikhathi Esigcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Basha—Nizokwenzani Ngokuphila Kwenu?
    Basha—Nizokwenzani Ngokuphila Kwenu?
  • Ungazenza Yini Utholakale?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 7/06 k. 23-k. 25 isig. 3

Intsha Iyabuza . . .

Yini Okufanele Ngiyenze Ngokuphila Kwami?

“Ekuqaleni, ngangingakhathazeki ngekusasa. Kodwa njengoba isikhathi sokuqeda isikole sasisondela, ngabona ukuthi ngase ngiphumela ezweni langempela, okufanele umuntu asebenze ngempela kulo. Futhi kwakufanele ngibhekane nezindleko zangempela.”—U-Alex, oneminyaka engu-17.

LAPHO usengumntwana, ingabe wake wacabanga ukuthi uyoba yini lapho usukhulile? Uzizwa kanjani manje ngezifiso owawunazo? Ingabe udidekile ngokuphathelene nendlela oyoziphilisa ngayo lapho usukhulile? Uma kunjalo, awuwedwa. Incwadi ethi Career Coaching Your Kids ithi: “Isinqumo esiphathelene nohlobo lomsebenzi wokuziphilisa singenye yezinselele ezinkulu intsha ebhekana nazo.”

Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka awucabangi nakucabanga ngendaba yomsebenzi wokuziphilisa njengamanje. Mhlawumbe ukhathalela kakhulu ukuzijabulisa. Akukubi ukuzijabulisa, ngoba iBhayibheli lithi “jabulela ukuphila lapho usemusha!” (UmShumayeli 11:9, Contemporary English Version) Noma kunjalo, manje yisikhathi esifanele sokuqala ukucabanga ngokuthi yini oyoyenza ngokuphila kwakho. IzAga 14:15 zithi: “Okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” Ungazicabangela kanjani ezakho?

“Yazi Ukuthi Uphokophele Kuphi”

Ake sithi uhlela uhambo oluzothatha ibanga elide ukusuka ekhaya. Cishe, ungaqale uhlole ibalazwe ukuze ubone ukuthi yimuphi umgwaqo ongcono oyokubeka lapho uya khona. Kunjalo nokuhlela ikusasa lakho. “Ziningi izinto ongazikhetha,” kusho uMichael, insizwa manje esikhonza kwelinye lamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova. Ukhetha kanjani phakathi kwenqwaba yezinto ongase uzikhethe? UMichael uthi: “Kuya ngemigomo yakho.”

Umgomo wakho kufanele ube yilokho ofuna ukukufinyelela. Ngeke uwufinyelele uma ungenayo injongo. Kungcono ukuthola ibalazwe bese uhlela indlela yakho, ngomqondo ongokomfanekiso. Ngale ndlela, uyobe ulandela isiyalo esisencwadini yezAga 4:26: “Hlelemba indlela yonyawo lwakho.” I-Contemporary English Version iwabeka ngale ndlela la mazwi: “Yazi ukuthi uphokophele kuphi.”

Eminyakeni ezayo, uyokwenza izinqumo eziningi ezibalulekile mayelana nokukhulekela, umsebenzi, umshado, umkhaya nezinye izindaba ezibalulekile. Kuyoba lula ukukhetha kahle uma wazi kuqala ukuthi uphokophele kuphi. Njengoba uhlela inkambo yakho ekuphileni, kunokuthile okungafanele ukukhohlwe.

“Khumbula UMdali Wakho”

Uma ufuna ukujabula ngempela, kufanele ulalele amazwi enkosi ehlakaniphile uSolomoni: “Khumbula uMdali wakho usemusha.” (UmShumayeli 12:1, Today’s English Version) Inkambo oyikhethayo ekuphileni kufanele ithonywe yisifiso sokufuna ukujabulisa uNkulunkulu.

Kungani lokho kubalulekile? Encwadini yesAmbulo 4:11, iBhayibheli lithi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.” Yebo, zonke izidalwa eziphilayo ezulwini nasemhlabeni zinesizathu sokubonga uMdali. Ingabe uyambonga ngokuthi ukunikeze “ukuphila nomoya nazo zonke izinto”? (IzEnzo 17:25) Awuzizwa yini ubophekile ukuba unike uJehova uNkulunkulu okuthile okubonisa ukuthi uyabonga ngazo zonke izinto akunike zona?

Icabanga ngoMdali wayo ngaso sonke isikhathi, intsha eningi engoFakazi BakaJehova iye yakhetha ukuphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele. Iqiniso liwukuthi, inkonzo yesikhathi esigcwele iwumgomo oncomekayo, futhi iletha izibusiso ezingenakubalwa. (Malaki 3:10) Nokho, kudingeka uhlele kusengaphambili. Ngokwesibonelo, zibuze, ‘Yimaphi amakhono enginawo engingawasebenzisa ukuze ngiziphilise enkonzweni yesikhathi esigcwele?’

UKelly, manje oneminyaka engu-27, waqala ukuhlela esemncane. Wayenomgomo ocacile wokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Lapho esecela eminyakeni engamashumi amabili, uKelly waqala “ukuhlela inkambo yakhe” uma kuziwa endabeni yomsebenzi. Uthi: “Kwadingeka ukuba ngikhethe uhlobo lomsebenzi olwaluzongenza ngikwazi ukuzondla enkonzweni yesikhathi esigcwele.”

UKelly wakhetha ukufundela ukuba umsizi kadokotela wamazinyo ohlelweni lokufundela imisebenzi yezandla esikoleni esiphakeme. Waze wawina nomncintiswano kazwelonke. Kodwa impumelelo yakhe ayimenzanga wakhohlwa umgomo wakhe. UKelly uthi: “Ngangifuna ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele. Konke okunye kwakulandela ngemuva.” Namanje uKelly usayijabulela inkonzo yesikhathi esigcwele. Uthi: “Nginomuzwa wokuthi isinqumo sami singesingcono kakhulu engangingase ngisenze.”

Cela Iziqondiso

Uma ubuhamba endaweni ongayijwayele, ngokuhamba kwesikhathi cishe ubungase udinge ukubuza indlela—ngisho noma unalo ibalazwe. Ungenza okufanayo lapho uhlela ikusasa lakho. Thola umbono wabanye. IzAga 20:18 zithi: “Ngokucebisana amacebo ama aqine.” Ngokuqinisekile, abazali bakho bangomunye umthombo omkhulu wesiqondiso. Ungazicela izeluleko nakumaKristu avuthiwe aphila ukuphila okubonisa ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. URoberto usikisela lokhu: “Bheka abantu abadala ababeka isibonelo esihle ebandleni lakini noma ezindaweni eziseduze. Bangakutshela izinto ezimangalisayo.”

Ngaphezu kwanoma ubani omunye, uJehova uNkulunkulu ufuna ukukusiza wenze ukukhetha okuyokunikeza injabulo enkulu kunayo yonke ekuphileni. Ngakho-ke mcele ukuba akusize ‘uqhubeke uqonda ukuthi iyini intando yakhe’ ngekusasa lakho. (Efesu 5:17) Uma uthembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, “yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.

Izihloko ezengeziwe ezithi “Intsha Iyabuza . . .” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ypa

LOKHO OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Yimaphi amakhono onawo?

◼ Zikhona izindlela ongazicabanga zokusebenzisa la makhono ekudumiseni uJehova?

◼ Yiluphi uhlobo lwenkonzo yesikhathi esigcwele olubalwe kulesi sihloko oluthandayo?

[Ibhokisi ekhasini 23]

KWANGQINGETSHE

IBhayibheli lithi: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni.” Indlela eya engcebweni inezikhisi! Ekugcineni, ingakuholela kwangqingetshe, usale nezikweleti, ukukhathazeka futhi ufe ngokomoya.—1 Thimothewu 6:9, 10.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 24, 25]

UKUPHAYONA

Iphayona lingumKristu obhapathiziwe oyisibonelo, oye wahlela ukusebenza amahora angengaphansi kuka-70 inyanga ngayinye eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngokuqeqeshwa nangokuhlangenwe nakho, amaphayona alola amakhono awo njengabafundisi beBhayibheli.

INKONZO YASEBETHEL

Amalungu omkhaya waseBethel akhonza emahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova, lapho eneqhaza khona ekulungiseleleni, ekukhiqizeni nasekuthumeleni izincwadi zeBhayibheli. Isabelo ngasinye eBethel siyilungelo elingcwele lenkonzo.

UKUKHONZA LAPHO KUNENDINGEKO ENKULU KHONA

Amanye amaphayona ayakwazi ukuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso. Amanye afunda olunye ulimi bese ekhonza kwelinye izwe noma ebandleni elisebenzisa lolo limi.

INKONZO YAMAZWE NGAMAZWE

Izikhonzi ezikhonza kwamanye amazwe ziya lapho ukuyosiza ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso nezakhiwo zamagatsha. Lena inkonzo engcwele efana neyalabo abakha ithempeli likaSolomoni.—1 AmaKhosi 8:13-18.

ISIKOLE SOKUQEQESHELWA INKONZO

Lolu hlelo lwezifundo lwamasonto angu-8 luqeqesha abadala nezinceku ezikhonzayo abafanelekayo abangashadile ngenqubo yokusebenza kwenhlangano nokukhuluma obala. Abanye abathole iziqu lapho babelwa ukuyokhonza emazweni akubo; abanye babelwa kwamanye amazwe.

INKONZO YEZITHUNYWA ZEVANGELI

Amaphayona afanelekayo anempilo namandla aqeqeshelwa ukuyokhonza kwamanye amazwe. Izithunywa zevangeli ziphila ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 24]

WHAT WILL I DO WITH MY LIFE?

Le video, ekhiqizwa oFakazi BakaJehova, inezingxoxo eziveza amaqiniso nentsha yaseBrazil, eBrithani, eJalimane nase-United States. Izotholakala nangezinye izilimi eziningi maduze.

[Isithombe ekhasini 23]

“Kuya ngemigomo yakho.”—UMichael, oyilungu lomkhaya waseBethel

[Isithombe ekhasini 24]

‘Isinqumo esingcono kakhulu engangingase ngisenze.’—UKelly, oseneminyaka eyisithupha ephayona

[Isithombe ekhasini 25]

‘Bheka labo ababeka isibonelo esihle.’—URoberto, oyilungu lomkhaya waseBethel

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela