Yini Eyoshintsha?
“Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba.”
“Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”
“Ukufa ngeke kusaba khona.”
LA MAZWI angenhla angase abonakale eyisimanga esingenakwenzeka. Kodwa singaqiniseka ukuthi awalona iphupho nje. Kungani? Ngenxa yokuthi awazona nje izithembiso eziwuwangala zabaholi bezombangazwe abangenamandla okushintsha umhlaba wethu. Kunalokho, izithembiso ezingenhla zitholakala eBhayibhelini.a
Abantu abaningi banomuzwa wokuthi iBhayibheli liyincwadi endala engasasebenzi osukwini lwethu. Ingabe yilokho okukholelwayo? Uma kunjalo, kungani ungakuhlolisisi lokho okuqukethwe yiBhayibheli? Iqiniso liwukuthi, iBhayibheli liwukuphela kwencwadi engcwele elandelela umlando womuntu kuze kufinyelele ekuqaleni kwawo. Lichaza okulandelayo:
● Indlela abantu abalahlekelwa ngayo yithemba.—Roma 5:12.
● Indlela uNkulunkulu azosilungisa ngayo lesi simo.—Johane 3:16.
● Isizathu sokuba ohulumeni bangakwazi ukushintsha umhlaba.—Jeremiya 10:23.
● Isizathu sokuba sibe nethemba lokuthi izithembiso zikaNkulunkulu ziyofezeka.—Joshuwa 23:14.
Ingabe uNkulunkulu uyoyiqeda ngempela indlala, impi, ukugula nokufa ekuphileni kwabantu? Kulula ukukholelwa esithembisweni esinjalo uma usukwamukele ukuthi:
1. Sadalwa uNkulunkulu.
2. UNkulunkulu uyasikhathalela.
3. Unamandla okushintsha umhlaba.
4. Uthembisa ukuthi uzokwenza lokho.
Ingabe zikhona izizathu ezizwakalayo zokwamukela la maphuzu amane? OFakazi BakaJehova, abangabanyathelisi balo magazini, bakumema ukuba uzitholele wena ngosizo lwesifundo seBhayibheli.
Mhlawumbe unalo iBhayibheli kodwa awuvamile ukulifunda noma awulifundi nhlobo. Ngisho nabantu abaningi abalifundayo iBhayibheli bathi bakuthola kunzima ukuliqonda. Uma kunjalo nakuwe, sicela uxhumane noFakazi BakaJehova ukuze uthole isifundo seBhayibheli samahhala. Emhlabeni wonke, izigidi zabantu ziyazuza kuleli lungiselelo. Lisebenza kanjani?
Isonto ngalinye, uFakazi KaJehova oyedwa noma ababili bangakuvakashela ekhaya noma kwenye indawo evumelana nawe ngaphandle kwenkokhiso, ukuze baxoxe nawe ngeBhayibheli. Lesi sifundo seBhayibheli siyokusiza ukuba uphendule imibuzo enjengothi, Kungani sihlupheka? Kungani ohulumeni babantu bengenawo amandla okushintsha umhlaba? Uyini uMbuso kaNkulunkulu, futhi uyokufeza kanjani lokho ohulumeni babantu abangenakukufeza?b
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela ongazuza ngayo ngesifundo seBhayibheli sasekhaya, xhumana noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma uye eNgosini ethi www.jw.org. Ungabhalela nasekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
[Imibhalo yaphansi]
a Lezi zingcaphuno ezingenhla zitholakala ku-Isaya 2:4; u-Isaya 33:24; nesAmbulo 21:4.
b Bheka nesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ubani Ongaguqula Izwe?” emakhasini 26 no-27 alo magazini.