Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/12 kk. 15-17
  • Ingabe Akulungile Ukuthandwa Abantu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Akulungile Ukuthandwa Abantu?
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kubaluleke Kangakanani Ukulandelwa Abantu Abaningi Ezinkundleni Zokuxhumana?
    Intsha Iyabuza
  • Ngingenzenjani Ngezidlova Zasesikoleni?
    I-Phaphama!—1989
  • Ngenzenjani uma ngixhashazwa?
    Intsha Iyabuza
  • Ngingabhekana Kanjani Neziqhwaga Esikoleni?
    Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 3/12 kk. 15-17

Intsha Iyabuza

Ingabe Akulungile Ukuthandwa Abantu?

Bhala igama eliqedela le nkulumo engezansi:

Ukuthandwa ․․․․․ kuhle.

  1. A. kuhlale ku-

  2. B. ngezinye izikhathi

  3. C. akwenzeki kube

IMPENDULO enembile ngu-“B.” Kungani? Ngoba ukuthandwa kumane nje kusho ukuba nogazi kubantu abaningi—futhi lokho akukubi ngaso sonke isikhathi! IBhayibheli labikezela ukuthi amaKristu ayeyoba “ngukukhanya kwezizwe” nokuthi abantu babeyodonseleka kuwo. (Isaya 42:6; IzEnzo 13:47) Ngalo mqondo kungashiwo ukuthi amaKristu ayathandwa.

Ingabe bewazi?

UJesu wayethandwa. Ngisho noma esemncane, wathola ‘umusa kuNkulunkulu nakubantu.’ (Luka 2:52) Kanti iBhayibheli lithi lapho uJesu esekhulile, “walandelwa isixuku esikhulu sivela eGalile naseDekapholi naseJerusalema naseJudiya nangaphesheya kweJordani.”—Mathewu 4:25.

Kungani lokho kwakufaneleka?

Kungenxa yokuthi uJesu wayengazifuneli udumo noma ukuphishekela ukuthandwa, futhi wayengakulangazeleli ukwamukelwa abanye. UJesu wamane wenza okulungile—izenzo ngezinye izikhathi ezazimenza athandwe. (Johane 8:29, 30) Ngesikhathi esifanayo, uJesu wayeqaphela ukuthi noma ikuphi ukwamukelwa ayekuthola kulowo mphakathi owawuhlale uguquguquka, kwakungokwesikhashana. Wayeqonda ukuthi ngokuhamba kwesikhathi laba bantu babezombulala!—Luka 9:22.

Iphuzu Eliyinhloko:

Ukuthandwa kufana nengcebo. Ukuba nayo akukubi ngaso sonke isikhathi. Inkinga iba kulokho abantu abakwenzayo ukuze babe nayo noma bayilondoloze.

Isixwayiso!

Intsha eningi ingenza noma yini ukuze ithandwe. Enye ithanda ukujabulisa abantu futhi yenza okuthandwa iningi. Enye ixhaphaza abanye izama ukubaphoqa ukuba bayihloniphe—ngisho noma lokho bekwenza ngenxa yokwesaba.a

Emakhasini alandelayo, sizoxoxa ngalezo zindlela ezimbili ezikhohlisayo zokuzama ukuthandwa. Sizobe sesibheka indlela engcono yokwenza lokhu.

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ethi www.watchtower.org/ype

a IBhayibheli likhuluma ngeziqhwaga ezibizwa ngokuthi “amaNefili,” okubhekiselwa kuzo nangokuthi “amadoda odumo.” Into ayegxile kuyo kwakuwukuzenzela udumo.—Genesise 6:4.

IZINDLELA ZOKUZENZA UTHANDWE

UKUJABULISA ABANTU

  • Ngifuna ukwamukelwa abanye.

  • Ukuze bangamukele, kumelwe ngiziphathe njengabo.

“Ngazama ukushintsha lokho engiyikho ukuze ngikwazi ukuphila nabanye. Ekuqaleni, kwabonakala kusebenza. Kodwa kamuva ngabona ukuthi akumelwe nanini ushintshe lokho oyikho ukuze nje wamukeleke.”—UNicole.

Isimiso seBhayibheli: “Ungenzi into ngenxa nje yokuthi bonke abanye bayayenza. . . . Ungabavumeli neze labo bantu bakwenzise izinto ezingalungile.”—Eksodusi 23:2, Holy Bible—Easy to Read Version.

ISIQHWAGA

  • Vele sengiyathandwa, futhi ngifuna kuhlale kunjalo.

  • Ngizokwenza noma yini ukuze ngihlale ngivelele—ngisho noma lokho kusho ukulimaza abanye.

“Ngokuvamile izingane ziyadelela, futhi ngenxa yokuthi lezi ezixhaphaza ezinye ziyavelela, ingane enamahloni ingakholelwa ukuthi konke ezikushoyo kulungile.”—URaquel.

Isimiso seBhayibheli: “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo”—Luka 6:31.

INDLELA ENGCONO

Uma usebenzisa la maphuzu amathathu akwesobunxele, abanye bangase bangaku-thandi—kodwa bayokuthanda abantu abafanele!

  1. Zazi izimiso ophila ngazo. IBhayibheli lithi abantu abavuthiwe ‘baqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’—Hebheru 5:14.

  2. Namathela ezinkolelweni zakho. Lingisa uJoshuwa, owasho ngokuqiniseka: “Zikhetheleni namuhla ukuthi nizokhonza bani . . . kepha mina nendlu yami, sizokhonza uJehova.”—Joshuwa 24:15.

  3. Qiniseka ngendlela oyikhethile. Umphostoli uPawulu wakhumbuza uThimothewu: “UNkulunkulu akasinikanga umoya wobu-gwala, kodwa owamandla.”—2 Thimothewu 1:7.

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

UMelissa—Yiqiniso, ungazama ukufana nanoma iyiphi ingane esikoleni. Kodwa lokho akujabulisi! Ukuba umKristu kukwenza wehluke ngendlela enhle. Akukwenzi ube yinqaba. Kukwenza uthandeke.

U-Ashley—Ngangivame ukuzizwa ngingathandwa esikoleni, kodwa ngangiya emihlanganweni yobuKristu futhi ngibe kanye nabangane ababengithanda ngenxa yalokho engiyikho. Ngaleso sikhathi, isifiso engangiba naso sokwamukelwa engifunda nabo sasivele siphele.

UPhillip—Umanqoba uma ufuna ukwamukelwa abanye, ukuba nesithakazelo kubo. Muva nje bengilokhu ngizama ukwenzela abangane bami izinto ezincanyana futhi lokhu kuye kwangisondeza kubo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela