Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Uyazikhathalela Izilwane?
IZILWANE eziningi zisengcupheni yokushabalala. Ososayensi abaningi bakholelwa ukuthi ukuqothulwa kwezilwane kushesha ngesivinini esikhulu. Izilwane zibhekene nemiphumela elimazayo yokusondela kwabantu ezindaweni ezihlala kuzo. Izimboni ezikhiqiza ukudla, imidlalo enonya yokuqhathwa kwezilwane nokushiywa dengwane okungenazwela kwezilwane ezifuywayo kuyenezela kulesi simo esingesihle.
Nokho, abanye banomuzwa wokuthi lesi simo siwumphumela ongenakugwenywa wokwanda kwabantu emhlabeni. Kodwa ingabe yilokho uNkulunkulu ayekuhlosile? Ingabe indalo eyizilwane uyishiyele ezandleni zabantu ukuba bayihlukumeze? Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyazikhathalela izilwane?
Ukukhathalela Kwabonakala Kwasekuqaleni
Ngemva kokuba uNkulunkulu edale izinhlanzi, izinyoni nezilwane zasezweni, uNkulunkulu wajabula. IBhayibheli lithi “wabona ukuthi kuhle.” (Genesise 1:21, 25) UMdali wayezikhathalela ngothando zonke lezo zidalwa, kusukela kwesincane kunazo zonke kuya kwesikhulu kunazo zonke. UNkulunkulu akagcinanga ngokuzidala “zihlakaniphile ngokomzwelo wemvelo,” kodwa futhi wenza namalungiselelo okuba zichume endaweni eziphila kuyo. Umlobi weBhayibheli washo kufanele ukuthi: “Zonke—zihlala zilinde wena ukuba uzinike ukudla kwazo ngenkathi yako. Ozinika kona ziyakuthatha. Uvula isandla sakho—ziyaneliswa ngezinto ezinhle.”—IzAga 30:24; IHubo 104:24, 25, 27, 28.
Yiqiniso, uNkulunkulu wenza izilwane zaba ngaphansi komuntu wokuqala, u-Adamu. Azidalwanga zinekhono lokuhlaziya izinto noma lokuba nobuhlobo noNkulunkulu. (2 Petru 2:12; Jude 19) Ngokungefani nazo, u-Adamu wayenokuphila okusezingeni eliphakeme kunokwazo, wadalwa “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” Wayekwazi ukubonakalisa ubuntu boMdali wakhe, uJehova. (Genesise 1:27; IHubo 83:18) Kodwa lokhu akubanikezanga abantu imvume yokuphatha izilwane nganoma iyiphi indlela abafisa ngayo.
Ngokwesibonelo, u-Adamu waqala ukwetha izilwane amagama ngoba uJehova wamnika lelo lungelo. Ngaphezu kwalokho, uJehova wamsiza ‘ngokuziletha [izilwane] kumuntu ukuze abone ukuthi ngasinye angasiqamba athini.’ (Genesise 2:19) Kwakungaphansi kokuqondisa koMdali wakhe kuphela lapho umuntu ayengazinakekela khona ngokuphumelelayo izilwane.
UNkulunkulu Uyakhathalela Ngempela!
Ngokudabukisayo, u-Adamu wavukela igunya loMdali wakhe. Ukuvukela kwakhe kwaletha imiphumela elimazayo emkhayeni wesintu nakuzo zonke izinto eziphilayo emhlabeni. Noma kunjalo, uMdali wakwenza kwacaca ukuthi kufanele ziphathwe kanjani izilwane. Nakuba ngokuhamba kwesikhathi abantu bavunyelwa ukuba bazidle futhi bazisebenzisele nezinye izinjongo ezifanele, uNkulunkulu akakaze akugunyaze ukuba ziphathwe ngonya. IBhayibheli lithi: “Olungileyo unakekela umphefumulo wesilwane sakhe esifuywayo, kodwa isihe sababi sinesihluku.”—IzAga 12:10.
UNkulunkulu waze wanika ngisho nesizwe sakwa-Israyeli wasendulo imithetho emayelana nenhlalakahle yezilwane. Ilungiselelo leSabatha, usuku lokuphumula ngokuphelele isonto ngalinye, lalizizuzisa izilwane zakwa-Israyeli ngoba nazo zaziphumula. (Eksodusi 23:12) Kuyaphawuleka ukuthi nakuba kungekho msebenzi owawuvunyelwe ngalolu suku olungcwele, abantu kwakumelwe basisize isilwane esisenkingeni. (Luka 14:5) UNkulunkulu wanikeza nesiqondiso sokuthi izinkomo akufanele zincishwe ukudla lapho zisebenza futhi izilwane kwakungafanele zithweswe umthwalo osinda ngokweqile. (Eksodusi 23:5; Duteronomi 25:4) Ukubophela inkunzi nembongolo ndawonye kwakwenqatshelwe, okwakuvimbela ukuba zombili lezi zilwane zingalimali. (Duteronomi 22:10) Ngokusobala, iBhayibheli lifundisa ukuthi izilwane kwakufanele ziphathwe ngendlela ebonisa ukuthi zamukelekile, ziyahlonishwa futhi ziboniswe uzwela!
Nakuba abantu abaningi begxile ezindabeni zabo futhi bengenandaba nokuthi kuzokwenzekani ezilwaneni, uNkulunkulu uzicabangela ngozwela. Lapho umprofethi uJona esabela ngendlela engenazwela lapho izakhamuzi zaseNineve ziphenduka futhi zisinda esahlulelweni sikaNkulunkulu, uJehova wathi: “Mina, akufanele yini ngilihawukele iNineve umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangawazi nhlobo umehluko phakathi kwesandla sabo sokunene nesobunxele, ngaphandle kwezilwane eziningi ezifuywayo?” (Jona 4:11) Yebo, uMdali waba nesihawu ngisho nangezilwane!
Ukukhathalelwa Kwesikhathi Esizayo Kuqinisekile
Kusobala ukuthi uNkulunkulu akayena ongenandaba ngendlela izilwane eziphathwa ngayo. INdodana yakhe ethandekayo uJesu, yaze yathi undlunkulu owodwa awuweli emhlabathini uYise engazi. (Mathewu 10:29) Ngokuphambene, ngisho noma abantu behlose okuhle kangakanani, abaqondi ngokuphelele ukuthi izenzo zabo ziyithinta kanjani imvelo. Ukuqondisa umphakathi wesintu ngendlela ebonisa ukuzihlonipha izilwane zasendle kudinga ushintsho endleleni yabantu yokucabanga.
Ngokujabulisayo, iBhayibheli lichaza isikhathi lapho ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, “umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova.” (Isaya 11:9) Ulwazi olunjalo luyonika isintu esilalelayo imfundo nokuqeqeshwa esikudingayo ukuze sinakekele umhlaba ngendlela efanele. Ithonya loMdali liyobe seliqinisekisa ukuthi kuba nobunye phakathi kwabantu nezilwane, ngaleyo ndlela izimo emhlabeni zibuyele kulokho uNkulunkulu ayekuhlosile ekuqaleni.
IBhayibheli libe selichaza izinguquko eziyoba khona, lithi: “Impisi iyohlala isikhathi newundlu leduna, ingwe ilale kanye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama elinomhlwenga nesilwane esikhuluphele konke ndawonye; nomfanyana nje uyoba umholi wako. Inkomazi nebhere kuyoklaba; amankonyane ako alale ndawonye. Ngisho nengonyama iyodla utshani njengenkunzi. Umntwana oncelayo ngokuqinisekile uyodlala emgodini wemfezi; futhi ingane elunyuliweyo iyofaka isandla sayo embotsheni yomgodi wenyoka.” Yeka ithemba elikhazimulayo esinalo!—Isaya 11:6-8.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Ingabe uNkulunkulu unendaba nokuthi izilwane ziphathwa kanjani?—IzAga 12:10; Mathewu 10:29.
● Ingabe kungenzeka abantu nezilwane kuhlale ngobunye ngokuphelele?—Isaya 11:6-9.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
Ukubonisa inhlonipho ngezilwane zasendle kudinga ushintsho endleleni yabantu yokucabanga
[Umthombo Wesithombe ekhasini 11]
La Voz de Galicia/Fotógrafo: Víctor Mejuto