Lokho Okushiwo Abazali
Iminyaka yobusha iza nezinselele ezintsha ngokuphelele kubazali abaningi. Ungayisiza kanjani ingane yakho ukuba iphumelele kulesi sigaba sokuphila kwayo—okungenzeka siyimbangela yokudideka kuyo njengoba kunjalo nakuwe? Phawula lokho abanye abazali abavela ezingxenyeni ezihlukene zomhlaba abakushoyo.
IZINGUQUKO
“Lapho indodana yethu isencane, iseluleko sami yayisemukela ngaphandle kokuthandabuza. Kodwa phakathi neminyaka yokweva eshumini nambili, yabonakala isilingabaza igunya lami. Yayikungabaza engikushoyo nendlela engikubeka ngayo.”—UFrank, eCanada.
“Indodana yami ayisakhulumi kangako njengoba yayenza ngaphambili. Kufanele ngiyibuze ukuthi icabangani kunokuba ngilindele ukuba ingitshele. Akulula ukuthola impendulo uma ngibuze umbuzo. Izongiphendula—kodwa ngemva kokuzindela.”—UFrancis, e-Australia.
“Kubalulekile ukuba nesineke. Ngezinye izikhathi singase sifune ukuzithethisa izingane zethu kodwa ukwehlisa umoya nokuxoxa nazo kuhlale kuyindlela engcono yokulungisa isimo!”—UFelicia, e-United States.
UKUKHULUMISANA
“Ngezinye izikhathi indodakazi yami ithambekele ekuzivikeleni futhi ngezinye izikhathi icabanga ukuthi ngifunana namaphutha ayo. Kuye kudingeke ngiyikhumbuze ukuthi ngiyayithanda, ukuthi angimelene nayo nokuthi ngifuna iphumelele!”—ULisa, e-United States.
“Lapho zisencane, izingane zami zazingithululela isifuba. Kwakulula ukwazi ukuthi zicabangani. Manje sekufanele ngizame ukuziqonda nokuzibonisa ukuthi ngiyazihlonipha. Yiyona ndlela kuphela engazenza zingithululele isifuba.”—UNan-hi, eKorea.
“Akwanele nje ukwenqabela intsha ukuba yenze izinto ezithile. Kufanele sibonisane nayo futhi sibe nezingxoxo ezinengqondo ezifinyelela izinhliziyo zayo. Ukuze lokho kwenzeke, kufanele sikulungele ukulalela lokho ekushoyo, ngisho noma lokho kuhlanganisa nezinto esingafuni ukuzizwa.”—UDalila, eBrazil.
“Uma kufanele ngiyale indodakazi yami, ngiye ngizame ukukwenza ngasese lokho hhayi phambi kwabanye.”—U-Edna, eNigeria.
“Ngezinye izikhathi lapho ngikhuluma nendodana yami, ngivele ngiphazanyiswe ezinye izinto zasekhaya ngingayinaki ngokuphelele. Iyakubona lokho, futhi ngicabanga ukuthi kungesinye sezizathu ezenza ingakhulumi nami ngokuvamile. Kudingeka ngiyinake uma ngikhuluma nayo ukuze ikwazi ukuqhubeka iveza imizwa yayo.”—UMiriam, eMexico.
UKUZIMELA
“Bengilokhu ngimanqikanqika ukuzinika inkululeko izingane zami esezikhulakhulile, futhi lokhu kuye kwaba yimbangela yezingxabano. Sathululelana izifuba ngale ndaba. Ngazichazela ukuthi kungani nganginokwesaba, ngemva kwalokho zachaza ukuthi kungani zazifuna inkululeko ethe xaxa. Sakwazi ukufinyelela esivumelwaneni esazenza zaba nenkululeko eyengeziwe ngaphansi kwemingcele enokucabangela engazibekela yona.”—U-Edwin, eGhana.
“Indodana yami yayifuna isithuthuthu. Ngangingahambisani nhlobo nalowo mqondo kangangokuba ngazithola sengiyithethisa futhi ngisho zonke izici ezenza kungafaneleki ukusithenga, ngingayinikanga nethuba lokuba ichaze ukuthi isifunelani. Lokho kwayicasula futhi kwayenza yazimisela nakakhulu ukusithola! Nganquma ukuyisingatha ngenye indlela le ndaba. Ngakhuthaza indodana yami ukuba icwaninge zonke izinhlangothi zale ndaba, kuhlanganise izingozi, izindleko nalokho okufunekayo ukuze uthole izincwadi zokusishayela nokuzikhokhela. Ngayitshela nokuba icele iseluleko samaKristu avuthiwe ebandleni. Ngagcina ngibonile ukuthi esikhundleni sokucindezela, kungcono ukuba ngiyikhuthaze ukuba ikhulume ngokukhululekile ngezifiso zayo. Ngaleyo ndlela ngakwazi ukufinyelela inhliziyo yayo.”—UHye-young, eKorea.
“Sasibeka imingcele, kodwa sizinika nenkululeko ngokuhamba kwesikhathi. Uma izingane zethu ziyisebenzisa kahle leyo nkululeko, zazithola eyengeziwe. Sazivulela amathuba okuba zithole inkululeko ethe xaxa, sizibonisa ukuthi kuyisifiso sethu ukuba ziyithole; kodwa zazisithola isijeziso uma ziye zayisebenzisa kabi leyo nkululeko.”—UDorothée, eFrance.
“Angizange ngiyekethise ezindinganisweni engizibekile. Kodwa uma izingane zami zilalela, ngangikulungele ukuzicabangela ezintweni ezithile. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi ngangizivumela ukuba zibuye ngemva kwesikhathi esimisiwe. Kodwa uma ziye zehluleka kaningana ukubuya ngesikhathi esivumelene ngaso, zazibhekana nemiphumela yalokho.”—U-Il-hyun, eKorea.
“Uma isisebenzi silalela futhi siwenza kahle umsebenzi waso, umqashi waso usicabangela kakhudlwana. Ngokufanayo, indodana yethu iyabona ukuthi uma ilalela kakhudlwana futhi iyiqaphela imingcele esiyibekele yona, ithola inkululeko eyengeziwe. Indodana yami iyazi ukuthi njengoba nje isisebenzi sihlawula lapho singayifezanga imithwalo yaso, nayo ingalahlekelwa inkululeko esiyinike yona uma ingayisebenzisi ngendlela efanele.”—URamón, eMexico.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
“Fundisa izingane indlela okufanele ziphile ngayo futhi ziyoyikhumbula ukuphila kwazo konke.”—IzAga 22:6, Good News Translation
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 23]
UKULANDISA KOMKHAYA
“Ukukhulisa Izingane Esezevile Eminyakeni Eyishumi Nambili Kuyinto Emangalisayo”
UJoseph: Amadodakazi ami amabili asevile eminyakeni eyishumi nambili, futhi ngithola ukuthi kuhle ukuwalalela nokuhlonipha imibono yawo. Ukuba qotho ngokushiyeka kwami—nokubonisa inhlonipho uma ngikhuluma nawo—kuyasiza ekulondolozeni ukukhulumisana okuhle. Ngamafuphi nje, nginomuzwa wokuthi ukuba ngumzali wentsha esiyevile eshumini nambili kuyajabulisa, ngibonga isiqondiso esisithola eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
ULisa: Ngaqaphela ukuthi lapho indodakazi yethu endala seyevile eshumini nambili, yayikudinga nakakhulu ukuba nami. Ngiyakhumbula ngichitha isikhathi esiningi ngiyilalele, ngixoxa nayo futhi ngiyiqinisekisa. Mina nomyeni wami siyawatshela amadodakazi ethu ukuthi sifuna aveze imizwa yawo nokuthi sizoyihlonipha. Ngizama ukusebenzisa amazwi ahlakaniphile atholakala kuJakobe 1:19, athi kumelwe ‘sisheshe ukuzwa, sephuze ukukhuluma.’
UVictoria: Umama ungumngane wami omkhulu. Angikaze ngimbone umuntu onomusa nokhathalela njengaye—futhi unjalo kubo bonke abantu. Uqotho ngempela. Akekho ongathatha indawo yakhe.
U-Olivia: Ubaba uyakhathalela futhi uyephana. Uhlale esiza abanye ngisho noma singenalutho olutheni. Akayena umuntu ogcwele ukudlala, kodwa futhi ukwazi ngempela ukuzijabulisa. Ubaba uhamba phambili futhi ngiyajabula ngokuthi ungubaba wami.
“Asinaso Isikhathi Sokuba Nesizungu!”
USonny: Uma amantombazane enenkinga, sihlala phansi njengomkhaya sixoxe. Sihlale siyiveza ngokukhululekile imizwa yethu futhi sisekela izinqumo zethu ezimisweni zeBhayibheli. Mina noYnez sizama nokuqiniseka ukuthi amantombazane anabangane abahle nabavuthiwe. Abangane bethu bangabangane bawo, nabangane bawo bangabangane bethu.
UYnez: Sihlale simatasa futhi senza izinto ndawonye njengomkhaya. NjengoFakazi BakaJehova, simatasa enkonzweni, ngesifundo somuntu siqu nesomkhaya nangokwenza imisebenzi yokuzithandela—ehlanganisa ukunikeza usizo ngemva kwenhlekelele nokwakha amaHholo OMbuso. Sibuye sibe nesikhathi sokuzilibazisa. Asinaso isikhathi sokuba nesizungu!
UKellsie: Ubaba uyisilaleli esihle futhi ukhuluma nawo wonke umkhaya njalo ngaphambi kokwenza isinqumo esikhulu. Umama uhlale ekulungele ukungilalela noma nini lapho ngidinga usizo—noma ngifuna ukukhuluma nje.
USamantha: Umama ungenza ngizizwe ngikhethekile, ngithandwa, ngibalulekile—ngisho noma yena engakuboni lokho. Uyalalela. Uyakhathalela. Buyigugu kakhulu ubuhlobo bami naye.
[Izithombe]
Umkhaya wakwaCamera: UJoseph, uLisa, uVictoria, u-Olivia no-Isabella
Umkhaya wakwaZapata: UKellsie, uYnez, uSonny noSamantha
[Isithombe ekhasini 22]
Abazali bangase banike izingane zabo isilinganiso esithile senkululeko, kodwa futhi babeka nemingcele enokucabangela