Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/11 kk. 4-6
  • Yini Eyenza Ingoma Idle Ubhedu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Eyenza Ingoma Idle Ubhedu?
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqamba Ingoma
  • Ukuqoshwa Kwayo
  • Ukukhangisa
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    I-Phaphama!—1993
  • Xwaya Umculo Owonakalisayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Uyokhetha Ngokuhlakanipha?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 8/11 kk. 4-6

Yini Eyenza Ingoma Idle Ubhedu?

IMBONI yomculo ishesha kakhulu, iyaguquguquka futhi igcwele ukuncintisana. Umculo othandwayo uyashintsha, ezidla ubhedu ziyabuna kanti izingoma ezintsha nobuchwepheshe bamuva kuthatha indawo yokudala. Abagqugquzeli “bahlale befuna isigqi esisha esimnandi,” kusho isazi sezikaqed’ isizungu uKelli S. Burns. Kodwa ukwenza leso “sigqi” sidle ubhedu akulula. “Izingane eziningi zifisa ukuba osaziwayo kwezomculo, . . . kodwa ngokuvamile kuwumqansa ukufeza iphupho lokuqopha enkampanini yomculo,” kusho incwadi yezeluleko yemboni yomculo.—Bheka ibhokisi elithi “Izinguquko Embonini Yomculo,” elisekhasini 6.

Ukuqamba Ingoma

Ababhali bezingoma (1) bafuna ukubhala izingoma ezithinta imizwelo yabantu—ezithinta amathemba abo, amaphupho nemizwa yabo ejulile. Yisiphi isihloko esithandwa kakhulu emculweni? Uma ucabanga ukuthi uthando—ushaye khona. Ababhali bezingoma baye bazame nokwenza iminkenenezo ethandwayo—ethonya olalele futhi ihlale engqondweni.

Ngokulandelayo, umqambi wengoma ube eseqopha ingoma eyisibonelo. Uma abaphathi benkampani eqopha umculo benomuzwa wokuthi ingoma izothandwa, bangase bavume ukwenza isivumelwano sokuqopha (2). Kodwa uma bemanqikanqika ngomculi (mhlawumbe akaziwa kangako), bangayithenga kuye ingoma bayinike umculi odumile ukuba ayicule.

Ukuqoshwa Kwayo

Ukuze zengamele inqubo yokuqopha (3), ngokuvamile izinkampani eziqopha umculo ziqasha umqondisi osemnkantsh’ ubomvu. Nguye onqumayo ukuthi ingoma kufanele iculwe kanjani. Uqasha indawo yokuqopha umculo, aqondise abahleli bomculo, abakopishayo, abadlali bezinsimbi, abaculi abasekelayo, onjiniyela abaqophayo nemishini edingekayo ukuze kukhishwe ingoma eseqophelweni eliphezulu nezothengiseka.

Izingoma eziningi eziqoshiwe zihlanganiswa ngokulandela izinyathelo ezithile, ngokuvamile ziqala ngesigubu, kulandele isiginci, isiginci esindondayo (bass guitar) ne-keyboard. Kamuva, kube sekungena umculi oholayo, izinsimbi ezimsekelayo nezidlalwa ngazodwa kwenezelwe nanoma yimiphi eminye imisindo ukuze kukhishwe unqambothi lwengoma esiqoshiwe (4).

Ukukhangisa

Ukuze zikhangise ngemikhiqizo yazo, izinkampani eziqopha umculo ngokuvamile zenza ama-video ezingoma (5). La ma-video athatha imizuzu emithathu noma emihlanu enza kube sengathi umculi ucula bukhoma futhi amenze aziwe kakhulu. Angase angenise nemali eningi.

Abaculi abaqophayo bavame ukuwuthengisa kakhulu umculo wabo ezindaweni abacula kuzo bukhoma (6). Ngakho bavame ukukhangisa ngomculo wabo omusha ngokuyocula ezindaweni ezithile. Abaculi abaningi baba neziNgosi (7) ezinamasampula omculo wabo, izithombe, ama-video, izinto abazenzayo, izindaba eziphathelene namakhonsathi abasazowenza, amakheli okuxhumana namaqembu abalandeli babo, kanti okubaluleke nakakhulu izindawo ongathenga kuzo umculo kuyi-Internet.

Ubani onqumayo ukuthi ingoma idla ubhedu? Kuba nguwe, wena oyilalelayo. Khona-ke, uwukhetha kanjani umculo? Ingabe uya ngesigqi noma ngomculi, noma ingabe kunezimiso ezikuqondisayo ekukhetheni? Lena imibuzo ebalulekile ngoba umculo unamandla futhi ungasithonya ngokujulile. Leli qiniso lisikhumbuza iseluleko esibalulekile esivela kuMdali: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.”—IzAga 4:23.

Ungasilalela kanjani leso seluleko esihlakaniphile endabeni yomculo? Uma ungumzali, ungawufeza kanjani umthwalo wakho wemfanelo wokuqapha ukuthi izingane zakho zingalimali ngokomoya, ngokwengqondo nangokomzwelo?

[Ibhokisi ekhasini 6]

Izinguquko Embonini Yomculo

I-Internet nezindlela ezingabizi zokugcina umculo oqoshiwe zinomthelela ezinguqukweni ezenzeka embonini yomculo. Namuhla, abaculi bayakwazi ukuqopha umculo osezingeni eliphakeme besemakhaya futhi bawusakaze emhlabeni kabanzi. Umbiko kamagazini i-Economist uthi, “inani elithile labaculi abangosaziwayo alizange lizisebenzise izinkampani zokuqopha.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela