Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/11 k. 22
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukupopola Ngamakhamera E-computer
  • Izilimi Ezisanda Kutholakala
  • Izintibane Ezinemisebe
  • Ukukhishwa Kwemisebe—Kukusongela Kanjani?
    I-Phaphama!—1992
  • Ubuthi Bemisebe—Imbangela Yokukhathazeka
    I-Phaphama!—2001
  • Udoti Wenuzi—Imfucumfucu Ebulalayo
    I-Phaphama!—1990
  • Iyini I-Internet?
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 7/11 k. 22

Ukubuka Okwezwe

Izibalo ezikhishwe yi-Arab Road Safety Organization, ezinze eTunisia, zibonisa ukuthi kuba nezingozi zemigwaqo ezingaphezu kuka-500 000 emazweni ama-Arabhu unyaka ngamunye, okufa kuzo abantu abangaphezu kuka-36 000.—I-REUTERS NEWS SERVICE, ETUNISIA.

Ngokwenhlolo-vo ethile, “I-Internet iwumthombo obalulekile wokwaziswa okuphathelene nobulili entsheni yaseChina, njengoba izingane zingafundiswa ngokwanele ngobulili esikoleni nasemakhaya.”—I-CHINA DAILY, ECHINA.

Ukupopola Ngamakhamera E-computer

Amaphoyisa aseJalimane asanda kubopha umlisa osolwa ngokupopola amakamelo edlanzana lamantombazane asemancane esebenzisa ikhamera yawo exhunywa kuyi-computer. Lo mgulukudu okwazi ukuvula ama-computer abanye ngaphandle kwemvume, kuthiwa waqagela i-password eyayilula yothile onengosi ye-Internet, okwawenza wakwazi ukuthola imininingwane yokuxhumana nabantu abaningi. Kuthiwa lo mgulukudu wasebenzisa le ngosi ukuze uthumele igciwane le-computer eliyi-screen saver kubangane abangamantombazane besisulu sawo—okwakuwenza ukwazi ukuwalawula ukude ama-computer alaba bangane nokusebenzisa ikhamera yama-computer abo noma nini. Kubikwa ukuthi lapho abaseshi betheleka efulethini lalo mgulugudu, bawuthola nezithombe eziyizigidi ezintathu futhi “wawuxhumene ngasikhathi sinye nama-computer amantombazane angu-80 ayengasoli lutho,” kusho i-Aachener Zeitung.

Izilimi Ezisanda Kutholakala

Isazi sezilimi esihlaziya izilimi ezingaziwa kangako zesi-Aka nesiMiji, ezikhulunywa esifundazweni sase-Arunachal Pradesh esisenyakatho-mpumalanga yeNdiya ngasemngceleni weBhutan neChina, sithole ulimi lwesithathu olukhulunywa kule ndawo, okuthiwa isiKoro. “Lolu ulimi obekungakhulunywa nhlobo ngalo emlandweni wezilimi, lungaziwa futhi kungekho lutho olwake lwabhalwa ngokuphathelene nalo,” kusho umcwaningi uGregory Anderson, umqondisi we-Living Tongues Institute for Endangered Languages. Ulimi lwesiKoro lwalungakaze lutholakale ngenxa yokuthi lukhulunywa ngabantu abangaba ngu-800 kuphela endaweni engafinyeleleki kalula. Ngo-2009, kwatholakala izilimi ezingu-24 endaweni yaseChina okwakubikwe ukuthi inolimi olulodwa nje kuphela esikhathini esidlule.

Izintibane Ezinemisebe

“Imali eyisinxephezelo uhulumeni ayinika abazingeli abalahlekelwe yinzuzo ngenxa yezintibane ezinemisebe, inyuke ngokuphindwe kane [eJalimane] kusukela ngo-2007,” kubika i-Spiegel Online. Abazingeli abaningi bathengisela abantu inyama yentibane kodwa imithetho kahulumeni iyakwenqabela ukudayiswa kwenyama enezinga eliphakeme le-cesium-137, isakhi semisebe esabangelwa yingozi yaseChernobyl eminyakeni engu-25 edlule. Izintibane zingenwa kalula yile misebe ngenxa yokuthi zithanda ukudla “amakhowe nezinkowankowane okuthiwa ama-truffle, okuyizinto eziyibamba kalula imisebe,” kuchaza i-Spiegel. Nokho, eqinisweni isizathu esiyinhloko sokwenyuka kwesinxephezelo, ukwanda okwethusayo kwezintibane eJalimane kunokuba kube ukungenwa kwazo imisebe.” Ochwepheshe bathi inkinga yemisebe cishe isazoqhubeka eminye iminyaka engu-50.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela