Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/11 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwethemba ISonto Kunciphe Kakhulu
  • Abaneziqu ZaseKolishi Abasebenzi
  • Ibhuloho Elidliwe Amathe
  • Kungani Isonto Liphelelwa Ithonya?
    I-Phaphama!—1996
  • ICalcutta—Idolobha Eselisimeme Elinezinto Ezinhlobonhlobo
    I-Phaphama!—1998
  • ISonto—Izinguquko Nokudideka
    I-Phaphama!—1993
  • Isonto LamaKatolika ESpain—Kungani Kunesimo Esibucayi?
    I-Phaphama!—1990
I-Phaphama!—2011
g 3/11 k. 29

Ukubuka Okwezwe

I-Italy ibinombukiso wokuqala wesehlukaniso. Izihambeli zixhumane nezinkampani ezihlela imishado ukuze zithole abantu abasha ezizoshada nabo, zaxhumana nezinkampani zokungcebeleka ukuze zihlelele abangashadile amaholidi, zaxhumana nezinkampani ezihlela inqubo yesehlukaniso ukuze zithole abameli, ababali-zimali, odokotela bengqondo nabakhulumeli uma kudingidwa ezesehlukaniso.—I-CORRIERE DELLA SERA, E-ITALY.

“Igebe lokungathembani” elibangelwa ukuthi iSonto LamaKatolika “alizisingathi ngendlela efanele izinkinga zabefundisi zokuxhaphaza ngokocansi” liye labangela “inkinga enkulu kunazo zonke kuleli sonto kula makhulu eminyaka, cishe kuwo wonke umlando wesonto.”—I-NATIONAL CATHOLIC REPORTER, E-U.S.A.

Ososayensi abahlole i-DNA yonwele lomuntu waseGreenland obelufakwe eqhweni owafa eminyakeni engu-4 000 edlule bathole ukuthi “kubonakala sengathi wayedabuka eSiberia.”—I-REUTERS NEWS SERVICE, E-U.S.A.

Ukwethemba ISonto Kunciphe Kakhulu

“Abantu abaningi abasalethembi iSonto [lamaKatolika],” kusho isihloko esikhulu sephephandaba i-Irish Times. Lo mbiko uthi iSonto LamaKatolika liyefana nezinye izinhlangano abantu abaningi base-Ireland abangasazithembi—ezihlanganisa uhulumeni namabhange. Ezweni osekuyiminyaka abantu bethembekile esontweni, cishe abangaphezu kwengxeye kulabo okuxoxwe nabo muva nje lapho kwenziwa inhlolo-vo bathi, abalethembi “neze” isonto (amaphesenti angu-32) noma abangalethembi “kahle” isonto (bangamaphesenti angu-21). Amahlazo asanda kuzamazamisa leli sonto kuthiwa yiwo abangela ukuba “kunciphe kakhulu” ukwethenjwa kwalo emphakathini.

Abaneziqu ZaseKolishi Abasebenzi

Ingabe imfundo yaseKolishi iyisiqinisekiso sokuthola umsebenzi? Akunjalo kwabaningi, ngokusho kombiko we-Manila. Ucaphuna uHerbert Bautista, imeya yaseQuezon City, ethi: “Unyaka ngamunye amakolishi ethu namayunivesithi akhiqiza izigidi zabafundi abathole iziqu abagcina bengaqashiwe ngenxa yokuthi ayikho imisebenzi abasuke beyifundele.” Abaningi bagcina sebengomabhalane noma besebenza ezitolo zokudlela. Uhulumeni ukhuthaza abafundi abasanda kuphothula umatikuletsheni ukuba bakhethe izifundo zokwenezela ezithatha isikhathi esincane futhi ezisebenzisekayo noma izifundo zamakhono umsebenzi wawo otholakala kalula.

Ibhuloho Elidliwe Amathe

ECalcutta, eNdiya, ibhuloho okuthiwa iHowrah elingamamitha angu-457 ubude lisongelwa amathe abantu abahamba kulo. Kungani? I-gutkha—ingxube ethandwayo yeqabunga le-betel, nentongomane okuthiwa i-areca kanye nomcako othile omhlophe, izakhamuzi eziningi ezithanda ukuyihlafuna bese ziyikhafula—idla ibhuloho. Ngokwephephandaba laseCalcutta i-Telegraph, “amathe abantu abahamba kuleli bhuloho esewonke anciphise ugqinsi oluyisembozo sensimbi esivikela izinsika [zebhuloho] kusukela kumamilimitha ayisithupha lwaba amamilimitha amathathu kusukela ngo-2007.” Abantu abahamba ngezinyawo abangaba ngu-500 000 nezimoto ezingaba ngu-100 000 banqamula leli bhuloho nsuku zonke.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela