Ingabe Yaklanywa?
Indlela Ephumelelayo Yokubhukuda Kwenhlanzi I-salmon
● Ukuze ziye endaweni ezizalana kuyo, izinhlobo eziningi zezinhlanzi okuthiwa ama-salmon zibhukuda zenyuse umfula, ziphambana namanzi anamandla njengoba zenyuka. Zikwazi kanjani ukubhekana nohambo olukhandlayo kodwa zinganqotshwa ukukhathala? Kunokuba zikhungathekiswe yila manzi anamandla, empeleni lezi zinhlanzi ziwasebenzisa ngokunenzuzo. Kanjani?
Cabanga ngalokhu: Ama-salmon awamane aziphonse aphambane nesifufula samanzi. Kunalokho, lapho enyusa umfula onga amandla ngokusebenzisa imigugu noma imisinga yamanzi, eyakheka lapho amanzi agelezayo ephazanyiswa amadwala, amahlahla noma ezinye izinto. Njengoba le misinga yakheka ezinhlangothini zala madwala, izinhlanzi zibhukuda zitshuze phakathi kwamadlambi. (Bheka umfanekiso.) Eminye imihlambi yezinhlanzi isebenzisa imisinga eyakhiwa ezinye izinhlanzi ezibhukuda phambi kwazo. Lezi zinhlanzi zingasebenzisa ngisho namadlambi abangelwa imizimba yazo!
Abacwaningi banethemba lokusebenzisa le ndlela ye-salmon yokubhukuda ukuze baphehle ugesi emanzini ahamba kancane. Imishini yokuphehla ugesi ivame ukuwuphehla ngamanzi ahamba ngesivinini esingamakhilomitha angu-9,3 ngehora noma ngaphezulu. Umshini asebewakhile osebenzisa umsinga wamanzi, ungaphehla ugesi emanzini ahamba ngesivinini esingamakhilomitha angu-3,7 nje kuphela ngehora.a Noma kunjalo, lobu buchwepheshe abusondeli nakusondela ezingeni eliyinkimbinkimbi elinjengelenhlanzi i-salmon. UMichael Bernitsas onguprofesa e-University of Michigan, e-U.S.A., uyavuma: “Asikahlakaniphi njengale nhlanzi okwamanje.”
Ucabangani? Ingabe ikhono lama-salmon lokusebenzisa amandla omsinga laba khona ngengozi? Noma ingabe laklanywa?
[Umbhalo waphansi]
a Lokhu kuzwakala kuthembisa, njengoba imifula eminingi emhlabeni inamanzi ahamba ngesivinini esingaphansi kwamakhilomitha angu-5,6.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
Top: © photolibrary. All rights reserved.