“Iqiniso Liyonikhulula”!
LAWO mazwi kaJesu Kristu atholakala eBhayibhelini kuJohane 8:32, ayohlale eyiqiniso. Iqiniso leBhayibheli lisikhulula ekukholelweni ezeni nasemasikweni angamjabulisi uNkulunkulu nangasilimaza. Lokhu okulandelayo, kubonisa indlela iqiniso leBhayibheli eliye lakhulula ngayo abantu emazweni ahlukahlukene kwamanye amasiko awumthwalo ahlobene noKhisimusi.
Iqiniso LeBhayibheli Labakhulula!
E-Argentina “Umkhaya wakithi ukhululiwe ezinkingeni ezihlobene nokudla ngokweqile nokuphuza utshwala kanye nezindleko zezipho esasingakwazi ukuzikhokhela,” kusho u-Oscar.
UMario wazizwa ekhululwe ngempela lapho embulelwa lokho akubiza ngokuthi “amanga kaKhisimusi.” “Manje ngijabulela ukubonisa ukuthi ngiyabazisa abanye abantu ngokubapha izipho nganoma yisiphi isikhathi sonyaka nalapho isimo sami esingokwezimali singivumela.”
ECanada U-Elfie uyabhala, “Ngiyakuthanda ukupha nokuphiwa izipho. Kodwa angikuthandi ukupha umuntu akwenza ngoba ephoqekile. Lapho umkhaya wakithi uyeka ukugubha uKhisimusi, labe liphume nobomvu!”
U-Ulli, enye yamadodakazi ka-Elfie, uyakhumbula: “Ngemva kokuba abazali bami beyekile ukugubha uKhisimusi, babevame ukuhlela ukuba senze izinto ezijabulisayo noma basiphe izipho singalindele nganoma yisiphi isikhathi futhi sasikuthanda lokho! Uma izingane esifunda nazo zisibuza ukuthi kungani sithengelwe izipho, sasizitshela ngeqholo sithi, ‘Bamane nje bayasenzela!’ Noma kunjalo, ukushintshela ekuphileni ngeqiniso leBhayibheli kwakungelula kubazali bethu ngoba kwakusho ukuphikiswa nokucindezelwa okuvela emndenini. Kodwa bama baqina. Ukubona ukuzimisela kwabo ukukhulekela uJehova uNkulunkulu ngokwamukelekayo kwaba nethonya elikhulu kimi.”
KuSilvia, ukuyeka uKhisimusi “kwaba yimpumuzo.” Uthi, “Ngemva kwalokho ngazizwa ngijabule! Ngangazi ukuthi ngijabulisa uJehova uNkulunkulu futhi lokho kwakungcono kunokugubha inqwaba yoKhisimusi.”
EKenya UPeter uyabhala: “Ngesikhathi ngisagubha uKhisimusi ngangiboleka imali eningi ukuze ngithenge izipho futhi ngikhokhele nokudla okubizayo. Konke lokhu kwakusho ukuthi kufanele ngisebenze isikhathi esengeziwe, okwakwenza ngingakwazi ukuba nomkhaya wami. Yeka indlela engajabula ngayo lapho ngikhululeka kukho konke lokhu!”
UCarolyne uthi, “Mina nomkhaya wami nabangane siphana izipho noma nini. Ngikholelwa ukuthi izipho ezinjalo ezingalindelekile, ezisuka enhliziyweni, zingcono kakhulu.”
EJapane UHiroshi noRie bayabhala, “Izingane zethu azinawo umkhuba wokulindela izipho nokuzithatha kalula. Kuyasijabulisa njengabazali ukubona ukuthi ziyaqonda ukuthi ukupha kufanele kusuke enhliziyweni.”
UKeiko uyakhumbula: “Umkhaya wethu wawuvame ukugubha uKhisimusi. Ngemva kokuba sesiqiniseka ukuthi indodana yethu yase izumekile, mina nomyeni wami sasibeka isipho eceleni kombhede wayo. Ekuseni ngosuku olulandelayo, sasithi kuyo: ‘Ngoba ubungumfana oziphethe kahle, uSanta ukuphe isipho.’ Lapho ngifunda iqiniso ngendaba kaKhisimusi futhi ngixoxela indodana yami lokho engangikufunda, yashaqeka futhi yakhala. Ngaleso sikhathi ngabona ukuthi uKhisimusi awuyona into enhle ngendlela ovezwa uyiyo. Kunalokho ungamanga, futhi ngokubhebhethekisa lawo manga, ngaba nomuzwa wokuthi ngangenze ingane yami yangangethemba.”
EPhilippines UDave uthi: “Kunzima ukubhala ngenjabulo uJehova asinika yona ngamaqiniso amsulwa aseBhayibhelini. Lapho amalungu omkhaya wakithi epha abanye izipho, asilindeli ukuthola okuthile kulabo bantu. Sipha ngokusuka enhliziyweni.”
Laba abacashunwe ngenhla, bamane nje bangabanye kwabayizigidi abaye bazibonela ngawabo ukuthi iqiniso leBhayibheli liyabakhulula abantu. Okubaluleke nakakhulu ukuthi lapho siphila ngokuvumelana nalelo qiniso, sijabulisa inhliziyo kaNkulunkulu. (IzAga 27:11) UJesu Kristu wathi: ‘Abakhulekeli beqiniso bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.’ (Johane 4:23) Lapho uNkulunkulu ebheka inhliziyo yakho, ingabe ubona umuntu olangazelela ukwazi iqiniso? Sethemba ukuthi impendulo yakho inguyebo ocacile!
[Isithombe ekhasini 9]
AmaKristu apha ngoba eshukunyiswa uthando nganoma yisiphi isikhathi sonyaka