Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/10 k. 32
  • Igugu Labafundi BeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Igugu Labafundi BeBhayibheli
  • I-Phaphama!—2010
I-Phaphama!—2010
g 10/10 k. 32

Igugu Labafundi BeBhayibheli

● Yilokho incwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle’ eyikho. Inamabalazwe agqamile nezithombe zezindawo lapho izenzakalo ezinkulu emlandweni weBhayibheli zenzeka khona phakathi neminyaka engaphezu kuka-2 000 edlule. Kunanesithombe esithwetshulwe emoyeni samanxiwa aseBheri-sheba yasendulo, lapho kwakuhlala khona u-Abrahama, kanye nesithombe somgwaqo waseRoma okungenzeka abafundi bakaKristu babewusebenzisa ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E.

Abafundi bethu abaningi baye babonga ngale ncwajana. Omunye wabhala: “Ngiswele amazwi okubonga. Bengilokhu ngifisa ukulibona ngeso lengqondo izwe lezinzalamizi nendawo uJesu ahamba kuyo.” Omunye wathi: “Sekuyisikhathi eside ngifuna incwadi enjengalena. Ngempela yenza iBhayibheli liphile.”

Ungacela ikhophi yale ncwajana enamakhasi angu-36 ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini. Le ncwajana itholakala ngezilimi ezingu-79. Kakade sekunyatheliswe amakhophi angaba yizigidi eziyishumi.

□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana eboniswe lapha.

□ Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

[Isithombe ekhasini 32]

IBheri-sheba yasendulo

[Isithombe ekhasini 32]

Umgwaqo waseRoma

[Imithombo Yesithombe ekhasini 32]

Beer-sheba, Roman road, and brochure cover: Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela