Ingabe Lwaklanywa?
Ulimi Lomzwilili
● Abacwaningi bahlola ingcosana yegazi, i-DNA nezinye izinto engilazini engangesandla. Kulo mkhakha we-microfluidics (ukusebenza ngoketshezi oluyingcosana), kusetshenziswa amaphampu ukuze kuhlukaniswe amaconsi amancane, kodwa lezi zindlela zivame ukungasebenzi kahle. Ingabe ikhona indlela engcono yokuthutha uketshezi oluyingcosana? NgokukaDkt. John Bush weMassachusetts Institute of Technology, “imvelo isizixazululile kakade lezi zinkinga.”
Cabanga ngalokhu: Umzwilili awusebenzisi amandla amaningi ngokumunca umpe lwembali ngomlomo. Kunalokho, usebenzisa amandla abamba izinto enza ukuba amanzi asendaweni eyisicaba abe amaconsi futhi angachitheki. Uma ulimi lomzwilili luthinta umpe, lolu ketshezi lwenza ulimi lwawo lusongeke lube samhubhe omncane, okwenza umpe lukhuphuke. Empeleni, umzwilili ugwema ukusebenzisa amandla ngokuvumela umpe ukuba luzingenele ngokwalo “ngalo omhubhe” luye emlonyeni. Uma udla, umzwilili ungagcwalisa ulimi lwawo ngompe izikhathi ezingaba ngu-20 ngomzuzwana!
Leli “payipi elizenzekelayo” liye latholakala nakwezinye izinyoni zasogwini, eziphuza amanzi ngendlela efanayo. Ekhuluma ngaleli khono, uProfesa Mark Denny waseStanford University, eCalifornia, e-U.S.A., uthi: “Inhlanganisela yobunjiniyela, isayensi nezibalo iyamangalisa ngempela . . . Uma uthatha noma imuphi unjiniyela noma isazi sezibalo bese usitshela ukuba siklame indlela inyoni engathatha ngayo amanzi oqhwakwini iwafake emlonyeni, besingeke siyicabange le ndlela.”
Ucabangani? Ingabe ulimi oluncane lomzwilili—olunekhono lokumunca umpe ngokushesha nangendlela ephumelelayo—lwaba khona ngengozi? Noma ingabe lwaklanywa?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 23]
© Richard Mittleman/Gon2Foto/Alamy