Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/10 k. 32
  • Kungani Kufanele Wazi Isigijimi SeBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Wazi Isigijimi SeBhayibheli?
  • I-Phaphama!—2010
I-Phaphama!—2010
g 11/10 k. 32

Kungani Kufanele Wazi Isigijimi SeBhayibheli?

● IBhayibheli liyincwadi esakazwa kakhulu kuwo wonke umlando, futhi abaningi bayalazisa. Kwenziwa ngalo izifungo ezinkantolo zomthetho, kanti izikhulu zifungela izikhundla zibeké isandla kulo. Ulwazi lweBhayibheli luyimfundo ebaluleke kakhulu umuntu angayithola.

Abaningi bangavuma ukuthi izwe beliyoba indawo engcono ukube abantu abengeziwe bebefunda iBhayibheli futhi bephila ngalokho elikushoyo. Incwajana enamakhasi angu-32, enezithombe ezinhle ethi IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? ingakusiza ukuba ufunde lokho okufundiswa iBhayibheli. Izingxenye zayo zokuqala ezimbili zichaza indlela uMdali alungiselela ngayo isintu ipharadesi, nendlela elalahleka ngayo. Ezingxenyeni ezilandelayo, kubukezwa umlando wabantu uNkulunkulu abasebenzisa ekulungiseleleni uMbusi kahulumeni woMbuso wakhe, oyobuyisela iPharadesi kulo mhlaba.

Izingxenye ezilandela lezo zichaza ukuphila, inkonzo, izimangaliso, ukufa nokuvuswa koMbusi okhethwe uNkulunkulu, uJesu Kristu. Ngokulandelana kwazo, izingxenye ezine ezilandelayo zichaza inkonzo, ukholo ngaphansi kokuvivinywa kanye nemibhalo ephefumulelwe yabalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala. Uyojabula lapho ufunda ingxenye ethi “IPharadesi Liyabuyiselwa!” kanye nekhasi layo lokugcina elinezithombe ezigqamile, elinesihloko esithi “Umyalezo WeBhayibheli—Ukubuyekeza.”

Ukuze ucele ikhophi yale ncwajana, mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana eboniswe lapha.

□ Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela