Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/10 k. 30
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Iziphazamiso Eziningi Kakhulu”
  • Kudingeka Otolika
  • Umthombo Wegolide Ongalindelekile
  • Impicabadala—Yegolide
    I-Phaphama!—1998
  • Funa Okungcono Kakhulu Kunegolide
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Igolide Elagudluza Izintaba
    I-Phaphama!—2001
  • Ingabe Ingcebo YeNkosi USolomoni Iyihaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 2/10 k. 30

Ukubuka Okwezwe

“Amaphesenti angu-60 abantu emhlabeni manje asenomakhalekhukhwini . . . Okuwushintsho olukhulu olwenzeke eminyakeni nje eyisithupha edlule, lapho kwakungabantu abangamaphesenti angu-15 kuphela ababenomakhalekhukhwini.”—I-MACLEAN’S, ECANADA.

Eshumini leminyaka elidlule, kutholakale izinhlobo ezintsha zezilwane ezingu-1 068 engxenyeni enkulu yesifunda saseMekong eNingizimu-mpumalanga ye-Asia—I-WORLD WILDLIFE FUND, E-UNITED STATES.

“Inani labantu baseMelika lingamaphesenti angaphansi kwayisihlanu abantu bomhlaba wonke kodwa inani leziboshwa elicishe libe ngamaphesenti angu-25 eziboshwa ezisemhlabeni wonke liseMelika. Ibopha abantu abangu-756 enanini lezakhamuzi ezingu-100 000, inani eliphindwe cishe kahlanu esilinganisweni somhlaba.”—I-ECONOMIST, EBRITHANI.

“Iziphazamiso Eziningi Kakhulu”

Ezinye izinhlobo zokuxhumana ngobuchwepheshe zingakwenza ungakwazi ukugxilisa ingqondo kweminye imisebenzi. Izazi ezihlola ukusebenzisa kwabantu imishini—enjengemiyalezo esheshayo, izikhumbuzo zekhalenda, ukuqasheliswa ngokungena kwe-e-mail nezinto ezimane zivele kuyi-computer—zibika ukuthi lezi zinto zibanga inkinga kubantu abazisebenzisayo ngoba “ziyabaphazamisa futhi abakwazi ukugxilisa ingqondo isikhathi eside kulokho abakwenzayo.” Umagazini i-Newsweek uma uchaza umphumela wokuphazamiseka okuqhubekayo uthi, ungase kube ukuthi “uzifaka engozini yokungakwazi nhlobo ukugxila entweni eyodwa noma isikhathi eside futhi ungakwazi ukuqeda noma yini oyenzayo.” Kokunye lokhu kuphazamiseka kungakubangela “ukukhohlwa nokwanda kokungazikhumbuli izinto ngokunembile” kuhlanganise nokuba sethubeni lokwenza amaphutha amakhulu.

Kudingeka Otolika

E-United States, izinkantolo, abezomthetho, izibhedlela nezinye izinkampani bavame ukudinga usizo lokuqonda lokho abantu abakushoyo. Kunesidingo esikhulu sotolika ukuze kugcwalise leso sidingo sokhulumisana kulokho umbiko wezindaba i-Reuters ekubiza ngokuthi “ukwanda kokuhlukana kwezilimi zomhlaba.” Enye yezinkampani eseCalifornia iqashe abahumushi abangu-5 200 abakhuluma izilimi ezingu-176—kusukela ezilimini ezijwayelekile njengesiShayina, isiRashiya neSpanishi kuya kwezilukhuni njengalezo ezikhulunywa ezingxenyeni ezithile ze-Afrika neMexico. Esikhathini esingaphansi komzuzu, lezi zinkampani zikwazi “ukuthola ukuthi umuntu ukhuluma luphi ulimi” bese zifaka umhumushi ocingweni ukuze asize abantu “bakhulume,” kusho lo mbiko.

Umthombo Wegolide Ongalindelekile

INagano Prefecture, enyakatho-ntshonalanga yeTokyo, “ithole umthombo omusha wamagugu ambiwa phansi—indle,” ngokusho kombiko wezindaba i-Reuters eJapane. Ukuhlaziya kwembula ukuthi umlotha owudaka lwendle eshisiwe olwenziwa isikhungo sokukhuculula indle saseSuwa, wawunephesenti eliphakeme legolide kunalelo elitholakala ezimayini zegolide ezicebe kunazo zonke eJapane. Isifunda sakhona silindele ukuthola izigidi ezingu-15 zama-yen, okuyinani elingaphezu kuka-R1 296 000, ngegolide ngonyaka owodwa. Kucatshangwa ukuthi imbangela yokuba khona kwegolide elingaka endleni “kubangelwa ukugcwala kwezinto zokwenza igolide ezisetshenziswa ngokuphindaphindiwe kule ndawo,” ngokusho kwalo mbiko.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela