Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/10 k. 30
  • “Yekani Ukukhathazeka”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Yekani Ukukhathazeka”
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isikole Esiphumelelayo Esisemhlabeni Wonke
    I-Phaphama!—1995
  • Ukusondela KuNkulunkulu Kube Kuhle Kimi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Isikole Senkonzo esingokwaseZulwini Siveza Izinzuzo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukuqeqesha Izikhonzi ZoMbuso
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 1/10 k. 30

“Yekani Ukukhathazeka”

“Imali esasinayo ebhange yaphela nya kuhlanganise nezimali esasizibhalise ngezingane zethu. Kwaphela izinyanga kungekho mali engenayo.”

● Nganginesikole endaweni esemaphandleni eNdiya futhi siqhuba kahle kakhulu. Ngesinye isikhathi sake saba nabafundi abangaba ngu-500. Isikole esidumile edolobheni sabe sesiqala ukuthumela amabhasi kule ndawo yethu futhi senza kwaba lula ukufunda kusona. Ngokusobala abafundi bami abaningi bathuthela kulesi sikole sasedolobheni. Eqinisweni, inani labafundi esikoleni sami lehla lisuka ku-500 laya ku-60. Okwenza izimo zaba zimbi nakakhulu ukuthi, ngaleso sikhathi isikhulu esithile sahoxa esivumelwaneni sezimali esasinaso futhi sasisangikweleta imali. Njengoba nganginezisebenzi eziningi esikoleni okwakudingeka ngiziholele, ngabhekana nenkinga yezimali.

Sahlala phansi njengomkhaya saxoxa ngesimo. Sonke sabonisa umoya wokuzidela njengoba sasilwela ukulandela umyalo kaJesu wokugcina ‘iso lethu lilihle’ ngokwezimali—ngamanye amazwi, singazithengi izinto esingeke sikwazi ukuzikhokhela. (Mathewu 6:22, 25) Sayeka ukuhamba ngemoto isikhathi esithile ngenxa yezindleko zikaphethiloli nokuyinakekela. Sanciphisa nezindleko zokudla ngokuthenga ebusuku lapho amanani okudla okusele esehlile. Sanciphisa nenani lezinto esasizidla esidlweni ngasinye.

Singabanye boFakazi BakaJehova futhi sinomuzwa wokuthi kubalulekile ukuhlangana namakholwa esikanye nawo emihlanganweni yobuKristu. (Hebheru 10:25) Ngakho nakuba isimo sethu sezomnotho sasinzima, sanquma ukungaphuthi ngisho nakowodwa umhlangano webandla nemikhulu—ngisho noma lokho kwakusho ukuhamba amabanga amade. Inkonzo yethu ehilela ukufundisa abantu ngeBhayibheli ihlanganisa ukuya ezindaweni ezikude. Sasisebenzisa isithuthuthu kunokuba sihambe ngemoto. Yiqiniso, asikwazi ukuthwala abantu abangaphezu kwababili ngesikhathi.

Lokhu kukodwa kwakungasho ukuthi sinciphise isikhathi esisichitha ensimini. Ngokuphambene nalokho, umkami nendodakazi yethu baqala ukuchitha isikhathi esengeziwe ekukhulumeni nabanye ngeBhayibheli. Ngezinye izikhathi babehamba amakhilomitha ayisithupha kuya kwangu-8 ukuya beyoqhuba izifundo zeBhayibheli nalabo abathakazelayo. Mina nendodana yami senza umzamo wokusebenza isikhathi esengeziwe ekufundiseni abanye ngeBhayibheli.

Manje izimo zethu zomnotho sezingcono. Nokho, esimweni sethu esinzima sifundile njengomkhaya ukuthi singagxili kakhulu ezintweni ezibonakalayo. Safunda nokuthi singakhathazeki ngokweqile ngezimo esingeke sikwazi ukuzilawula. Silithole likhuthaza ngokukhethekile iHubo 55:22. Lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.” Lawo mazwi abe yiqiniso ngokuphelele phakathi nesikhathi sethu sokucindezeleka ngokwezimali!—Inikelelwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela