Ukubuka Okwezwe
“UNkulunkulu wamaKristu akafile ekuphileni kwabaseMelika, kodwa akaselona ithonya kangako kwezombangazwe nasendleleni yokuphila kunangaphambili.”—I-NEWSWEEK, E-U.S.A.
Ukuwohloka nezinkinga zezomnotho kwakha isigaba esisha sabantu: Imibhangqwana eshadile engakwazi ukuhlukanisa. Kulezi zikhathi ezinzima abantu abaningi bakubona kushibhile ukuhlala ndawonye ngisho noma bengasathandani.”—I-WALL STREET JOURNAL, E-U.S.A.
Umama oyedwa kwabathathu okwakhulunywa nabo eJalimane ufunda okuthile endodakazini yakhe—ngezemfashini, ubungane nabanye, ukuthatha izinto kalula noma ukuba nokuzethemba kakhudlwana.—I-BERLINER MORGENPOST, EJALIMANE.
Amasosha Omzimba Asazulazula
I-International Herald Tribune ithi: “Sekudlule amashumi eminyaka angu-9 ngemva kokuphela komkhuhlane obulalayo waseSpain, igazi lalabo abasinda kuwo lisenamandla amakhulu okuzivikela kuleli gciwane lango-1918, okubonisa ukuba namandla ngokuphawulekayo kwesimiso somzimba sokuzivikela. Ngenkathi behlola igazi lasebekhulile abasinda kulo mkhuhlane, ososayensi bathola ukuthi “amasosha omzimba ayesazulazula emzimbeni efuna ukubulala imithonseyana yomkhuhlane omdala.” Besebenzisa la masosha omzimba, abacwaningi benze umuthi okwazé ukwelapha igundane elafakwa umkhuhlane obulalayo. Indlela isimiso zokuvikela esikhumbula ngayo izinto iyabamangaza abacwaningi. Omunye wabacwaningi wathi: “INkosi isibusise ngamasosha omzimba ukuphila kwethu konke! Okungakubulali kuyakuqinisa.”
Imibuzo Eya KuNkulunkulu
“Kungani uhlupheka uma ulungile?” Lona ngomunye wemibuzo yokuqala abafundi ekolishi laseSweden abangawubuza uNkulunkulu uma bengathola ithuba lokwenza kanjalo, kusho iphephandaba lansuku zonke laseSweden i-Dagen. Inhlolo-vo yathola ukuthi eminye yemibuzo ejwayelekile yile: “Iyini injongo yokuphila?” nothi “Yini eyokwenzeka ngemva kokufa?” ISweden yaziwa njengezwe elingenandaba kangako nenkolo. Noma kunjalo, “le mibuzo iyaphakama,” kusho ummeleli wenhlangano yabafundi abangamaKristu okunguye owenza le nhlolo-vo. “Intsha iyacabanga ngemibuzo efana nale.”
Ukukhubazeka Emzimbeni Kwandisa Injabulo Emshadweni
Abacwaningi bathi: “Kubo bobabili abesilisa nabesifazane—kungakhathaliseki ubudala babo—kubikwa ukuthi bajabula kakhudlwana emshadweni ngemva kokukhubazeka. Ukungakwazi ukwenza izinto zansuku zonke kungacindezela kodwa kungabahlanganisa abashadile. Amadoda asekhulile ngokuyinhloko abika ukuthi asenesikhathi esengeziwe asichitha nomkawo. UKaren Roberto, ongumqondisi we-Center for Gerontology eVirginia Tech, e-U.S.A. uthi: “Ukwenza umsebenzi wokunakekela nemithwalo yemfanelo okungenzeka kusha noma osekugxilwe kukho kakhudlwana kunangaphambili emshadweni, kunikeza amadoda ithuba lokusekela futhi achithe isikhathi esengeziwe nomkawo futhi ekugcineni kuthuthukise ukwazisa ngobuhlobo babo.”