Ungaphumelela Nakuba Ungumzali Ongayedwa
KUTHIWA ukube imikhaya enabazali ababili ibiyisilwane, ibiyoba isilwane esisengozini yokuqothulwa. Cabanga: Kunabazali abangabodwa abangaphezu kwezigidi ezingu-13 e-United States nje kuphela, iningi labo omama. Ucwaningo lubonisa ukuthi ingxenye yezingane zakuleli zwe ziyochitha ingxenye ethile yesikhathi sobusha bazo emkhayeni onomzali oyedwa.
Uma ungumzali ongayedwa, qiniseka ukuthi umkhaya wakho ungaphumelela. Zama ukusebenzisa ukusikisela okulandelayo.
◼ Gwema amagama angakhi asetshenziswayo. IBhayibheli lithi: “Zonke izinsuku zohluphekile zimbi; kodwa onenhliziyo enhle unedili njalo.” (IzAga 15:15) Kuyiqiniso ukuthi ukuphila kwakho kungase kungafani nedili. Kodwa njengoba leli vesi libonisa, ukujabula kuyinto esuka enhliziyweni hhayi ezimweni zomuntu. (IzAga 17:22) Akusizi ngalutho ukubheka izingane zakho njengezingenakusasa noma umkhaya wakho njengongenathemba. Amagama anjalo ayokudumaza futhi ayokwenza kube nzima ngawe ukufeza imisebenzi yakho yokuba umzali.—IzAga 24:10.
Ukusikisela: Yenza uhlu lwezinkulumo ezingakhi ozisebenzisayo lapho uchaza isimo sakho, bese ubhala eceleni kwalolo hlu inkulumo eyakhayo ezothatha indawo yengakhi. Ngokwesibonelo, esikhundleni sethi: “Anginakukubekezelela lokhu” bhala ethi “Ngiyakwazi ukusingatha imithwalo yami njengomzali ongayedwa, futhi ngingaluthola usizo engiludingayo.”—Filipi 4:13.
◼ Hlela indlela yokusebenzisa imali. Imali iba yinkinga enkulu kubazali abangabodwa—ikakhulukazi omama. Kodwa, ezimweni ezithile ukucindezeleka ngokwezimali kungancishiswa ngokuba nendlela esebenzayo yokusebenzisa imali. Isaga seBhayibheli sithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Ukuze ugweme “inhlekelele” engokwezimali, ukuhlela nokucabanga kusengaphambili kubalulekile.
Ukusikisela: Bhala phansi indlela ozoyisebenzisa ngayo imali. Bhala izindleko zenyanga futhi uthole ukuthi imali yakho izokwenzani. Hlolisisa ukuthi uyisebenzisa kanjani imali. Ingabe uthembele kakhulu ekuthengeni ngesikweletu? Ingabe uthengela izingane zakho izinto ukuze uvale isikhala sokungabikho komzali wesibili? Uma izingane zakho sezikhule ngokwanele, hlala phansi nazo nihlele indlela eningonga ngayo imali. Kuyoba indlela enhle yokuziqeqesha. Futhi zingase zibe nanamacebiso ambalwa ezindlela zokonga!
◼ Sebenzelana ngokuthula nalowo owawushade naye. Uma nobabili ninelungelo lokuba ingane ihlale kini, qaphela ukuba ungakhulumi kabi ngomuntu owawushade naye enganeni yakho—noma uyisebenzise njengenhloli ezokutholela ukuthi kuqhubekani ekuphileni kwakhe—akukuhle lokho.a Kuhle kakhulu ukuzama ukuba nokusebenzelana okuhle nowawushade naye endabeni yokunikeza isiyalo noma enye into ethinta inhlalakahle yengane yenu. IBhayibheli lithi: ‘Yenza konke okusemandleni akho ukuba uhlale ngokuthula nabo bonke abantu’—kuhlanganise nowawushade naye.—Roma 12:18, Today’s English Version.
Ukusikisela: Uma ngesikhathi esilandelayo kuphakama ukungezwani, phatha owawushade naye njengomuntu osebenza naye. Emsebenzini, ulwela ukuba nokuthula nawo wonke umuntu—ngisho nalabo ongabathandisisi kahle. Naye kufanele umphathe kanjalo. Ngeke nihlale nivumelana ngaso sonke isikhathi, kodwa akufanele lokho kuhlale kubangela ingxabano.—Luka 12:58.
◼ Yiba yisibonelo esihle. Zibuze: ‘Yiziphi izindinganiso nezimo zengqondo engifuna zifundwe yizingane zami? Ingabe ngiyazibonisa lezo zindinganiso nezimo zengqondo ekuphileni kwami?’ Ngokwesibonelo, ingabe ungumuntu ohlala ejabule, naphezu kokuba umzali ongayedwa? Noma ingabe uvumela izimo zikwenze ube nombono ongemuhle ngokuphila? Ingabe usacasukile ngenxa yendlela owaphathwa ngayo owawushade naye? Noma ingabe uyakwazi ukunqoba ukungabi nabulungisa ongenakukulawula? (IzAga 15:18) Kuyavunywa, azilula lezi zinto, futhi ngeke ukwazi ukubhekana nazo ngokuphelele. Noma kunjalo, izingane zakho ziyoba nesimo sengqondo osibonisayo ngokuphila.
Ukusikisela: Bhala izimfanelo ezintathu ongathanda ukuba ingane yakho ngayinye ibe nazo lapho isikhulile.b Eceleni kwayo, bhala lokho ongakwenza manje ukuze ubeke isibonelo esiyoyisiza ingane ukuba ibe naleyo mfanelo.
◼ Zinakekele wena. Uma ukuphila kumatasa, kulula kakhulu ukuvumela umzimba nempilo yakho kuwohloke. Ungaweli kulolo gibe! Kubalulekile ukwanelisa ‘isidingo sakho esingokomoya!’ (Mathewu 5:3) Khumbula—imoto engenawo uphethiloli ngeke ifike ndawo. Nawe ngokufanayo ngeke ufike ndawo uma ungaziniki isikhathi “sokuthela uphethiloli.”
Kukhona ‘isikhathi sokuhleka nesokutshakadula.’ (UmShumayeli 3:4) Ukuvivinya umzimba akukhona ukuchitha isikhathi. Kuyakuqabula futhi kuvuselele namandla akho ukuze ukwazi ukuqhubeka njengomzali ongayedwa.
Ukusikisela: Khuluma nabanye abazali abangabodwa ngokuthi bazinakekela kanjani. Nakuba ‘uqiniseka ngezinto ezibalulekile,’ ungakwazi yini ukusebenzisa isikhashana nje ngesonto wenza into oyithandayo? (Filipi 1:10) Bhala lokho ongathanda ukukwenza nokuthi ungakwenza nini.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka isihloko esithi “Umkhaya Ohlukene—Umphumela Wesehlukaniso Entsheni,” emakhasini 18-21 alo magazini.
b Ezinye ongazicabangela “inhlonipho,” “ukucabangela,” “nokuthethelela,” okuxoxwe ngazo emakhasini 6-8 alo magazini.