Imfihlo 1: Beka Izinto Eziza Kuqala
‘Qiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu.’—Filipi 1:10.
Okushiwo yilokhu. Emishadweni ephumelelayo, ngamunye kubantu abashadile ubeka izidingo zashade naye ngaphambi kwezakhe, impahla, umsebenzi, abangane ngisho nezinye izihlobo. Abashadile bachitha isikhathi esiningi bendawonye futhi benezingane zabo. Bobabili bayazimisela ukudela okuthile ukuze kuzuze umkhaya.—Filipi 2:4.
Kungani kubalulekile? IBhayibheli likugcizelela kakhulu ukubaluleka komkhaya. Empeleni, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi umuntu ongabondli abakwakhe “mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, umbono womuntu ngezinto eziza kuqala ungase ushintshe. Ngokwesibonelo, omunye umeluleki wemikhaya waphawula ukuthi iningi lalabo ababesengqungqutheleni ayeyihlelile babebonakala begxile kakhulu emsebenzini wokuziphilisa kunasemkhayeni. Uthi kwakunjengokungathi balindele ukufunda “izindlela ezisheshayo zokuxazulula izinkinga” ukuze ‘baxazulule izinkinga zomkhaya ngokushesha’ khona bezokwazi ukugxila emisebenzini yabo yokuziphilisa. Sifundani? Kulula ukusho ukuthi sibeka umkhaya kuqala kunokukwenza.
Zama lokhu. Hlaziya umbono wakho ngezinto eziza kuqala, usebenzisa le mibuzo elandelayo njengesiqondiso.
◼ Uma engishade naye noma ingane bedinga ukukhuluma nami, ingabe ngibanika lelo thuba ngokushesha?
◼ Uma ngikhuluma nabanye ngezinto engizenzayo, ingabe ngokuvamile ngizithola ngixoxa ngezinto engizenza nomkhaya wami?
◼ Ingabe ngingakwenqaba ukusingatha eminye imithwalo (emsebenzini noma kwenye indawo) uma umkhaya wami udinga isikhathi sokuba nami?
Uma uphendula ngoyebo kule mibuzo engenhla, ungase ucabange ukuthi izinto eziza kuqala uzibeka endaweni efanele. Kodwa owakwakho nezingane bangathini bona ngawe? Indlela esizibona ngayo thina akuyona kuphela esinganquma ngayo ukuthi senza izinto eziza kuqala zize kuqala. Lesi simiso esifanayo siyiqiniso futhi nangezinye izimfihlo zempumelelo esizoxoxa ngazo emakhasini alandelayo.
Zenzele isinqumo. Cabanga ngendlela eyodwa noma ezimbili ongabonisa ngazo ukuthi umkhaya wakho uza kuqala. (Ngokwesibonelo: Cabangela ukunciphisa ukwenza izinto okungenzeka zithatha isikhathi obungasisebenzisa kangcono ngokusichitha noshade naye nezingane.)
Kungani ungaxoxi ngesinqumo sakho nabomkhaya? Lapho ilungu lomkhaya libonisa ukuthi lizimisele ukushintsha, namanye athambekela ekwenzeni okufanayo.
[Isithombe ekhasini 3]
Umzali ophumelelayo ubeka ashade naye nezingane zakhe kuqala