Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/09 kk. 14-16
  • Impilo Yobuvila Yebheja

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Impilo Yobuvila Yebheja
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Aba Nezinzwane Ezimbili, Ezintathu, Umbala Oluhlaza Futhi Ayabanda
  • Liyangcongoya Uma Lidla
  • Lihlale Lilenga
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2009
  • Ingabe Asisenandaba Nesono?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Yini Oyaziyo Ngamazinga Okushisa?
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Zikhona “Izono Ezinkulu Eziyisikhombisa”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 7/09 kk. 14-16

Impilo Yobuvila Yebheja

“SHESHA thatha ikhamera yakho!” Ngabiza udadewethu njengoba ngangibona ibheja eliluhlaza ehlokozini elaliphambi kwami. Sahleka uma siqaphela ukuthi sasingekho isizathu sokuphuthuma—ibheja esinye sezilwane ezinwabuzela kakhulu emhlabeni.

Ukuze ngifunde okwengeziwe ngalesi silwane esincelisayo, ngavakashela e-Zoo Ave eLa Garita de Alajuela, eCosta Rica. Le ndawo ayiyona nje i-zoo, iyisikhungo sokuvikelwa, ukwelashwa nokubuyiselwa endle kwezilwane zakule ndawo. Lapho, ngahlangana noShirley Ramírez, owayengumqondisi oshisekayo wabacwaningi e-Zoo Ave. Wangithatha saya lapho kuhlala khona ibheja okuthiwa uPelota, okuyigama leSpanish elisho “ibhola.” Empeleni ibheja, lingazisonga libe yibhola lapho lilala. UPelota uyibheja elinezinzwane ezimbili ezilingana nezenja encane, unoboya obuyimvukumvuku, nekhala elimile namehlo amakhulu ansundu acwebezelayo.

Ucwaningo engalwenza lwangibonisa ukuthi amabheja ayizilwane ezithanda ukuba zodwa futhi azala izinyane elilodwa ngonyaka. Izinyane lebheja linamathela kunina phakathi namasonto okuqala amane kuya kwayisithupha kuze kube yilapho lilunyulwa khona, kodwa lingase libelethe esiswini sikanina izinyanga ezinhlanu kuya kweziyisishiyagalombili ngemva kwalokho. Phakathi nalesi sikhathi unina ufunza leli zinyane ngomlomo, amaqabunga agayeka kalula. Kamuva, izinyane libe seliqala ukuzinqampunela lona amaqabunga lisabelethe kunina. Phakathi nalesi sikhathi esenezinyane lakhe, unina ulijwayeza indawo encane elizohlala kuyo.

Aba Nezinzwane Ezimbili, Ezintathu, Umbala Oluhlaza Futhi Ayabanda

Ngathola ukuthi ibheja engangilibone ehlathini kwakungelinezinzwane ezintathu. Lalinamehlo amnyama, umsila omfushane, noboya obuqinile, imilenze yalo yangaphambili imide kuneyangemuva, nebala elincane elisagolide emahlombe. Lolu hlobo lwebheja lunamathambo omhlandla angu-9 entanyeni, okulenza likwazi ukuphendula ikhanda ngama-degree angu-270 lapho lifuna amaqabunga eliwathandayo. Kodwa kungani libonakala linombala oluhlaza? UShirley uyachaza, “Umbala oluhlazana uwulwelwe oluba seziboyeni zebheja.”

Ngokungafani namabheja anezinzwane ezintathu, elinezinzwane ezimbili linezinyawo ezilinganayo. Uboya balo bude, bunsundu ngokusagolide futhi buthambile.

Ibheja lichitha isikhathi salo esiningi lithamele ilanga phezulu esiqongweni semithi ehlathini. Izinga lokushisa lomzimba walo lingashintsha kusukela kuma-degree angu-24 ebusuku kuya kwangu-33 emini—okuyizinga lokushisa eliphakeme kunelanoma yisiphi esinye isilwane esincelisayo. Ibheja linezicubu ezincane kangangokuba alikwazi ukuqhaqhazela ukuze lizigcine lifudumele. Yingakho ngokuvamile lapho lilele lizisonga libe yibhola, ukuze lilondoloze ukushisa. Uboya balo obufushane obulele bulisiza ukuba livalele ukushisa. Ibheja lingalala amahora angu-20 ngosuku!

Liyangcongoya Uma Lidla

Njengoba ukugayeka kokudla esiswini kudinga ukushisa komzimba ukuze amagciwane asebenze nokudla kuvunde, izinga eliphansi lokushisa komzimba webheja lenza ukuba ukudla kuthathe isikhathi eside ukugayeka. Kungathatha inyanga ukuba amaqabunga agayeke adlule ezigabeni ezihlukahlukene zezisu zebheja ngaphambi kokuba adlulele emathunjini amancane. Phakathi nenkathi yezimvula eba nezinsuku ezibandayo zilandelana, amabheja angabulawa yindlala kodwa isisu sibe sigcwele ukudla. UShirley uyachaza, “Kumabheja ukufudumala okuvela elangeni kubaluleke kakhulu ekugayekeni kokudla.”

UShirley uyanezela: “Njengomqaphi wale ndawo onakekela izilwane futhi ahlanze namakheji azo, mangisho ukuthi into engiyithanda kakhulu ngamabheja ukuthi azikhulula futhi achame kanye ngesonto! Uma sekufanele enze lokho, ayehla ambe umgodi abese egqiba indle yawo. Ayikho enye into ayenzela phansi ngaphandle kwale.”

Lihlale Lilenga

Cishe yonke into eyenziwa amabheja—ukudla, ukulala, ukukhwelana nokuzala—akwenza elenga ezihlahleni. Lezi zilwane ezincane ezincelisayo uMdali wazo waziklama ngokuhlakanipha okukhulu ukuze ziphile ngokulenga ezihlahleni. Lesi silwane sibambelela ngeminwe nangezinzwane ezinezinzipho ezingamasentimitha angu-7, ezigaxela emagatsheni nasezihlahleni ezithambile. Ukuze isikhumba sebheja singamanziswa yizimvula, ngisho noboya balo bukhula bubheke phansi! Uboya obusesiswini bukhula bubheke ngasemgogodleni—okuyinto ephambene nezilwane ezihamba phansi—bese amanzi emvula ezigingqikela nje. Nakuba ibheja liyisilwane esingavamile futhi esingakwazi ukuhamba kahle emhlabathini, lapho liphezu kwamagatsha lihamba kahle kancane. Kuyamangaza ukuthi ibheja liyingcweti yokubhukuda!

Ikuphi okunye engakufunda ngalesi silwane esithulayo esihlala esiqongweni sezihlahla? Zimbili izinto engaziphawula. Okokuqala, ibheja linamandla amangalisayo okusinda lapho lilimele ngisho nalapho lidle isilinganiso esithile sikashevu obungazibulala ezinye izilwane ezincelisayo. Izilonda ezimbi ziphola ngokushesha, futhi azivamile ukubhibha. Ngakho, ukuqonda kangcono indlela umzimba wamabheja ozivikela ngayo kungasiza ocwaningweni lwezokwelapha. Okwesibili, abantu abahlale bephuthuma futhi becindezelekile bangakuthola kuzuzisa ukulingisa ijubane lebheja ngezinga elithile nempilo yalo yokungatatazeli.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 15]

“UMAMUKELI WEZIHAMBI OMUHLE KAKHULU”

Umbala oluhlaza oseboyeni bebheja ubangelwa ubudlelwane obuzuzisa nhlangothi zombili, ulwelwe oluphakathi kwesiqu ngasinye soboya bezilwane ezincelisayo. Ibheja livumela lolu lwelwe lukhule kulo bese lona lisiza ngokulinikeza izakhi ibheja elizithola ngokuzikhotha uboya noma zimuncwe isikhumba. Umbala oluhlaza ngokumpunga wenza ibheja libukeke njesihlekehleke samahlamvu omile alenga egatsheni—okuyindlela ekahle kakhulu yokucasha ehlathini! Futhi uma ibheja liphila isikhathi eside, liba luhlaza nakakhulu!—Inikelwe

[Imithombo]

Top right: © Michael and Patricia Fogden; bottom: © Jan Ševčík

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela