Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Ufuna Ube Isicebi?
“Usuku olusha uNkulunkulu angiphe lona! Ngizoba isicebi!”
“Nginamaphupho amakhulu—ngenxa yokuthi konke okusezulwini kunamaphupho amakhulu.”
“UNkulunkulu usinika amandla okuthola ingcebo.”
“Ngiyachuma ngenxa yale Ncwadi [iBhayibheli].”
LA MAZWI aveza umbono wamaqembu ahlukahlukene enkolo athi ingcebo yezinto ezibonakalayo iyisibusiso sikaNkulunkulu. Afundisa ukuthi uma wenza okufanele phambi kukaNkulunkulu, uzokunika amandla okuthola izinto ezinhle kulokhu kuphila aphinde akuvuze kamuva. Le mfundiso yenkolo ikhanga abantu abaningi, futhi izincwadi eziyikhuthazayo zithengwa ubuthaphuthaphu. Kodwa ingabe le “mfundiso yokuchuma” ivumelana neBhayibheli?
Kuyiqiniso ukuthi uMdali wethu, iBhayibheli elithi ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ ufuna ukuba sithole ukuphila okujabulisayo nokuphumelelayo. (1 Thimothewu 1:11; IHubo 1:1-3) Ngaphezu kwalokho, uyababusisa abamthokozisayo. (IzAga 10:22) Kodwa kithina namuhla, ingabe leso sibusiso sibonakala ngokuchuma ngezinto ezibonakalayo? Impendulo iba sobala uma siqonda ukuthi sikuphi nohlelo lwezikhathi ngokwenjongo kaNkulunkulu.
Ingabe Yisikhathi Sokuceba?
Esikhathini esidlule, uJehova uNkulunkulu wabusisa ezinye zezinceku zakhe ngengcebo yezinto ezibonakalayo, futhi inzalamizi uJobe neNkosi uSolomoni bayizibonelo ezinhle zalokho. (1 AmaKhosi 10:23; Jobe 42:12) Kodwa iningi labanye abantu abesaba uNkulunkulu lalinokuncane, kuhlanganise uJohane uMbhapathizi noJesu Kristu. (Marku 1:6; Luka 9:58) Liyini iphuzu lalokhu? NgokweBhayibheli, uNkulunkulu usebenzelana nezinceku zakhe ngokuvumelana nenjongo yakhe ngazo ngaleso sikhathi. (UmShumayeli 3:1) Leso simiso sisebenza kanjani kithina namuhla?
Isiprofetho seBhayibheli sembula ukuthi siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto,’ noma “ezinsukwini zokugcina” zaleli zwe lamanje. Le nkathi yayiyoba nezimpi, izifo, indlala, ukuzamazama komhlaba nokuwohloka kwesimilo emphakathini—izimo eziye zahlukumeza isintu ngezinga elingakaze libonwe kusukela ngonyaka ka-1914. (Mathewu 24:3; 2 Thimothewu 3:1-5; Luka 21:10, 11; IsAmbulo 6:3-8) Ngamanye amazwi, leli zwe, njengomkhumbi ontengantengayo, selizocwila! Ngenxa yalawo maqiniso, bekungaba nengqondo yini ukuba uNkulunkulu abusise ngayinye yezinceku zakhe ngengcebo yezinto ezibonakalayo, noma ingabe ubeyoba nokuthile okubaluleke ngaphezu kwalokho afuna sikwenze?
UJesu Kristu waqhathanisa isikhathi sethu nezinsuku zikaNowa. Wathi: “Njengoba babenjalo ngalezo zinsuku zangaphambi kukazamcolo, bedla, bephuza, amadoda eshada nabesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi benganakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.” (Mathewu 24:37-39) UJesu wabuye waqhathanisa izinsuku zethu nezinsuku zikaLoti. Omakhelwane bakaLoti eSodoma naseGomora ‘babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala futhi bakha.’ “Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini kwababhubhisa bonke,” kusho uJesu, enezela: “Kuyoba ngendlela efanayo nangalolo suku lapho kwambulwa iNdodana yomuntu.”—Luka 17:28-30.
Ngokuqinisekile, akukho okungalungile ngokudla, ukuphuza, ukushada, ukuthenga nokuthengisa. Ingozi isekugxileni kakhulu kulezi zinto size singakunaki ukuphuthuma kwezikhathi. Ngakho zibuze, ‘Ingabe uNkulunkulu ubeyobe enomusa kithi uma esibusisa ngazo zonke izinto ebeziyokwenza ukuphila kwethu kuphazamiseke?’a Ngokuphambene nalokho, ubeyobe uyasilimaza. Leyo akuyona indlela uNkulunkulu wothando enza ngayo!—1 Thimothewu 6:17; 1 Johane 4:8.
Isikhathi Sokusindisa Ukuphila!
Kulesi sikhathi esibucayi emlandweni wesintu, abantu bakaNkulunkulu banomsebenzi ophuthumayo okufanele bawenze. UJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) OFakazi BakaJehova bawathatha ngokungathí sina lawo mazwi. Ngenxa yalokho, bakhuthaza omakhelwane babo ukuba bafunde ngalo Mbuso nalokho okufunwa uNkulunkulu ukuze bathole ukuphila okuphakade.—Johane 17:3.
Nokho, uNkulunkulu akalindele ukuba izinceku zakhe ezithembekile zizincishe injabulo. Kunalokho, ufuna ukuba zaneliseke ngezidingo zokuphila ukuze zigxile ekumkhonzeni. (Mathewu 6:33) Yena-ke, uyoqiniseka ukuthi izinto ezibonakalayo ezizidingayo ziyaneliswa. EyamaHebheru 13:5 ithi: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, naneliswe izinto ezikhona. Ngoba [uNkulunkulu] uthé: ‘Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.’”
UNkulunkulu uzosifeza leso sithembiso ngendlela ephawulekayo lapho elondoloza “isixuku esikhulu” sabakhulekeli beqiniso ekupheleni kwesimiso samanje sezinto asingenise ezweni elisha lokuthula nokuchuma kwangempela. (IsAmbulo 7:9, 14) UJesu wathi: ‘Ngizele ukuba babe nokuphila [abalandeli bakhe abathembekile] futhi babe nakho ngokuchichimayo.’ (Johane 10:10) Lokho ‘kuphila okuchichimayo’ akubhekiseli ekuphileni kokuchuma ngezinto ezibonakalayo manje, kodwa ekuphileni okuphakade ePharadesi ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu.—Luka 23:43.
Ungamukeli okuyize ngokukhohliswa yilokho okuthiwa imfundiso yokuchuma, empeleni okuyimfundiso eyisiphazamiso. Kunalokho, lalela amazwi kaJesu othando kodwa aphuthumayo: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, ngokungazelelwe lolo suku lunifice ngaso leso sikhathi, njengogibe.”—Luka 21:34, 35.
[Umbhalo waphansi]
a Njengasekhulwini lokuqala, amanye amaKristu athembekile namuhla acebile. Nokho, uNkulunkulu uwaxwayisa ukuba angathembeli engcebweni yawo noma aphazanyiswe yiyo. (IzAga 11:28; Marku 10:25; IsAmbulo 3:17) Kungakhathaliseki ukuthi sicebile noma simpofu, sonke kufanele sigxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu.—Luka 12:31.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
◼ Manje yisikhathi esimisiwe sani?—Mathewu 24:14.
◼ UJesu waqhathanisa isikhathi sethu nesikhathi sabaphi abantu baseBhayibhelini?—Mathewu 24:37-39; Luka 17:28-30.
◼ Yini okumelwe siyigweme uma sifuna ukuzuza ukuphila okuphakade?—Luka 21:34.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Lokho okuthiwa imfundiso yokuchuma, empeleni kuyimfundiso eyisiphazamiso