Ilungiselelo Elikhethekile Lesintu
ABANTU badinga okungaphezu komoya, ukudla namanzi. Ukuze sijabule ngempela, kudingeka sanelise isidingo sethu esingokomoya. Kudingeka sazi injongo yokuphila, ukuthi kungani silapha. Ngenxa yalokho, uJesu Kristu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.
UNkulunkulu usisize ukuba sanelise leso sidingo ngencwadi engcwele esakazwa kakhulu kunazo zonke emhlabeni, iBhayibheli Elingcwele, manje elitholakala liphelele noma liyingxenye ngezilimi ezingaba ngu-2 400. (2 Thimothewu 3:16) IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu wadala indawo yonke nakho konke okuphilayo emhlabeni. (Genesise, isahluko 1 no-2) Lisitshela nokuthi wahlukanisa imisebenzi yakhe yokudala yaba “izinsuku” eziyisithupha ezingokomfanekiso, noma izinkathi ukulandelana kwazo okuvumelana nezigaba eziyinhloko zesikhathi somlando esifakazelwa ososayensi.
IBhayibheli lembula nenjongo kaNkulunkulu ngesintu. Leyo njongo ishiwo kumaHubo 37:29: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” Phawula ukuthi abalungile—abaqotho ngokokuziphatha nangokomoya—bayophila phakade, hhayi ezulwini, kodwa emhlabeni. Yiqiniso, umhlaba ngeke usaba iplanethi engcolisiwe njengoba unjalo namuhla. Kunalokho, uyoba ipharadesi lomhlaba wonke.—IHubo 104:5; Luka 23:43.
Ulwazi Oluholela Ekuphileni
Lelo Pharadesi liyoba yizinhlobo ezimbili—elingokoqobo nelingokomoya. U-Isaya 11:9 uthi: “Umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.” Lolo lwazi olugxiliswe ezinhliziyweni zabantu, lushukumisa amaKristu eqiniso ngisho namanje ukuba aphile ngokuthula nangokuzwana. Ngaphezu kwalokho, awathatha ngokujulile amazwi uJesu awasho emthandazweni: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Uma ungathanda ukufunda okwengeziwe ngethemba elichazwe eBhayibhelini, oFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza mahhala.a
[Umbhalo waphansi]
a Ungase uthintane noFakazi BakaJehova engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org.