Indlela I-pizza Ethandwa Ngayo
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ITALY
INKOSI uFerdinand I (1751-1825) kuthiwa yayizifihla izenze sengathi ingumuntu ovamile nje bese ivakashela abantu abahluphekayo baseNaples. Kungani yayizifihla? Okunye ukulandisa kuthi yayifuna ukuzitika ngokudla indlovukazi eyayingakufuni nakancane esigodlweni—i-pizza.
Ukube uFerdinand ubesaphila namuhla, ubengeke abe nenkinga yokuzitika ngalokhu kudla. Njengamanje, kunezindawo ezidayisa i-pizza ezingaba ngu-30 000 e-Italy, futhi unyaka ngamunye zikhiqiza ama-pizza anele ukupha isakhamuzi ngasinye angu-45!
Isiqalo Esiphansi
Kungenzeka ukuthi i-pizza yaqala eNaples cishe ngo-1720. Ngaleso sikhathi, i-pizza yayiwukudla kwabampofu ngokuyinhloko, “ukudla okusheshayo” okwakudayiswa futhi kudlelwe ngaphandle. Abadayisi babehamba umgwaqo nomgwaqo bememeza bekhangisa ngalesi sidlo esehl’ esiphundu. I-pizza yayifakwa esitsheni sethusi okuthiwa i-scudo, umdayisi ayesithwala ekhanda, ukuze ihlale ifudumele.
INkosi uFerdinand I yagcina isibazisile abasesigodlweni ukuthi iyayithanda i-pizza. Ngokushesha ngemva kwalokho, lesi sidlo sasemgwaqweni esehl’ esiphundu sathandwa kakhulu kangangokuba nezicebi nabasebukhosini baqala ukutheleka ezindaweni esenziwa kuzo. Umzukulu kaFerdinand, iNkosi uFerdinand II, waze wakha uhhavini obaselwa ngezinkuni engadini yeSigodlo saseCapodimonte ngo-1832. Ngokwenza kanjalo, wayekwazi ukugcina izivakashi zakhe zasebukhosini zijabule.
Ingabe I-pizza Inomsoco?
Namuhla, i-pizza iwukudla okuyintandokazi entsheni, kodwa isixwayiso siyafaneleka. Ukuze kuthiwe inomsoco, i-pizza kufanele yenziwe ngezithako ezinempilo ezinama-carbohydrate, amaprotheni namafutha futhi ezinothe ngamavithamini, amaminerali nama-amino acid. Kutuswa ukuba namafutha omnqumo afakwe kuyi-pizza. Akhuthaza ukwakheka kwe-HDL, echazwa ngokuthi “uhlobo olufanele lwamafutha asegazini olusiza ekuhlanzeni imithambo yegazi.”
Ngaphezu kwalokho, uma i-pizza iphekwe kahle, ayivamile ukubangela ukuqunjelwa. Ngokwengxenye, lokhu kungenxa yokuthi ama-carbohydrate akufulawa athola umswakama owanele lapho kuxovwa inhlama nalapho ikhukhumala. Phakathi naleso sikhathi, ukuba khona kwama-carbohydrate ayinkimbinkimbi kwenza i-pizza isuthise, okwenza ngisho nomuntu ozifelayo ngayo angaminzi.
Ngokuzayo lapho uzitika nge-pizza, khumbula isiqalo sayo esiphansi. Futhi jabula ngokuthi iNkosi uFerdinand I ayizange ikugcine kuyimfihlo ukuthi iyayithanda i-pizza.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 27]
◼ I-pizza iphekeka kahle kuhhavini obaselwa ngezinkuni. Isisi esiba khona lapho iphekwa siyenza ibe nephunga elimnandi, kuyilapho umloshana ongaphansi kwayo uyenza yehle esiphundu.
◼ Ngo-1990 kwenziwa i-pizza eyindilinga enkulu kunawo wonke emhlabeni. Yayingamamitha angaphezu kwangu-37 ubukhulu, isisindo sayo singaphezu kwamakhilogremu angu-12 000!
◼ Isiko lasendulo lokushwila nokuphenduphendula inhlama ye-pizza emoyeni alenzelwa ukubukisa nje. Ukwenza kanjalo kwenza inhlama ibe isicaba esinamaphethelo akhukhumele—okuyisinkwa esihle kakhulu sokwenza i-pizza!
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 26]