Ukubuka Okwezwe
◼ Ingosi yoFakazi BakaJehova esemthethweni (www.watchtower.org) manje inikeza ukwaziswa ngezilimi ezingu-314. Ngonyaka odlule, le ngosi yavakashelwa abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-22—isilinganiso sabantu abangaphezu kuka-60 000 nsuku zonke.
◼ “Inselele yokutholela bonke abantu amanzi anele futhi aphephile ingenye yezinselele ezinkulu kakhulu izwe elibhekene nazo namuhla. . . . Ngokuvamile, lapho sidinga khona amanzi sithola izibhamu.”—UBAN KI-MOON, UNOBHALA-JIKELELE WE-UN.
Injabulo Nempilo
Sekuyisikhathi eside kucatshangwa ukuthi abantu abajabule nabanesimo esihle sengqondo bavame ukuba nempilo engcono kunabantu abacindezelekile, abangenabungane noma abangenathemba. Kolunye ucwaningo lwamuva nje, abacwaningi baphetha ngokuthi abantu “abeneme” banezinga eliphansi le-cortisol—i-hormone yokucindezeleka engabangela ukugula okuhlukahlukene uma ihlala isezingeni eliphakeme. Abantu abanjalo babuye babe namazinga aphansi “amaprotheni amabili enza umzimba wonke uvuvukale.” NgokukaDkt. Andrew Steptoe wase-University College, eLondon, “isimo semizwelo asibangelwa nje ufuzo, kodwa sixhomeke ebuhlotsheni nabanye nokwaneliseka ekuphileni.”
Ukuhlola Inyanga Ngemishini Yobuchwepheshe
Sekungamakhulu eminyaka amaSulumane ehlola umkhathi ukuze abone ukwethwasa kwenyanga kaRamadan abese eqala uMkhosi Wokuzila Ukudla. Ngokuvamile, kwezinye izindawo kwakudingeka ahlole umkhathi ngeso lenyama, bese umholi wenkolo azisa amakholwa. Kodwa kule minyaka embalwa edlule, abefundisi abathile baye bagunyaza ukusetshenziswa kwezindlela zobuchwepheshe obuphambili. Izazi zezinkanyezi zase-Iran, zibambisene nabefundisi abaqinisekisa lokho okubonakala emkhathini, sebesebenzisa izibona-khulu eziphambili, imishini ebona ebumnyameni, kanye nezindiza ezinemishini yokuthwebula ephambili. Uma besheshile ukubona ukuthwasa kwenyanga, khona-ke iholidi lisheshe liqale.
Izinsana Ezinamakhono Okusebenzelana Nabanye Abantu?
Abacwaningi baseYale University, e-U.S.A. bathi ngisho nezinsana ezincane ezinezinyanga eziyisithupha ziba “nekhono lokwahlulela abantu zingakakwazi nokukhuluma.” Izinsana ezinezinyanga eziyisithupha kuya kweziyishumi zabukela ithoyizi elinamehlo amakhulu lizama ukukhuphuka emagqumeni, kuyilapho amanye elisiza noma elisunduzela emuva. I-Houston Chronicle ithi izinsana “zabe sezinikwa amathoyizi ukuze kuhlolwe ukuthi zizokhetha maphi. Cishe zonke izinsana zakhetha ithoyizi elalibe usizo esikhundleni salawo ayelisunduza.” Ngakho ngokwezinga elithile, “ngisho nezinsana ziyawubona umehluko phakathi kwezingane ezigangile nezilungile, futhi ziyazi ukuthi kufanele zikhethe ziphi,” kusho iphephandaba.
“Ukomela Amanzi Asemabhodleleni”
I-U.S.News & World Report ithi: “Ukomela amanzi asemabhodleleni kwabantu baseMelika kubonakala kungapheli, ngoba kubalelwa emabhodleleni angaba yizigidi eziyizinkulungwane ezingu-30 ngonyaka.” Lo magazini uthi kodwa abantu abaningi abaphuza la manzi abaqapheli ukuthi amanzi asemabhodleleni athathwe kumpompi nje, ngakho “noma ubani okhetha amanzi asemabhodleleni esikhundleni [samanzi] kamasipala ngenxa yezizathu zempilo ukhohlisiwe.” Amanzi kampompi emazweni amaningi ayahlolwa ukuze kuqinisekwe ukuthi ahambisana nemithetho esezingeni eliphezulu. Futhi uma kuqhathaniswa namanzi “emba eqolo” asemabhodleleni, amanzi kampompi “cishe atholakala mahhala!”