Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/08 k. 26-k. 28 isig. 5
  • Ngingayithuthukisa Kanjani Imithandazo Yami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingayithuthukisa Kanjani Imithandazo Yami?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuvula “Umnyango”
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Indlela Yokuthola Usizo Ngomthandazo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 11/08 k. 26-k. 28 isig. 5

Intsha Iyabuza

Ngingayithuthukisa Kanjani Imithandazo Yami?

“Njengoba unezingcindezi eziningi kangaka esikoleni, emsebenzini, noma nabangane nomkhaya, ngezinye izikhathi uyamkhohlwa umuntu obaluleke kakhulu—uNkulunkulu.”—UFaviola wase-United States, oneminyaka engu-15.

“THANDAZANI ningaphezi.” (1 Thesalonika 5:17) “Phikelelani emthandazweni.” (Roma 12:12) “Izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu.” (Filipi 4:6) Uma ungumKristu, cishe uyazi kahle leyo miBhalo. Cishe uyaqaphela nokuthi umthandazo uyindlela yokukhulumisana emangalisa kunazo zonke ezikhona. Cabanga nje—nganoma isiphi isikhathi emini noma ebusuku, ungakhuluma noNkulunkulu uMninimandla onke! IBhayibheli lithi: “Uyasizwa.”a—1 Johane 5:14.

Noma kunjalo, njengosemusha ocashunwe ekuqaleni, ungase ukuthole kuyinselele ukuthandaza. Uma kunjalo, yini ongayenza? Lesi sihloko sizokusiza ukuba (1) uthole ukuthi siyini isithiyo, (2) uzibekele umgomo mayelana nemithandazo yakho, futhi (3) uvule “umnyango” ukuze ukwazi ukufinyelela lowo mgomo.

Ake siqale sithole ukuthi siyini isithiyo. Yini okuthola kuyinselele ngokukhethekile ukuthandaza ngayo?

Isinyathelo sakho esilandelayo ukuzibekela umgomo. Ngezansi, faka uqhwishi emgomweni wena ongathanda ukuwufinyelela, noma uwubhale emgqeni oseceleni kwelithi “Okunye.”

  • Ngingathanda ukuthandaza njalo.

  • Ngingathanda ukwenza imithandazo yami ihlukahluke.

  • Ngingathanda ukuba imithandazo yami isuke ekujuleni kwenhliziyo.

  • Okunye ․․․․․

Ukuvula “Umnyango”

Umthandazo unjengomnyango ongawuvula noma nini. Nokho, intsha eningi ingathi ayiwuvuli njalo lo mnyango noma ayikhululeki ukuwuvula. Uma kunjalo ngawe, ungadikibali! Usuyitholile inselele futhi wazibekela umgomo. Okudingayo manje isihluthulelo sokuvula umnyango. Cabangela ezinye zezithiyo ongase ubhekane nazo, kanye nokusikisela kokuthi ungazinqoba kanjani.

Ingidi: UKUDEBESELA.

“Ngezinye izikhathi ngenxa yesimiso sami esimatasa, ngiyawudebeselela umthandazo.”—UPreeti waseBrithani, oneminyaka engu-20.

Isihluthulelo: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.”—Efesu 5:15, 16.

Ukusikisela: Khetha isikhathi esingaba kahle sokuthandaza usuku ngalunye, kusengaphambili. Ungasibhala naphansi, njengoba ungabhala into ethile okufanele uyikhumbule. UYoshiko waseJapane oneminyaka engu-18 ubudala, uthi: “Uma ngingabeki isikhathi esiqondile sokuthandaza, ngiba matasa ngezinye izinto.”

Ingidi: IZIPHAZAMISO.

“Angikwazi ukugxilisa ingqondo, futhi kubonakala sengathi icabanga ngezinye izinto ngaphandle kwalokho engikushoyo.”—UPamela waseMexico, oneminyaka engu-17.

Isihluthulelo: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.”—Mathewu 12:34.

Ukusikisela: Uma ingqondo yakho ivame ukuzula lapho uthandaza, zama ukusho imithandazo emifushane—okungenani kuze kube yilapho usukwazi ukugxilisa ingqondo emthandazweni. Nanti elinye icebiso: Thandaza ngezinto ezikukhathaza kakhulu. UMarina waseRussia, oneminyaka engu-14 ubudala, uthi: “Njengoba ngangiya ngikhula, ngaqala ukuzindla ngeqiniso lokuthi umthandazo empeleni uwukukhuluma noNkulunkulu. Lokhu kwangikhuthaza ukuba ngimthululele isifuba sami.”

Ingidi: UKUBA NESIMISO.

“Uma ngithandaza, ngiye ngizithole ngithemeleza.”—UDupe waseBenin, oneminyaka engu-17.

Isihluthulelo: “Ngokuqinisekile ngizozindla ngawo wonke umsebenzi wakho, futhi ngizozikhathaza ngezenzo zakho.”—IHubo 77:12.

Ukusikisela: Uma kubonakala sengathi imithandazo yakho iphindaphinda into eyodwa, bhala phansi isibusiso ositholayo ekuphileni kwakho usuku ngalunye. Khona-ke, bonga uJehova ngaleso sibusiso. Qhubeka wenza lokhu isonto lonke, futhi uyobe usuthandaze ngezindaba ezingu-7 ezihlukene ngaphandle kokuphindaphinda. Yenza okufanayo ngezenzakalo zansuku zonke. UBruno waseBrazil, oneminyaka engu-21 ubudala, uthi: “Uma ngithandaza, ngizama ukugxila ezintweni ezenzeke ngalolo suku.” USamantha wase-United States, oneminyaka engu-18, naye wenza okufanayo. Uthi: “Ngizama ukukhumbula konke okwenzeke namuhla okuhlukile kokwezinye izinsuku, bese ngithandaza ngalezo zinto. Lokho kungisiza ukuba ngingathemelezi.”b

Ingidi: UKUNGABAZA.

“Ngake ngathandaza ngenkinga ethile esikoleni, kodwa ayizange iphele. Empeleni, kwaphakama izinkinga ezengeziwe. Ngacabanga, ‘Kungani ngiqhubeka ngithandaza? UJehova akangilaleli!’”—UMinori waseJapane, oneminyaka engu-15.

Isihluthulelo: “Kanye naleso silingo [uJehova uNkulunkulu] uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.”—1 Korinte 10:13.

Ukusikisela: Kunento eyodwa eqinisekile: UJehova ‘unguMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Ngakho ngemva kokuthandaza ngodaba oluthile, zama ukuba nombono ophelele ngesimo. Esikhundleni sokulindela impendulo oyifunayo, bheka okungenzeka isikhona kakade. Iqiniso lokuthi usakhuthazela njengomKristu lisho ukuthi kungenzeka uJehova usewuphendulile umthandazo wakho—hhayi ngokususa inkinga kodwa ngokukunika amandla okuyikhuthazelela.—Filipi 4:13.

Ingidi: AMAHLONI.

“Uma ngicabanga ngalokho izingane engifunda nazo ezizokusho uma zingibona ngithandaza ngaphambi kokudla, ngiba namahloni.”—UHikaru waseJapane, oneminyaka engu-17.

Isihluthulelo: “Kukhona . . . isikhathi esifanele sazo zonke izinto esifuna ukuzenza.”—UmShumayeli 3:1, Beck.

Ukusikisela: Nakuba ukuthandaza ngenhliziyo kungase kuphawuleke njengento enhle, akudingeki ukuzenza umbukwane lapho uthandaza obala. Ngokwesibonelo, umthandazo omfushane kaNehemiya othembekile phambi kweNkosi u-Aritahishashita wenziwa buthule, kodwa akukho bufakazi bokuthi inkosi yabona nokubona ukuthi uNehemiya uyathandaza. (Nehemiya 2:1-5) Nawe ungathandaza buthule kuJehova ngaphandle kokuzidonsela amehlo abantu.—Filipi 4:5.

Ingidi: UKUZIZWA UNGAFANELEKI.

“UJehova uyazazi kakade izinkinga zami. Uma sengikhathele yizo, ngiba nomuzwa wokuthi naye cishe usekhathele yizo! Ngizizwa ngingakufanelekeli nje nhlobo ukukhuluma naye ngezinye izikhathi.”—U-Elizabeth wase-Ireland, oneminyaka engu-20.

Isihluthulelo: ‘Phonsa zonke izinkathazo zakho kuNkulunkulu, ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.

Ukusikisela: Njengengxenye yesifundo sakho somuntu siqu, yenza ucwaningo futhi uzindle ngemiBhalo elandelayo: Luka 12:6, 7; Johane 6:44; Hebheru 4:16; 6:10; 2 Petru 3:9. La mavesi ayokusiza uqaphele ukuthi uJehova uyafuna ukukulalela nokuthi akudingeki ukuba ube isidlakela esingokomoya ukuze akulalele. Umhubi uDavide—owayekwazi ukuthi kunjani ukuba nezinkinga nokucindezeleka—wazwakalisa ithemba lokuthi “uJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”c—IHubo 34:18.

Iqiniso lokuthi uJehova uqobo olalela imithandazo yakho libonisa ukuthi unesithakazelo kuwe. UNicole wase-Italy, oneminyaka engu-17, uthi: “UJehova akakuphathisanga izingelosi ukulalela imithandazo yethu. Kusobala ukuthi njengoba eyilalela mathupha imithandazo yethu, kumelwe ukuba uyibheka njengebalulekile.”

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

“Umthandazo unjengencwadi yangasese yezenzakalo, efundwa nguwe noJehova kuphela.”—U-Olayinka waseNigeria.

“Ake uzicabange unomngane omkhulu osumuphe izipho eziningi. Ngolunye usuku, lo mngane uyayeka ukukhuluma nawe. Yileyo ndlela okumelwe ukuba uJehova uzizwa ngayo uma siyeka ukuthandaza kuye.”—UChinta wase-Australia.

“Bengilokhu nginomuzwa wokuthi akulungile ukuveza imizwelo yami. Ilungelo lomthandazo lingisize ukuba ngiqaphele ukuthi akuyona into embi ukujabula nokudumala nokudideka nokuveza leyo mizwa kuJehova. Manje ngiyakwazi ukubhekana nemizwelo yami ngendlela enempilo nezuzisayo.”—U-Amber wase-United States.

Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

a Ngenxa yokuthi ukuzwa koMdali akuxhomekile emazeni omsindo, ‘angezwa’ ngisho namazwi esiwasho ngenhliziyo.—IHubo 19:14.

b Bheka esithi “Umbono WeBhayibheli: UNkulunkulu Uzibheka Kanjani Izinto Ezisiza Ekukhulekeleni?” ekhasini 18.

c Uma unomuzwa wokuthi imithandazo yakho iyathiyeka ngoba wenzé isono esingathí sina, kufanele ukhulume nabazali bakho. Futhi, ‘[cela usizo] emadodeni amadala ebandla.’ (Jakobe 5:14) Abadala bangakusiza ukuba uvuselele ubuhlobo bakho noNkulunkulu.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

  • Yiziphi ezinye zezinto uJehova azikhathalelayo ongase uthandaze ngazo?

  • Yiziphi ezinye zezindaba ezithinta abanye ongase uthandaze ngazo kuJehova?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela