Umbono WeBhayibheli
Unjani UNkulunkulu?
“UNKULUNKULU unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumelwe bamkhulekele ngomoya nangeqiniso,” kuchaza iBhayibheli. Lawo mazwi embula iqiniso eliyisisekelo ngokuthi uNkulunkulu unjani—ungumoya! (Johane 4:19-24) Noma kunjalo, eBhayibhelini uchazwa njengomuntu. Igama lakhe nguJehova.—IHubo 83:18.
Abanye abafundi beBhayibheli baye baveza ukuthi badidekile ngokuthi uNkulunkulu unjani. Njengoba uNkulunkulu engumoya ongabonakali, esikhundleni sokuba umuntu wenyama, kungani kunezindima eziningi kangaka eBhayibhelini ezikhuluma ngaye njengokungathi unamehlo, izindlebe, ikhala, inhliziyo, izingalo, izandla, iminwe nezinyawo?a Abanye bangase baphethe ngokuthi uNkulunkulu unomzimba womuntu ngenxa yokuthi iBhayibheli lithi umuntu wadalwa ngomfanekiso waKhe. Ukuhlolisisa lokho iBhayibheli elikushoyo kungaqeda ukudideka okunjalo.—Genesise 1:26.
Kungani Enezimfanelo Ezinjengezabantu?
Ukuze basize abantu ukuba baqonde ukuthi uNkulunkulu unjani, abalobi beBhayibheli baphefumulelwa nguNkulunkulu ukuba basebenzise izimfanelo zabantu ekuchazeni uMninimandla onke. Izazi zithi lokho laba balobi abakuloba “kumchaza njengokungathi unomzimba noma izimfanelo ezinjengezabantu.” Lokhu kuveza ukulinganiselwa kwenkulumo yabantu ekuchazeni uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Inhloso kwakuwukuveza izinto zasezulwini ngezindlela abantu abangaziqonda. Lokhu akusho ukuthi kufanele sithathe lezo zinkulumo njengoba zinjalo, njengoba nje singenakukuthatha njengoba kunjalo ukubhekisela kweBhayibheli kuNkulunkulu ngokuthi “uyiDwala,” “ilanga,” noma “isihlangu.”—Duteronomi 32:4; IHubo 84:11.
Ngokufanayo, ukuze lidlulisele umqondo wokuthi umuntu ulinganiselwe ezimfanelweni anazo uJehova azibonakalisa ngokuphelele, iBhayibheli lithi umuntu wadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ngokusobala, alisho ukuthi abantu bawumoya noma ukuthi uNkulunkulu unomzimba womuntu.
Ingabe UNkulunkulu Ungumuntu Wesilisa Noma Wesifazane?
Njengoba nje ukuchaza uNkulunkulu njengonezimfanelo zabantu kungafanele kuthathwe njengoba kunjalo, ukuchaza uNkulunkulu njengomuntu wesilisa akufanele kuthathwe njengoba kunjalo. Ukuhlukanisa abantu ngobulili kulinganiselwe ezidalweni ezinomzimba wenyama futhi kuyindlela yolimi eveza ukulinganiselwa kolimi lwabantu ekumchazeni ngokugcwele uNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova.
Ukusebenzisa kweBhayibheli inkulumo ethi “Baba” kusisiza ukuba siqonde ukuthi uMdali wethu angafaniswa nobaba ongumuntu onothando, ovikelayo nokhathalelayo. (Mathewu 6:9) Lokhu akusho ukuthi kufanele sibheke uNkulunkulu, nanoma isiphi esinye isidalwa somoya ezulwini, njengowesilisa noma owesifazane. Bona abanakuhlukaniswa ngobulili. Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli libonisa ukuthi labo ababizelwa ukuba izindlalifa kanye noKristu eMbusweni wasezulwini abalindele ukulondoloza ubulili babo lapho bekhazinyuliswa njengamadodana kaNkulunkulu omoya. Umphostoli uPawulu wabakhumbuza ukuthi “akekho owesilisa noma owesifazane” phakathi kwabo lapho beba amadodana kaNkulunkulu omoya akhazinyulisiwe. Futhi bachazwa ngenkulumo engokomfanekiso “njengomlobokazi” weWundlu, uJesu Kristu. Konke lokhu kubonisa ukuthi ukuchazwa kukaNkulunkulu—kanye neNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu, nezinye izidalwa zomoya—njengabanezimfanelo zabantu akufanele kuthathwe njengoba kunjalo.—Galathiya 3:26, 28; IsAmbulo 21:9; 1 Johane 3:1, 2.
Ngenxa yokuthi babeyiqonda ngokunembile indima yowesilisa, abalobi beBhayibheli basebenzisa ubulili bendoda lapho bekhuluma ngoNkulunkulu. Babona endodeni eyifeza kahle indima yayo ukubonakaliswa okufanele kwesithakazelo sikaJehova sothando njengobaba ezinganeni zakhe zasemhlabeni.—Malaki 3:17; Mathewu 5:45; Luka 11:11-13.
Imfanelo KaNkulunkulu Evelele
Nakuba engumoya, uMbusi ophakeme akayena umuntu ozazisayo, oyimfihlakalo, noma okungenakukhulunywa naye. Ukuthi ungumoya akuwona umgoqo abangenakudlula kuwo abantu abanenhliziyo elungile, abafuna ukwazi futhi bazise uthando lwakhe, amandla, ukuhlakanipha, nobulungisa bakhe, izimfanelo ezichaza nobuntu bakhe futhi ezibonakala endalweni.—Roma 1:19-21.
Kodwa ubuntu bukaNkulunkulu bungafingqwa ngemfanelo yakhe evelele, ewuthando. Uthando lwakhe luvelele kangangokuba kuthiwa uwukwenziwa samuntu kwalo. (1 Johane 4:8) Le mfanelo ihlanganisa ezinye izimfanelo zobuntu bakhe, njengesihe, intethelelo nokubekezela. (Eksodusi 34:6; IHubo 103:8-14; Isaya 55:7; Roma 5:8) Ngempela uJehova unguNkulunkulu wothando osimemayo thina bantu ukuba sisondele kuye.—Johane 4:23.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo, bheka uGenesise 8:21; Eksodusi 3:20; 15:8; 31:18; 1 Samuweli 8:21; Jobe 40:9; IHubo 10:17; 18:9; 34:15; IzAga 27:11; Hezekeli 8:17; Zakariya 14:4; Luka 11:20; Johane 12:38; Roma 10:21; neyamaHebheru 4:13.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
◼ Lingubani igama likaNkulunkulu?—IHubo 83:18.
◼ Singabutholaphi ubufakazi bezimfanelo zikaNkulunkulu?—Roma 1:19-21.
◼ Iyiphi imfanelo kaNkulunkulu evelele?—1 Johane 4:8.