Ingabe Yaklanywa?
Ingcina Yesigcilikisha
◼ Ososayensi bamangazwa yikhono lesigcilikisha lokubambelela ezindaweni ezishelelayo—ngisho nokugijima ophahleni lwangaphakathi olubushelelezi—singasheleli! Lesi sigcilikisha esincane sikwenza kanjani lokhu?
IBhayibheli lithi isigcilikisha “sibambelela ngezandla zaso.” (IzAga 30:28) Ngempela, izinyawo zesigcilikisha zifana nezandla, futhi zibambelela zithi né ngokumangalisayo ezindaweni ezibushelelezi. Uzwane ngalunye lunemifantu enezinkulungwane zeziboya ezincane. Isiboya ngasinye sona sinamakhulukhulu emicu emincane engabonakali ngeso. Amandla aphakathi kwamangqamuzana (okuthiwa ama-van der Waals force) akhishwa yile micu anamandla okuthwala isisindo sesigcilikisha—ngisho nalapho sihamba sibheke phansi efasiteleni!
Abacwaningi bafuna ukwenza ingcina enamathela ezintweni ezibushelelezi, njengezinyawo zesigcilikisha.a Umagazini i-Science News uthi phakathi kokunye, le ngcina “ingasetshenziswa ngezindlela ezihlukahlukene kwezokwelapha, kusukela ekwenzeni amabhandeshi angaqaqeki noma emanzi kuya kuyi-tape engasetshenziswa esikhundleni sokuthunga lapho umuntu ehlinzwa.”
Ngemva kokucabangela le ndatshana, ucabangani? Ingabe ingcina yesigcilikisha yavela ngengozi? Noma yaklanywa?
[Umbhalo waphansi]
a Ososayensi bahlola neprotheni ekhishwa yizimbaza, eyenza lezi zilwane zangaphansi kwamanzi zibe nekhono lokunamathela ezindaweni ezimanzi.
[Isithombe ekhasini 26]
Ingaphansi lesigcilikisha i-“tokay”
[Isithombe ekhasini 26]
Iziboya ezincane zonyawo lwesigcilikisha
[Imithombo Yezithombe ekhasini 26]
Gecko: Breck P. Kent; close-up: ©Susumu Nishinaga/Photo Researchers, Inc.