Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/07 k. 12-k. 14 isig. 21
  • Ngingazigwema Kanjani Izithombe Ezingcolile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingazigwema Kanjani Izithombe Ezingcolile?
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzihlola
  • Uvame ukuzithola kuphi ngokuvamile?
  • Ukugqashula
  • Kungani Kufanele Ngigweme Izithombe Ezingcolile?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Kungani Kufanele Ugweme Izithombe Ezingcolile?
    Intsha Iyabuza
  • Ngiwumlutha Wezithombe Zobulili Ezingcolile
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 12/07 k. 12-k. 14 isig. 21

Intsha Iyabuza . . .

Ngingazigwema Kanjani Izithombe Ezingcolile?

“Umfana othile esikoleni wayenesithombe sentombazane enqunu emnyango wekhabethe lakhe. Leli khabethe lalingekude kakhulu kwelami.”—URobert.a

“Ngangenza ucwaningo lombiko wesikole kuyi-Internet lapho ngizithela engosini enezithombe ezingcolile.”—U-Annette.

NGESIKHATHI abazali bakho besalingana nawe, abantu ababefuna ukubona izithombe ezingcolile kwakufanele bazifune. Namuhla, kubonakala sengathi izithombe ezingcolile zifuna wena. NjengoRobert, ocashunwe ngenhla, amehlo angase azithele ezithombeni ezingcolile ezigcinwe ngenye yezingane ofunda nazo esikoleni. Noma, njengo-Annette, ungase ushayisane nazo kuyi-Internet. Intombazane ethile eneminyaka engu-19 ithi: “Ngezinye izikhathi ngisuke ngibuka izingosi noma ngithenga kuyi-Internet noma nje ngibheka izitatimende zasebhange bese kuthushuka izithombe ezingcolile!”b

Lokhu akuyona into engavamile. Kokunye ukuhlola, intsha engamaphesenti angu-90 eneminyaka ephakathi kwengu-8 nengu-16 yathi yayike yazithela ezithombeni ezingcolile kuyi-Internet—ngokuvamile lapho yenza umsebenzi wesikole! Iqiniso liwukuthi njengoba sekunezigidi zezingosi ze-Internet eziqukethe amakhulu ezigidi zezithombe eziveza ubulili ingcaca, izithombe ezingcolile sezitholakala kalula kunanini ngaphambili. Zingatholakala ngisho nangomakhalekhukhwini. UDenise oneminyaka engu-16 ubudala uthi: “Zithandwa kabi esikoleni sethu. NgoMsombuluko, kubonakala sengathi kuxoxwa ngokuthi, ‘Ufake ziphi izithombe kumakhalekhukhwini wakho ngempelasonto?’”

Njengoba wazi ukuthi abantu abaningi kangaka babuka izithombe ezingcolile, ungase uzibuze, ‘Ingabe zimbi ngempela?’ Impendulo inguyebo, ngenxa yezizathu eziningana. Cabangela nje ezintathu:

◼ Izithombe ezingcolile zilulaza kokubili abazikhiqizayo nalabo abazibukayo.—1 Thesalonika 4:3-5.

◼ Ukuthanda izithombe ezingcolile kuwukulingisa ukuba nenkanuko edlulele yobulili kwemimoya emibi yosuku lukaNowa.—Genesise 6:2; Jude 6, 7.

◼ Ukubuka izithombe ezingcolile ngokuvamile kuyisinyathelo esiholela ezonweni ezingokobulili.—Jakobe 1:14, 15.

Izithombe ezingcolile zinemiphumela emibi kulabo abahuhwa yizo. Cabangela nje izibonelo ezimbili:

“Ngaqala ukubuka izithombe ezingcolile ngisemncane kakhulu, futhi kwaba nzima ngempela ukugqashula kuzo. Sekudlule iminyaka, kodwa lezo zithombe azisuki enkumbulweni yami. Kubonakala sengathi zihlala zikhona engqondweni, futhi awubi nonembeza ohlanzeke ngempela. Izithombe ezingcolile zikwenza uzinyeze futhi zingakushiya unomuzwa wokuthi ungcolile futhi awuyinto yalutho. Uhlale usindwa umthwalo onzima oyimfihlo.”—U-Erica.

“Ngangiwumlutha wezithombe ezingcolile iminyaka eyishumi, kodwa sengineminyaka engu-14 ngagqashula kuzo. Kodwa namanje, kuseyimpi yansuku zonke. Lesi sifiso, nakuba sesidambile, sisekhona. Lisekhona ilukuluku. Izithombe zisekhona engqondweni. Ngifisa sengathi ngabe angiyiqalanga le nkambo embi. Ekuqaleni zazibonakala zingeyona ingozi. Kodwa manje sengazi kangcono. Izithombe ezingcolile ziyalimaza, ziyihlazo, futhi zilulaza abazenzayo nabazibukayo. Kungakhathaliseki ukuthi abazitusayo bathini, akukho lutho—ngisho noluncane—oluhle ngezithombe ezingcolile.”—UJeff.

Ukuzihlola

Ungakugwema kanjani ukuzithela ezithombeni ezingcolile, ngisho nalapho ungahlosile? Okokuqala, hlaziya isimo.

Uvame kangakanani ukuzithela ezithombeni ezingcolile ngengozi?

□ Angikaze □ Ngezikhathi ezithile

□ Masonto onke □ Nsuku zonke

Uvame ukuzithola kuphi ngokuvamile?

□ Kuyi-Internet □ Esikoleni

□ Kuyi-TV □ Kwenye indawo

Ingabe kunendlela evamile ozithola ngayo?

Cabangela izibonelo ezilandelayo:

Ingabe ofunda nabo esikoleni kungenzeka bakuthumelele izithombe ezingcolile nge-E-mail noma ngomakhalekhukhwini? Ukwazi lokhu kungase kukushukumisele ukuba usule imiyalezo yabo ngaphandle kokuyifunda.

Lapho usebenzisa i-Internet, ingabe kuvela imiyalezo ezivulekelayo lapho ubhala amagama athile wenza ucwaningo? Ukwazi ukuthi lokhu kungenzeka kungakusiza ukuba ufake amagama athile ngokuqondile kuphela lapho ucwaninga.

Ngezansi, bhala izimo ezaholela ekuboneni izithombe ezingcolile.

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

Ngenxa yezimo ezingenhla, yini ongayenza ukuze unciphise izikhathi ozithela ngazo ezithombeni ezingcolile ungahlosile? (Bhala okucabangayo lapha.)

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

Wenzenjani uma uzithela ezithombeni ezingcolile?

□ Ngiyazivala ngokushesha.

□ Ilukuluku lingenza ngizibuke isikhashana.

□ Ngiyaqhubeka ngizibuka ngize ngifune ezinye.

Uma ufake uqhwishi empendulweni yesibili noma yesithathu, imuphi umgomo ongazibekela wona kule ndaba?

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

Ukugqashula

Abanye abazithela ezithombeni ezingcolile bengahlosile baba nelukuluku, futhi ngokuhamba kwesikhathi, babe nomkhuba wokuzibuka. Ukugqashula kulo mkhuba akulula. UJeff, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Ngaphambi kokuba ngifunde iBhayibheli, ngake ngasebenzisa cishe zonke izidakamizwa eziyingozi. Kodwa kuzo zonke izinto ezake zangilutha, izithombe ezingcolile kwakuyizona okunzima kakhulu ukugqashula kuzo.”

Uma usuwele emkhubeni wokubuka izithombe ezingcolile, ungalilahli ithemba. Ungaluthola usizo. Kanjani?

◼ Qonda lokho izithombe ezingcolile eziyikho ngempela. Ziwumzamo kaSathane wokululaza lokho uJehova akudala ukuba kuhlonipheke. Ukuqonda lokhu ngezithombe ezingcolile kuyokusiza ukuba ‘uzonde okubi.’—IHubo 97:10.

◼ Cabanga ngemiphumela. Izithombe ezingcolile zibhidliza imishado. Zilulaza abesifazane namadoda. Zilulaza umuntu ozibukayo. Ngesizathu esihle, iBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Bhala isibonelo esisodwa ngezansi senhlekelele engase ikuvelele uma unomkhuba wokubuka izithombe ezingcolile.

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

◼ Yenza isinqumo esiwujuqu. Indoda ethembekile uJobe yathi: “Ngifungile ukuthi anginakulokotha ngibuke intombazane ngiyikhanukele.” (Jobe 31:1, Today’s English Version) Ngezansi ‘kunezifungo’ ezimbalwa ongazenza:

□ Ngeke ngiyisebenzise i-Internet uma ngingedwa endlini.

□ Ngizoyivala ngokushesha yonke imiyalezo noma izingosi ezibonisa ubulili ingcaca.

□ Ngizoxoxa nomngane ovuthiwe uma ngiba nale nkinga futhi.

Sikhona yini esinye isinqumo noma ezimbili ocabanga ukuthi zingakusiza empini yakho nezithombe ezingcolile? Uma kunjalo, zibhale ngezansi.

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

◼ Thandaza ngalolu daba. Umhubi wathandaza kuJehova: “Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo.” (IHubo 119:37) Kuyavunywa, kungaba nzima ukumelana nokuthile okukhanga inyama enesono. Kodwa uJehova uNkulunkulu ufuna ukuba uphumelele, futhi angakunika “amandla angaphezu kwavamile” ukuze ukwazi ukwenza okulungile!—2 Korinte 4:7.

◼ Xoxa nothile. Ingabe unamahloni? Mhlawumbe! Kodwa cabanga ngendlela oyokhululeka ngayo lapho usuthulule isifuba. Umuntu othulula isifuba kuye angaba ‘njengomfowenu ozalelwe isikhathi sosizi.’ (IzAga 17:17) Ukukhetha umuntu ozomthululela isifuba ngokuvamile kuyisinyathelo esibalulekile sokugqashula kulo mkhuba!

Uma unomkhuba wokubuka izithombe ezingcolile, bhala ngezansi igama lomuntu ovuthiwe ongazizwa ukhululekile ukuxoxa naye ngalolu daba.

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

Qiniseka ukuthi ungaphumelela empini yakho nezithombe ezingcolile. Empeleni, isikhathi ngasinye lapho uzifulathela, usuke unqobe impi enkulu. Tshela uJehova ngalokho kunqoba, futhi umbonge ngamandla akunike wona. Khumbula njalo ukuthi ngokugwema uhlupho lwezithombe ezingcolile, wenza inhliziyo kaJehova ithokoze!—IzAga 27:11.

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Imibhalo yaphansi]

a Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

b Inkulumo ethi izithombe ezingcolile ibhekisela ezintweni eziveza ubulili ingcaca eziklanyelwe ukuvusa inkanuko kozibukayo, kozifundayo, noma kozilalele. Zingahlanganisa izithombe kanye nezinto ezibhaliwe nezilalelwayo.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Izithombe ezingcolile ziyilulaza kanjani into ehloniphekile?

◼ Yiziphi izinyathelo ezingokoqobo ezingakuvikela ezithombeni ezingcolile?

◼ Ungayisiza kanjani ingane yakini ebe nenkinga yezithombe ezingcolile?

[Isithombe ekhasini 12, 13]

Ingabe ofunda nabo esikoleni kungenzeka bakuthumelele izithombe ezingcolile ngomakhalekhukhwini?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela